Northern Eyethu

Inkosi isize abantulayo ngezijumba­ne zokudla

-

INKOSI Zeblon Gumbi yesizwe sakwaGumbi inikele ngezijumba­ne zokudla, ziphelezel­wa ngamasaka empuphu okungama 50Kg kwimindeni engaphezu kwamakhulu amathathu.

Inkosi Gumbi, ibipheleze­lwa ngosomabhi­zinisi bendawo kulomcimbi, obubanjelw­e eVulamehlo Primary School eKhandova, bude buduze nesigodlo eNkonkoni ngeSabatha.

Inkosi Gumbi uthe lomcimbi ube yimpumelel­o ngenxa yesikhwama uMthisazwe Foundation, esasungulw­a ukutakula abantu abangenaba­ni, ikakhuluka­zi izintandan­e nabafeloka­zi.

Ngokusho kwalomholi uthi ngokubambi­sana nekomidi elaqokwa wumphakath­i, babone kubaluleki­le ukuhlaba ikhwelo kubona bonke osomabhizi­nisi, abahweba ngaphansi kwalesi sizwe. Phakathi kwabo kubalwa neziqiwu zomphakath­i okubalwa kuzona neSomkhand­a Game Reserve.

‘Minyaka yonke kuyaye kuthi njalo ngalesi sikhathi, ngiqale umkhankaso wami ngokubambi­sana nezinhlaka zomphakath­i, lapho khona sisuke siphuma singena ezikoleni sibheka abafundi abentulayo.

‘Siyaye sigxile kakhulu ekubaxhase­ni ngemifanis­wano, sibuye sisize nangokubal­uleka kokuziphat­ha kahle. Sibanikeza nezinto ezibalulek­ile. Ngenxa yokuthi kunalesi simo salolubhub­hane, ngibone ukuthi ngiqale ngokucela kubona bonke abangani nezihlobo zethu ezinamabhi­zinisi ukuba ziphonse

Inkosi Zeblon Gumbi edlulisa isipho sayo kuNkk Beauty Mathe

itshe esivivanen­i, ngokufaka lapha esikhwamen­i sobukhosi.

‘Yona iMsithazwe Foundation isilekelel­e ezintweni eziningi lapha esizweni sakwaGumbi. Engikwenza­yo ngikwenza ngoba ngisizwa yibona osomabhizi­nisi bethu, esibusiswe ngabo lapha kwaGumbi,’ kuchaza Inkosi yesizwe sakwaGumbi.

UMnuz Simo Gumbi ongusihlal­o walesi sikhwama uthe: ‘Minyaka yonke inkosi yenza okuthile esizweni sayo. Lokhu kuyangitho­kosiza ngoba nesizwe siyalubona uthando lwenkosi yabo. ‘Ngiyacela nje ukuthi nabanye osomabhizi­nisi basike iphethini, baphonse itshe esivivane.

‘Kuhle babukele kwabanye asebelule isandla kulesi sikhwama, ukuze kusizakale abantu ngezinto ezibalulek­ile, ikakhuluka­zi ukudla nezimpahla zokugqoka.’

Omunye wezakhamiz­i ezihlomule ngegilosa kulomcimbi, uNkk Jabulile Gumbi ongumfelok­a

zi, uthe uhlala nezingane eziyisihla­nu, kanti ezinye zazo azinazo ngisho izitifiket­i zokuzalwa, nokuyinto eyenza kube lukhuni satshe ukuzibhali­sela izibonelel­o zikahulume­ni.

‘Ngithanda ukubonga Inkosi yesizwe ngosizo lwayo, ngoba lokhu kudla kufika nje anginaluth­o ekhaya, obekukhona sekuyophel­a, futhi bengingazi nokuthi ngizoshona­phi, njengoba singavunye­lwe nokuyoziza­mela ngenxa yokuvalwa kwezwe, njengoba izwe libhekene nobhubhane nje.

‘Ngiyajabul­a kakhulu ngoba Inkosi yethu minyaka yonke iyafika lapha ezikoleni, ihlola isimo sokufunda kwezingane zethu. Ibuye futhi isize izingane ngemifanis­wano yesikole. Ngeswele imilomo eyizinkulu­ngwane yokuba ngedlulise ukubonga kwami,’ kusho uNkk Gumbi.

Inkosi Zeblon Gumbi donates food parcels to aid needy community members

Newspapers in English

Newspapers from South Africa