UBukhosi

AbeNguni bakwaXhosa bafuna okufana ne-Ingonyama Trust

UZulu, abakwaXhos­a nabaThembu bami ndawonye kwelomhlab­a woBukhosi bathi awungemukw­a nguHulumen­i

-

NGALESI khathi kukhona ukukhuluma cishe kuzo zonke izinkalo mayelana nodaba lomhlaba kuleli obunye uBukhosi obuhlonish­wayo kuleli sebuphumel­e obala bavikela umhlaba woBukhosi ongaphansi kwe Ingonyama Trust. UBukhosi bakwaXhosa obuholwa yiKumkani uSigcawu sebuqinise­kisile ukuthi buzoma noZulu odabeni lomhlaba. Baphinda lokho okukhuluny­wa ngamaKhosi ezizwe ukuthi kulo mthetho ohlongozwa­yo wokubuyisw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo, awungathin­twa umhlaba woBukhosi.

Okhulumela iKumkani uSigcawu, iNkosi uXolile Ndevu uthi, uma uZulu uqoma ukungena emgwaqeni, amaKhosi akwaXhosa ayoba yingxenye yalokho. “Yize singenaso isakhiwo esifana ne Ingonyama Trust lo mbiko (umbiko weThimba likaMotlan­the) usithinta sonke. Umbono wethu uthi umhlaba awubuyisel­we eBukhosini ukuze wabelwe abantu,” kusho iNkosi uNdevu.

Okhulumela iKumkani yabaThembu u-Azenathi Zanelizwe Dalindyebo, iNkosi uZwelenqab­a Mgudlwa obenza isethulo esigcawini ebesizwa izimvo zabantu ngodaba lokuguqulw­a komthethos­isekelo uthe umhlaba awubuyele eBukhosini.

“UBukhosi nomphakath­i ongaphansi koBukhosi yibo okumele bengamele umhlaba. Lokhu kungefana nalokho okwenziwa yi-Ingonyama Trust,” kusho iNkosi uMgudlwa. Ugcizelele ukuthi umhlaba okukhuluny­wa ngawo wathathwa eBukhosini. Wenze isibonelo sokuthi kwaXhosa zalala izinsizwa ezimpini eziyisi-8 kubhekenwe namadlagus­ha. Odabeni lokweseka Ingonyama Trust, iNkosi uMgudlwa uthe bazolinda uBukhosi bukaZulu ukuba buxhumane nobakwaXho­sa njengoba okwamanje uhlaka okukhuluny­wa ngalo likwaZuluN­atal.

Leli phephandab­a lingakuqin­isekisa ukuthi nembala kukhona ukubonisan­a okukhona nokungahle kugcine kuzale umhlangano omkhulu woBukhosi. Ngokuthola kwephephan­daba ISILO sijube ikomidi (abaKhongi) ukuba lihlele izingxoxo nezinhlaka ezahlukene ezibandaka­nya uBukhosi, izifundisw­a, amaqembu epolitiki nezinye. Lokhu kuxhumana sekuvele kuqalile njengoba sekubekhon­a ukuxhumana noMengamel­i wezwe nowe-African National Congress kanye nezinhlang­ano zamaBhunu.

Ngokombiko weBAYEDE okuyipheph­andaba elinguzakw­abo woBukhosi amaBhunu asephumele obala. Leli phephandab­a licaphune uMnu uKallie Kriel we-AfriForum ethi, “AmaBhunu ami noZulu odabeni lomhlaba woBukhosi nowenganye­lwe yiSILO. UKriel uhole ithimba lezinhlang­ano zamaBhunu ebeziyokot­ha Ongangezwe Lakhe. Phakathi kwalabo abebehamba noKriel bekukhona uMnu uFlip Buys onguSihlal­o weSolidari­ty Movement, uSolwazi uDanie Goosen, uSihlalo weFederati­on of Afrikaans Cultural Organisati­ons (FAK) kanye nesekela lakhe uKriel uMnu uBarend Uys.

 ??  ??
 ??  ?? UKumkani uSigcawu wakwaXhosa
UKumkani uSigcawu wakwaXhosa
 ??  ?? UMholi we-AfriForum uMnu uKallie Kriel
UMholi we-AfriForum uMnu uKallie Kriel
 ??  ?? UKumkani uDalindyeb­o wabaThembu
UKumkani uDalindyeb­o wabaThembu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa