Northern Eyethu

Bahlomule ngamabhasi amasha abagibeli bePhathane

- Muzi Zincume no Thando Ndlovu

UMPHAKATHI wakwesakwa Mthethwa uh lo muleng am abh asia mas ha asebezowas­ebenz is a,kul and el aukut hi be se bekhale isikhathi eside ngamabhasi, abesemadal­a abebewaseb­enzisa.

Lezi zindaba ezimnandi zifike ngemuva kwesitelek­a, lapho umphakathi uqome khona ukumisa yonke into, kwaba nokungabon­i ngaso linye, okwaholela ekuboshwen­i kwamanye amalungu alomphakat­hi. Amanye amalungu omphakathi, namanje asengaphak­athi, kuze kube udaba lwawo luphothulw­a enkantolo mhlazane zingu 21 kulenyanga.

Ekhuluma nephephand­aba, oyiMenenja yenkampani iPhathane Transport, uMnu Manqoba Mdletshe unxuse umphakathi ukuthi, ubambisane nabo, ngokuthi uwaphathe kahle lamabhasi, ngoba angawawo futhi iwona owasebenzi­sayo.

Uphinde futhi wanxusa abagibeli ukuthi uma kunezinkin­ga, ucela ukuba behlale phansi bazilungis­e ngokuthula, nangokubam­bisana ukuze umsebenzi abawenzayo ube yimpumelel­o.

Ongusihlal­o wekomidi elimele abagibeli uMnu Saba Mthethwa, uncome kakhulu igalelo elikhonjis­we inkampani, ngokuthi uma benezikhal­azo njengompha­kathi basukumele phezulu, babhekane nazo.

Ube esephonsel­a abashayeli ukuthi babambisan­e nabagibeli, kuhlonishw­ane ukuze umsebenzi uhambe ngendlela enokuthula nempumelel­o.

Lokho kuyokwenza ukuthi kube nezithelo zokwenelis­ana kuyona yonke imikhakha.

Ugcine ngelokunxu­sa umphakathi ukuthi uwaphathe kahle lamabhasi, uphinde futhi uwavikele kuzona zonke izimo ez in gawaphaz am is a.

Commuters see new buses as a solution to transport problems

 ?? Thando Ndlovu ?? UMnu Manqoba Mdletshe oyimenenja kulenkampa­ni emi phambi kwamanye amabhasi azothutha umphakathi waKwesakwa­Mthethwa
Thando Ndlovu UMnu Manqoba Mdletshe oyimenenja kulenkampa­ni emi phambi kwamanye amabhasi azothutha umphakathi waKwesakwa­Mthethwa

Newspapers in English

Newspapers from South Africa