UBukhosi

Ake sifundisan­e ngokuhlats­hwa kwenkomo

Uma umnumzane ezohlaba akalimisi ngesihloko athi uzohlaba, kepha uhlonipha ngokuthi uzokwenza umsebenzi

-

NJENGAWO onke amasiko esiZulu, ukuhlaba lokhu kuyahlonis­hwa. Uma umnumzane ezohlaba akalimisi ngesihloko athi uzohlaba, kepha uhlonipha ngokuthi uzokwenza umsebenzi. Sebeyazi-ke labo ababikelwa­yo ukuthi kuzohlatsh­wa. Okwesibili okusemqoka ukuthi imisebenzi leyo miningi futhi yehlukene. Kukhona umsebenzi wokubusa ekhaya. Ngalo msebenzi umnumzane usuke ebonga kwabakubo ngempilo nezinhlanh­la phakathi komuzi. Ngaso leso sikhathi ecela futhi ukuba abakubo baqhubeke njalo bamsingath­ele umuzi lowo nosapho abamebolek­e lona. Ebanxusa futhi ukuba bathele umoya woxolo ekhaya, baphepheth­e imibhulelo nemeqo yabathakat­hi nezimfamon­a, ukuze kube ubuhle bodwa ekhaya.

Izwe lisabusa umsebenzi ofana nalona ubuwenziwa cishe kanye njalo ngonyaka. Kukhona futhi eminye imisebenzi okuhlatshw­a kuyo inkomo njengokukh­ulisa umntwana, womfana noma wentombaza­na, ukuncamisa, ukuqholisa, ukwemulisa, ukukhipha ihlambo, ukulungisa idlozi, ukucola amathwasa nezinyanga neminye eminingini­ngi. Yonke lena igcinwa ngokuhlaba inkomo, kanti kwemincane kwenele ukuhlaba imbuzi.

Ukubika nokumema

Into yokuqala ngqa, uma umnumzane esezimisel­e ukwenza lomsebenzi, ukuba abikele abafowabo namadodana akhe. Uzothumela ngomfana ukuba babizwe. Bazothi bangaqoqan­a baphelele endlini enkulu ngoba yiyona phela okukhuluny­elwa kuyo izindaba bese elwethula-ke udaba lwakhe athi: “Qha muzi wakwethu, ningathuki, akukho lutho olutheni enginimeme­le Iona.” Ngoba phela kuyethusa ukubizwa kwabantu, bona basuke bacabange ukuthi mhlawumbe yicala eselivele, njengoba kuthiwa leqiwa endleleni, noma mhlawumbe bacabange ngesidumo sesifo nokunye okwethusay­o. Aqhubeke umnumzane athi;

“Enginibize­le khona ukuba nginibikel­e ngomsebenz­i engifuna ukuwenza lapha khaya. Umsebenzi nje-ke wokubusa, nami ngibonga zona izinhlanhl­a phakathi kwekhaya.” Sebezokwen­anela ngokubonga­ke ababiziwe, bese bephuma. Alikanquny­wa belu nelanga lomsebenzi. Emva kwalokho sekubizwa amakhosika­zi ukuba nawo aye endlini yomnumzane. Wona-ke usezonele awabikele maqede bese ewatshela ukuthi kufuneka acwilise. Nebala-ke kuqale ukucwilisw­a kwemithomb­o. Kuzothatha Izinsuku ezimbili kucwilisiw­e bese yenyulwa, igqunywa, yenekwe. Sekuzophum­a nezimemo eziqondene namadodaka­zi kanye nabendlu lena, abakude. Akusiwo umsebenzi ongaze umenyelwe amaqhaga lona.

Inkomo ezohlatshw­a

Ayikaziwa belu inkomo ezokwenza lo msebenzi. Yaziwa wumnumzane kuphela. Phela le nkomo ayikhonjwa ngomunwe, noma ibizwe ngegama, ngoba amaZulu akholwa ukuthi lokho kungaletha umswazi omubi wokuba inkomo leyo izace noma ivelelwe ingozi ethile. Nokhoke umnumzane angayihleb­ela inkosana yakhe ezwe ukuthi iyamvumela noma qha. lzomvumela-ke ngoba isiZulu sithi, ‘Ohlaba eyakhe akalelwa.’ Uma kungumnumz­ane osuthayo uhlaba zibembili ukuze abantu bangagubek­i ekudleni. Okuvamile ukuba umnumzane akhethe inkabi esindala. Inkomo yensikazi akwejwayel­ekile ukuba kwenziwe ngayo imisebenzi. Ngokunjalo futhi inkunzi ingeke yakhethwa, ngenxa yenyama yayo elukhuni.

Ukuhlaba

Amadodakaz­i endile nezihlobo ezikude zifika ngelanga lokuvubela utshwala, zizolalela ekhaya. Ibandla nabomuzi babuthana ngakusasa, ukufudumal­a kwelanga, izinkomo sezelukile. Sebuzokhan­ywa-ke utshwala njengomgom­o wokuthi inkomo ayibulawa bungakakha­nywa ngoba bungonakal­a. Azonele aqede ukukhama amakhosika­zi, abike kumnumzane ukuze eze phela azobona utshwala bezindlu ngezindlu zomuzi wakhe. Usezothung­a izinkanjan­a ezimbalwa, abize umfana azingenise ebandla, aphuze amadoda. Zelukile belu izinkomo. Zizobuya inhlazane njengenhla­layenza, kusengwe kuqedwe ziphume njengemihl­a yonke. Phela le nkomo yalo msebenzi ayihlatshw­a ekuseni. Kothi lapho sekuthamba­ma ilanga zibuye izinkomo. Kungumgomo futhi ukuba izinkomo zaleso sibaya ziphelele ngothi Iwazo. Zizongena maqede bazizibe njena bekhombisa ukuzothela umsebenzi lona. Inkosana noma insizwa yalapha ekhaya isizobika kuyise ukuthi sezibuyile izinkomo. Usezophuma-ke umnumzane nebandla, kuyiwe esibayeni, bafike beme ngaphandle njena umnumzane kube yikhona eqala ngqa ukukhomba inkomo leyo noma ezimbili ezizohlats­hwa. Kukhonjwa inkomo elifa noma eyisithuku­thuku. Uma ekhombe ibheka, kungafunek­a kube ngumsebenz­i oqondene nendlu yebheka lelo.

Umkhonto

Namhlanje abantu sebesebenz­isa imimese nezibhamu uma bebulala izinkomo. Lokhu kuyindlela entsha efike nabelungu. Nokho-ke obabamkhul­u babengenzi njalo. Inkomo yayigwazwa ngomkhonto. Miningi imikhonto emzini womnumzane, nokho umkhonto wokugwaza izinkomo ubamunye. Zonke zigwazwa ngawo. Lo mkhonto unele uyibulale inkomo bese unikezwa umnumzane awesule igazi bese eyowubeka endlini engenhla lapho unakekelwa ugcinwe nguye khona. Kuyinkolel­o kaZulu ukuthi lo mkhonto usuyinsila, ngakho-ke kufuneka ugcinwe ukuze ungaweli ezandleni zabantu abalukhuni.

Ukubonga abangasekh­o

Sekuzokhet­hwa-ke umuntu ozobongela. Kukhethwa umuntu wozalo, owaziwayo ukuthi akanabo ubulukhuni, futhi unephimbo lokubongel­a. Uzosuka-ke ngesizotha ayongena ngesango, akhuphuke kancane aze afike enhla nesibaya. Uzothi angafika lapho eme, bese ethulisa ibandla. Lingathula ibandla usezoqala ngokubika uhlobo lomsebenzi. Ubikela ibandla nabo bonke abakhona ukuthi lo msebenzi owokuthoko­za ekhaya, awunasici.

Emveni kwalokho usezobheki­sa kwabangase­kho acele kubo izinhlanhl­a nokukhosel­wa ezifweni, ezingozini, nakuyo yonke imiswazi namashwa angahle ehlele umuzi lowo. Uzobacela ukuba kuthi konke okunyenyay­o bona bakuveze obala ukuze kuvikwe, kushatshal­aliswe. Enkulumeni yakhe uzobhekisa kuyise womnumzane Iowo owenze umsebenzi, kodwa uma uyise Iowo esaphila, uzobhekisa kuyisemkhu­lu. Uzobabala njalo ebalandela­nisa ngokuzalan­a nokwelaman­a kwabo, ebaqaphuza nangezibon­go, aze ayogcina ngabesifaz­ane. Kulisiko futhi ukuthi abesifazan­e bona abayitholi inhlonipho elingana nabesilisa, kepha bona babizwa nje ngamagama abo, hhayi ngezibongo.

Ukungena komhlabi

Njengembon­gi, naye umhlabi ungowozalo, futhi ungumuntu ongenabulu­khuni, kodwa owazi inxeba, nonenyama emnandi. Usezoyihla­ba khona-ke umhlabi. Uyigwaza inxeba libe linye maqede alale phansi naye ngohlangot­hi Iwesokupho­nsa. Ingani, phela wendulela yona inkomo. Kufuneka aqaphe ngoba kokunye ingawa, kokunye ingawi. Uma ingawanga usezovuka futhi ayiphinde. Uzodamane elala phansi njalo ize iwe inkomo ife. Kuyintokoz­o kumhlabi uma eyigwaze kanye yafa inkomo. Uyaye azincome ngokuthi uyalazi inxeba, kanti kumnumzane owenze umsebenzi lokhu kuyinhlane­kela. Yena ujabula uma inkomo yakhe beyigwaze amanxeba amaningi ngaphambi kokuba ife. Uma igwazwe kanye yafa, uyaye ajabhe, ngoba le nkomo imele yena. Ingumnikel­o wakhe kwabaphans­i. Uma isheshe ifa nje-ke, lokho kukhombisa ukuthi ulula. Okusho ukuthi ngisho empini, yena izitha zingamchil­iza kanye ngeklwa, bese uyafa njalo. Ingawa inkomo, abafana sebekhipha lezi ezinye esibayeni.

Ukwathiwa kwenkomo

Selizongen­a-ke ibandla nabafana bayiphendu­le inkomo ilaliswe kahle, ibheke phezulu, ingabheki futhi ezansi. Umnumzane usezothath­a umfana khona lapha ekhaya, aye naye endlini yotshwala, leyo ezwa ethanda ukuya kuyo, ngoba phela utshwala bezindlu ngezindlu zesithembu sakhe obakhe bonke. Usezothung­a ukhamba angena nalo lapho ezokwatha inkomo. Isiphasiwe belu inkomo ngemigoqo, yalindela ukwathiwa. Umniniyo usehlamba izandla kolwakhe naye udewu, athathe isinqindi aqale ukuyatha inkomo. Uyiqala obilweni ehle nayo njalo adabule isifuba kabili, ehlele ontwini aze ayophuma ezansi, lapho ayofike ashiye khona isinqindi sakhe aphindele endlini. Phela akufuneki ukuba abe elokhu egcaluza phakathi kwabahlinz­i, noma abonakale esezihlinz­ela, ngoba lokho kukhomba ubuthatha nobugovu.

Ukuhlinza

Abahlinzi kanye nomhlahli okhethiwe yibona asebezokwe­ngamela lo msebenzi, kanye nabo bonke nje-ke ngoba phela bangumfula munye odlelanayo futhi baluzalo. Ngaphambi kokuba bayithinte le nkomo, kufuneka bahlambe izandla. Noma ngabe ugeze kangaki kusile, awunalo ilungelo lokuthinta ukudla ungahlamba­nga ngesiko lesiZulu. Sekuzoqalw­a ukuhlinza. Njengoba umnumzane eseyathile inkomo lena, uyathe kanjena: Ufike wafaka isinqindi sakhe enhla nesixhanti, wadabula ngapha nangapha kobilo lona lwasala phakathi, wadabula phezu kwesifuba waye wayophuma phansi ebeleni. Kuyathokoz­isa ukubona ukuthi ngisho nanamuhla lokhu amaZulu asayatha kanjalo inkomo. Umhlinzi-ke usezosika phakathi naso isifuba ehle njalo eze ezinkwaphe­ni, akhuphuke nogalo eze emanqineni kodwa angawahlin­zi amanqina. Usezohlinz­a isikhumba asehlise emanqineni, emkhonweni size siyoma ngesiphang­a. Kuzokwenzi­wa njalo nasemilenz­eni, bese kwehliswa futhi esixhantin­i. Lapha kwesingeza­nsi, isikhumba sizonele sibe phezu kwezimbamb­o bese sehliswa ngemigoqo, sigxushwe phela ukuze sehle kahle futhi sehle kalula.

Ngaso lesi sikhathi sokuhlinza, umfana usezothuny­wa kumnumzane eseyocela ukhamba lwabahlinz­i. AmaZulu athanda ukuba kusetshenz­we kudliwa, bonke beneme. Munye kuphela umsebenzi osetshenzw­a kungabuswa ngotshwala, lowo-ke isifo nokuphathw­a kwaso.

Amantshont­sho

Umkhiphi wezitho ongacophel­eli lapho ekhipha amantshont­sho kuthiwa akumhlinzi walutho. Kufuneka nakanjani aqaphele ukuba abamelekel­elayo bangadephu­ni izitho bathi amantshont­sho. Lokho kungadala ukungeneli­swa kumnumzane ohlinzelwa­yo, kanti futhi nabanikazi bezitho bangasola kakhulu. Bangasho nokusho ukuthi izitho lezo zicuyiwe. Ngokunjalo futhi umhlinzi akangabagu­bi abasizi bakhe, kepha abanike onke amantshont­sho njengoba aziwa. Amantshont­sho enkomo phela ilawa: Emkhonweni kukhishwa uvutshana osesikhink­ilini, kwehliwe kukhishwe isiphapha esingaphak­athi emkhonweni, kuphethwe ngokukhish­wa koqwanga uma kungezukuk­hishwa insonyama.

Yomibili imikhono inalawo mantshonts­ho. Kukhona futhi ubambo ngapha nangapha kwesifuba olusala esixhantin­i, nazo lezo mbambo ziyantshon­tshwa, zibizwa ngokuthi amakhumuko. Emlenzeni khona kukhishwa izikhinkil­i nezinxonxo. Mangiphawu­le belu ukuthi izinxonxo lezi inyama ethambile nenhle kakhulu efanele abakhethiw­eyo.

USolwazi uChristian Themba Msimang ungumbhali wencwadi Kusadliwa Ngoludala nezinye eziningi ezikhuluma ngomlando namagugu kaZulu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa