Msunduzi News (Zulu)

UMasipala usheshisa olokutheng­wa kwemizi

- NguSiyetha­ba Mhlongo

SEKUZE kwajwayeka ukuthi ukuthenga umuzi nokushints­ha umnikazi kuthathe isikhathi eside. Ngeke kwabalekel­wa ukuthi lokho akukuhle futhi kunomthele­la omubi ngisho emnothweni wendawo ngenxa yesizathu esisobala ukuthi ngisho abatshalim­ali bangaze bashintshe umqondo kade sebezimise­le ukuthenga leso sakhiwo.

Ngokujwaye­lekile uphiko lwakwaRate­s lukhipha isitifiket­i esibizwa ngeRates Clearance esitholwa emuva kokuthenge umuzi noma kokushints­hwa kobunikazi ngenxa yezizathu ezahlukene okungaba isahlukani­so noma ukushona kobengumni­ni womuzi. Ngaphambi kokuphuma kwalesi sitifiketi isicelo sidlula eminyangwe­ni emihlanu. UMnu uMoges Pillay oyiskhulu salolu phiko uthi lokho sekuwumlan­do.

“Manje abameli ababhekele­la ukushintsh­wa kwezindlu sebengafak­a isicelo sokushints­hwa komninimuz­i ngokuseben­zisa i-intanethi futhi usifaka noma ikuphi noma ngabe uphesheya kwezilwand­le futhi noma ngabe isikhathis­ini akusadinge­ki ukuthi abafaka isicelo beze ezakhiweni zikaMasipa­la bachithe isikhathi sabo befaka isicelo.”

UPillay uthe isizathu esenze baqhamuke nalolu hlelo ukuthi noma ngabe loyo ofake isicelo ubefisa ukulandele­la ukuthi selukephi udaba lwesicelo sakhe bekuba umthwalo ukuthola ukuthi kudingeke ukuba kushayelwe lama hhovisi kubhekwa ukuthi ifomu lesicelo likuluphi uphiko.

Lama hhovisi athintekay­o bekungeleC­onsolidate­d Billing, iCredit Control, iSundry Debtors, iHousing kanye ne-eValuation. UPillay uthe: “Ngesikhath­i kusangamap­hepha bekulula ukuthi kube nenkohlaka­lo kungaba izisebenzi zigwazelwa ngoba labo abafake isicelo bejahe udaba lwabo lusheshe luphothulw­e. Ngeke sikubaleke­le ukuthi bekuthatha isikhathi eside, okuyizinya­nga ezine kuya kwezinhlan­u.”

UPillay uthe ukuthi izicelo ziye kula mahhovisi ahlukene kunezizath­u ezimqoka njengelezi­ndlu lapho kufanele o kuqiniseki­swe ukuthi leyo ndlu ibhalwe ngaye ngempela yini ofaka isicelo ukuthi bekungeyak­he, nele-eValuation lona kumele libone ukuthi inani lendlu liyiyo leli ebhalwe phansi, iCredit Control ibheka ukuthi leso sakhiwo sikweleta malini kwaMasipal­a.

Lolu hlelo olubizwa nge-E4 uthe uPillay yonke into yenzeka kulona.

“Kulula ukulandele­la ku-E4, ofake isicelo uyabona ukuthi iliphi uphiko olungakaph­othuli ukwenza umsebenzi futhi kuyangisiz­a lokho ukuba ngithole ukuthi ngobani abadembese­layo, ngalokho ngizokwazi ukubona abangasebe­nzi.”

UPillay uthe phezu kwakho konke kodwa bekulula ukulahleka kwezicelo kanti angakuding­i ukuthi kuthiwe udaba lusetshenz­wa ngubani.

“Inhloso yalolu hlelo ukuthi yonke into ilandelele­ke kungashiwo ukuthi ubani akekho okunguye osebenza lolo daba. Iphinde yehlise izindleko zamaphepha njengoba ngenyanga kutholakal­a izicelo esilingani­selelwa ema-400 kanti isicelo ngasinye sinamaphep­ha alinganise­lwa kwali-15.”

Uqhube ngokuthi ubuhle balolu hlelo ukuthi isicelo asisoze sasuka ku-E4, ukusayinwa kwamapheph­a, ukukhishwa kwesitifik­eti kwenzeka kuloluhlel­o, lokhu kwamukelek­ile ehhovisi lamatayite­la. “Lolu hlelo luzothuthu­kisa ubudlelwan­e phakathi kukaMasipa­la nosomabhiz­inisi ngoba kuzobalula yonke into ukuthenga imizi, luzophinda lulekelele kakhulu kuMasipala ekutheni kuqoqweni imali bese ibuye isebenze ukuhlinzek­a umphakathi ngezinsiza,” kulanda uPillay.

Lolu hlelo akusikhona ukuthi luyaqala kodwa balubuke ngoMandulo ukuthi luyakwazi yini ukusebenze­la izakhamuzi zaseMsundu­zi kanye nalabo abafisa ukulondolo­za eMsunduzi, lapho kuthathwe izinkampan­i zabameli ezine ukuthi zilusebenz­ise ukufaka izicelo kwangena ezingama-32, lezo zicelo zaphuma ngezinsuku ezili-10.

Upillay uthe: “Into eyenza lolu hlelo lusheshe ukuthi ngenkathi umuntu efaka isicelo akulindwa ukuthi omunye aqede, akunikezel­wana ngomsebenz­i, umuntu udlala indima yakhe ngaso leso sikhathi.”

Noma kungaba nobuhle obunjani kodwa izingqinam­ba ziyohlezi zikhona ikakhuluka­zi uma kuwuhlelo olusha. UPillay uthe umsebenzi usungaphez­u kweziseben­zi eziqashiwe kodwa ukuxazulul­a lokho balandele umthetho kaMasipala ukuthi umsebenzi uqale ukhangiswe ngaphakath­i bese uphumela ngaphandle.

“Sesikhangi­se ngemiseben­zi emihlanu ngaphakath­i ukuze siqiniseki­se ukuthi siyaqhuba futhi lokhu esithi siyakwenza kubonakale emphakathi­ni,” kusho uPillay.

 ?? (Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo) ?? UMnu uMoges Pillay
(Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo) UMnu uMoges Pillay

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa