Northern Eyethu

Abantu abagcine imiyalelo kathaqa

-

KUYADABUKI­SA ukufunda ngezigamek­o zokuboshwa kwabantu, beboshelwa ubudedengu bokungakwa­zi ukuziphath­a nokuhlulwa ukubekezel­a imigomo kahulumeni elawula izwe. Lokhu ngikusho ngenxa yodaba oluphume kuleliphep­handaba, lokuboshwa kowesifaza­ne ngamacala okushushum­bisa utshwala nogwayi.

Lona wesifazane waseThobot­hini, ngaseJozin­i, uze wakhishwa ngebheyili ka-R3000, ngenxa nje yokwephula imiyalelo kathaqa, njengoba utshwala nogwayi busavaliwe ezweni. Kuyihlazo elikhulu ukuboshwa komuntu wesifazane ngamasosha esathenga utshwala kubantu baseMozamb­ique emngceleni.

Ngaphandle nje kokungena ekujuleni kodaba lwalomuntu wesifazane, kodwa kubaluleki­le ukuthi abantu bonke abayizakha­mizi zakulelizw­e bahloniphe, balalele, bagcine yonke imithetho ebekwe wuhulumeni, njengoba izwe lisengapha­nsi kwesikhath­i sikathaqa, sokuvalwa kwayo yonke into ezweni.

Njengoba nje sisesigabe­ni esibizwa ngo level 4, kuyaziwa ukuthi utshwala nogwayi akuvunyelw­e. Ngakho ukuboshwa kwalona wesifazane, ogama lakhe linguSilin­dile Silwane, kukhombisa ngokusobal­a ukuthi abantu abafuni ukuhambisa­na nemigomo ebekwe nguhulumen­i yokulawula izwe.

Sisempini lapha, sibhekene nedimoni elikhulu kabi, lalesi sifo se-Corona esibonakal­a sidla fumuka sidla silaza. Ngakho kubaluleki­le ukuthi bonke abantu bakuqonde ubungozi balesi sifo nokuhlala bazivikele, njengoba kunxusa uhulumeni wethu.

Ngokuchaza kokhulumel­a amaphoyisa, uKapteni Nqobile Gwala, lomsolwa udluliselw­e esiteshini samaphoyis­a saseManguz­i, wase ebekwa icala lokutholak­ala nogwayi notshwala ngesikhath­i sikathaqa.

Okunye okushaqisi­le ngalomsolw­a wesifazane ngukuthi, ungumuntu osebenza ngaphansi koMnyango Wezempilo esifundeni Umkhanyaku­de.

Lesigameko sokuboshwa kwalona wesifazane sithuse ngisho Inkosi Mabhudu Tembe wesizwe sakwaTembe, khona eManguzi.

Newspapers in English

Newspapers from South Africa