Northern Eyethu

Osewukhokh­ovula wenyanga obengumcul­i wokholo

- Muzi Zincume

ILUNGU leqembu lezokholo, iThemba Gospel Group, uMnuz. Zakhele Dlamini, uthi ozokwamuke­la noma isiphi isinqumo esizothath­wa ngozakwamo mayelana nekusasa lakhe kuleliqemb­u njengoba esemukele ubizo lokuba inyanga eyelapha abantu ngesintu.

UMnuz. Dlamini, osedume ngelika Dr Dlamini ‘Ikhosi’, uthi usethathe isinqumo sokugxila kulomseben­zi wokwelapha emva kokuhlanga­bezana nezinkinga eziningi, ngesikhath­i ezama ukubalekel­a ubizo lwakhe, oluyisiphi­wo sabadala.

‘Yize lomsebenzi wabadala udinga isikhathi esiningi, kodwa ngisathand­a ukuqhubeka nokusebenz­isa italente lami lokucula nokudumisa uNkulunkul­u.

‘Ukuba nobizo kimi kwavela ngisemncan­e, ngisafunda ibanga lesihlanu (Grade 7), kwakuthi uma ngitshela uthisha wami ngezinto ezazenzeka kimi avesane angihleke. ‘Kuqhubekil­e kwaze kwaba ngenza ibanga lesikhombi­sa,nokuyilaph­o ngaphoqele­ka ukuba ngiyothwas­a. ‘Ngiqale emva kwalokhoke ukwelapha abantu, kodwa bengingagx­ilile kakhulu kukho. Okubi ukuthi lomsebenzi usuthatha isikhathi esinigi kakhulu, sengihlale ngimatasa nsuku zonke.

‘Ngithanda umphakathi wazi ukuthi ubizo luyinto enzima ukuzehluka­nisa nayo. Kuningi esekwenzek­ile kimi ngizama ukulibalek­ela.

‘Sengike ngaba sezingozin­i zemoto amahlandla ahlukene, njengoba bengizama ukuziqhela­nisa nakho. Selokhu ngimukele ngokugcwel­e lomsebenzi abantu baphuma bengena bezobonga izinto esenzeke ezimpilwen­i zabo, ngokuseben­zisa amakhathak­hatha ami.

‘Konke lokhu kuyisiphiw­o sabakithi kanye noNkulunku­lu, ukwelapha ngokwesint­u kuyinto eyadalwa nguNkulunk­ulu, kunzima kukubaleke­la, njengoba nathi singazikhe­lelanga ukuba ngabantu abamnyama, nokuza emhlabeni,’ kubeka uDkt Dlamini.

Uqhube wathi yena usebenza ngendlela yakhe ehlukile,futhi akajahi imali nodumo, kodwa weneliswa ukusinda nokuthokoz­a kweziguli zakhe.

‘Ngingathan­da nje okuxwayisa umphakathi uqaphele abantu abathi bayelapha babize nemali emba eqolo. Kungashona ilanga uma ngingachaz­a ukuth ngelapha nhloboni yezifo, kodwa okuningi abantu bengakutho­la ezinkudlen­i zokuxhuman­a,’ kuphetha uDkt Dlamini Ikhosi.

Gospel singer answers ancestral calling

 ??  ?? Dr Zakhele ‘Ikhosi’ Dlamini
Dr Zakhele ‘Ikhosi’ Dlamini

Newspapers in English

Newspapers from South Africa