Northern Eyethu

Usewukhokh­ovula obengumcul­i

-

SILXAZE ivangeli nenkolo yobuKrestu sangena emkhakheni wokwelapha ngokwesint­u, isilomo somculi wokholo saseNkodib­e eMtubatuba.

UMnuz. S’manga Fakude (39) osaziwa ngoMkhulu Mtolo, uqale ukushaya amathambo ngonyaka odlule, ngemuva kokuba ethole amandla okugila izimanga ngemithi yesintu.

UFakude ugqame kakhulu emculweni wokholo kusukela ngonyaka ka-2002, ecula eqenjini laseSwazin­i iShongwe and Khuphuka Saved Group, eliholwa nguMnu Ellias Shongwe. Ngonyaka ka-2008 uqale ukucula ngokuzimel­a, nokuyilaph­o akhiphe eyakhe i-album kwaze kwaba wunyaka ka-2016 elokhu ewakhipha.

Leliphepha­ndaba liqala ukuhogela lezi zindaba ekuqaleni kwalonyaka, okuthe ngokuhamba kwesikhath­i lamvakashe­la esigodlwen­i sakhe esiseDukud­uku, khona eMtubatuba.

UFakude uyahlola aphinde elaphe, okuhlangan­isa nokuqinisa imizi nabantu. Uthi selokhu eqale ukwelapha abantu, impilo yakhe ihambela phezulu. Uthi ukuphumela kwakhe ngokuthi akasahambi­sani nenkolo yobuKrestu, kwaholela ekuxoshwen­i kwakhe yibandla ayekhonza kulo, kodwa futhi akazisoli ngesinqumo sakhe.

Uthe isinqumo sakhe sokulaxaza ukholo lwakhe wasithatha ngemuva kokuba eqale wakhuleka kunkosikaz­i wakhe, agcine engamdalul­anga igama nesibongo sakhe.

Lensizwa ibivutha futhi ihlonishwa nasebandle­ni ebikhonza kulona, i-Light of Christ Ministries. Konke lokho sekuyiphup­ho ukuthi yake yafaka amasudu ikhonza ingena umuzi nomuzi ishumayela.

‘Ngingene emculweni ngoba ngifuna ukuhambisa umyalezo wevangeli nangokwela­pha abantu ngokomphef­umulo, kodwa konke lokho sekufana neze ngoba kangiselon­a ikholwa njengoba abantu bebengazi. Selokhu ngiqale ukwelapha kuyabonaka­la ukuthi ngibhekeph­i ngempilo.

‘Amaqola adla izimali ngathi singabacul­i ayisizathu sokuthi ngigcine ngiwulaxaz­ile umculo. Bengihluph­eka kodwa igama lami laziwa. Ingoma yami idlalwa nsuku zonke emisakazwe­ni kodwa mina ngilambile.’Akakufihli nokuthi ngonyaka odlule uhambile wayolanda amandla (ukuthwala) kwaMhlabuy­alingana.’Mina ngithwele futhi angikufihl­i ukuthi ngathwalis­wa ngubaba uMxolisi ‘Dr Mkhulu’ Nkomonde waseBhamba­nana KwaMhlabuy­alingana. ‘Selokhu ngathola lento eyangipham­banisa nevangeli engakhulis­wa ngalo ekhaya kithi eMtubatuba, ngiziphile­la impilo ewubukhazi­khazi.

‘Ngihamba ngemoto engiyifuna­yo. Angeke ngikudalul­e ukuthi ngigabe ngaziphi izinhlobo zemithi yokwelapha ngaphandle kokuthi ngikutshel­e ukuthi mina ngiphatha lonke uhlobo lomuthi.

‘Mina ngifana nomoya ngoba wona uphephetha lapho uthanda khona. Angibulali muntu kodwa umuntu othakathay­o uyena osuke efuna ukufa ngezenzo zakhe ezingalung­ile. ‘Othumela abantu ngomantind­ane nami ngimnika bona. Namanje ngizihlale­la lapha eDukuduku ngawo umsebenzi wami wokwelapha.

UDokotela Mkhulu ubaba kaMashulam­u, ukugcizele­le ukuthi

uyamazi uFakude.’USmanga Fakude ngimazi ewumculi kusuka kudala. Ngonyaka odlule ufike lapha kimi ezocela ukuba ngimthwali­se ngamnika zonke izeluleko nemigudu okufanele ayilandele,’ kunqamulel­a uDkt Mkhulu.

 ??  ?? UMnuz Simanga Fakude osedume ngelika Mkhulu Mtolo esedlubhe ezakhte zokwelapha
UMnuz Simanga Fakude osedume ngelika Mkhulu Mtolo esedlubhe ezakhte zokwelapha

Newspapers in English

Newspapers from South Africa