UMsunduzi nentuthuko yezokuvakasha kwaVulindlela
EZOKUVAKASHA zineqhaza elikhulu emnothweni wakuleli. Nyakenye ezokuvakasha zifake izigidigidi ezili-R139 kuGross Domestic Product (GDP) okungama-2, 8%.
UNgqongqoshe Wezokuvakasha uNkk uMmamoloko KubayiNgubane ngesikhathi kuvulwa indawo yokugcina amagugu eHowick kuqala unyaka, wanxusa izakhamuzi zaseMgungundlovu ukuba zenze izindawo zasemakhaya izizinda zokuvakasha, kanjalo nobuholi bendabuko benze okuthize ukuthi izindawo zabo zibe yingxenye kwezokuvasha. UMsunduzi usuphendulile kulesi sifiso sikaNgqongqoshe.
Uhlaka lwezokuvasha iMsunduzi Pietermaritzburg Tourism Association (MPTA) kanye noMsunduzi basezinhlelweni zokuthuthukisa idamu iHenly Dam njengendawo yokujabula njengengxenye yokwakha indlela yezokuvasha edlula kwaVulindlela, ngenhloso yokuthuthukisa le ndawo okubukeka ivaleleke ngaphandle kwezokuvakasha kanjalo nokufukula umnotho wasezindaweni zasemakhaya.
Ngesikhathi kuvakashelwa lezi zindawo uSihlalo wekomiti iSustainable Development and City Entities iKhansela uSibongile Mkhize, wthi kube nokuvumelana ukuthi indawo ikwaVulindlela ingakwazi ukuba isizinda sezokuvakasha kodwa amanye amaqembu abenokuthi mukhulu umsebenzi okusamele wenziwe njengoba nemigwaqo iyinkinga.
Imizi eyakhele leli damu ekanokusho nokho ingqalasizinda isalele emuva, imigwaqo iwubhuqu, amanzi ayahlushekelwa, ziningi izindawo okulahlwa kuzo ngokungemvume.
IKhansela uMkhize lithe: “Kuningi esingakwenza ngale ndawo kepha kumele sizinqobe lezi zingqinamba siqale ngomgwaqo. Ngeke sikwazi ukuthi silindele okunye ukuba kwenzeke ngaphandle kokuthi abantu bangene baphume kule ndawo.”
Liqhube ngokuthi lisazoqala lidingide udaba namalungu ekomiti bese lilibeka ezithebeni eMkhandlwini kuyimanxa lithinta iMnyango efanele phakathi kwayo okukhona oWezemvelo Nokuvakasha.
UMqondisi weMPTA, uMnu uDumisani Mhlongo, uthe bazodinga usizo ngokubiya idamu ukuze kulawuleke abantu abangena kule ndawo nokuthi bakwazi ukulungisela abantu abazodayisa.
Uthe lokhu kuzovikela umhlaba oseduze naleli damu kulabo abathanda ukuzithathela njengoba kusangenye yezinto uMsunduzi obhekene nazo. Uthe lo msebenzi uzohlanganisa isizinda sezokuvakasha esizoba nendima emqoka kumnotho wendawo.
Leli damu lizobe linikeza okuningi kuzakhamuzi kanjalo nalabo abavakashile, okunye okuzobe kwenzeka kulo ukusingatha imcimbi nalabo abathanda ukuhlala ngaphandle babuke imvelo. UMhlongo uthe le ndawo yokuvakasha izobe inikezela izivakashi ngolwazi ngezamasiko.
Uthe izivakashi zizokwazi ukuvakasha eNtembeni lapho okunethuna lesangoma esaduma kakhulu uNobhiyana Madondo, owayephila ngesikhathi seSilo uShaka. Le ndawo yaziwa ngemigubho eba minyaka yonke lapho kuvakashelwa lesi Sangoma uMadondo.
“Ezokuvakasha kwasemakhaya kuvulela izakhamuzi zakulezi zindawo ukuthi zithuthukise ezokuvakasha ukuhlinzeka uzinzo ezindaweni zabo kanjalo nentuthuko,” kusho iKhansela uMkhize.
UMnu uMoses Ndlela onendawo yokulala iHenley Guest House uthe: “Izakhamuzi zakule ndawo kade zaziyifuna intuthuko kodwa lokho abakucelayo kugcina ngokushabalala. Siyajabula ukuthi uMasipala uyabona ukuthi iDamu lingadlala indima emqoka ekuthuthukiseni umnotho waseMsunduzi kodwa konke kuqala ekutheni kuthuthukiswe ingqalasizinda.”
Uqhube ngokuthi bayazithola izivakashi eziqhamuka kuwo wonke amazwe omhlaba ezifika kule ndawo ngaphambi kwemijaho iMandela Day Marathon kodwa zifike ziphoxeke ukuthola ukuthi indawo yabo ayikathuthuki. Uthe ubugebengu buphezulu kule ndawo, kugqekezwa imizi nokuntshontshwa kwezimoto. “UMaspala kumele ukubukisise ukufaka amakhamera kuyo yonke imigwaqo ephumela kule ndawo ngoba izivakashi ngeke zifike uma zizizwa zingaphephile. Asikho isidingo sokuba nezinto ezinhle uma zingeke zithakaselwe,” kusonga uNdlela.