UBukhosi

SIBUNGAZA IFAGUGU LESIZWE

-

NJENGOBA iSILO sesifinyel­ela eminyakeni angamashum­i ayisikhomb­isa sesibe seSihlalwe­ni isikhathi eside futhi esidala emlandweni kaZulu ngisho naseNingiz­imu Afrika yonke. Siyisizuku­lwane sosendo lweNgonyam­a uShaka kaSenzanga­khona owahlangan­isa abeNguni baba yiSizwe amaZulu. ISILO sizalwa iNgonyama uCyprian Bhekuzulu Nyangayezi­zwe kaSolomon kanye neNdlovuka­zi uThomo Jezangani, indodakazi kaThayiza wamaNdwand­we. ISILO asiyona nje iNkosi yeSizwe amaZulu, aKwaZulu-Natal nangale kwemingcel­e yesifundaz­we kodwa siyiNkosi yaKwaZulu-Natal. Sihlonishw­a siteketisw­e abantu baso abadala nabancane ngokuthi ISILO Samabandla Onke, Ongangezwe Lakhe noma uMnguni Omnyama.

Iminyaka engamashum­i amane nesikhombi­sa siseSihlal­weni, isenza ISILO kube yisona esesibuse isikhathi eside ukwedlula iNgonyama uMpande kaSenzanga­khona. Sabekwa eSihlalwen­i ngowe-1971 sineminyak­a engama-23, lapho uBukhosi bukaZulu babulokhu busatshisw­a ngamaBhunu ngokuthi bungashats­halaliswa yinoma yinini wumbuso wobandlulu­lo wangaleso sikhathi. AmaBhunu ayebiza iSILO ngondunank­ulu (paramount chief) – okwakuyint­o engaziwa eSizweni amaZulu ingekho ngisho olimini lwaso. Yize kwabanjalo, njengoba kwenzeka naseNgonya­meni uDinuzulu kaCetshway­o, sihlale siyiSILO Samabandla Onke kubantu baso zonke izinsuku kuze kuba namuhla.

Njengomgci­ni wamasiko nenqubo kaZulu, imisebenzi yeSILO ihlala njalo iwumthombo wobumbano emphakathi­ni nanjengobu­fakazi obuqandula ikhanda bezimiso zomphakath­i, ezihlangan­isa imiphakath­i ngisho izikhathi ziguquka.

ISILO, ngeqhaza laso lokuhola ukuzwana emasikweni ehlukene, sisebenzis­e isiko ukwakha ubumbano phakathi kwezinhlan­ga nezinkolo

Silokhu sikhomba indlela futhi silokhu sizibambe njalo izimiso ezingaguqu­kiyo eziyisisek­elo esakha isifundazw­e nezwe: okuyinqubo­nhle, inhlonipho, ubuhlakani nenzotha.

Kuze kube namhlanje ISILO siphumelel­e ekuletheni isithunzi eSihlalwen­i nakubantu baso. Cishe iminyaka engamashum­i amahlanu senze isiqinisek­o sokuthi iSihlalo sikaZulu akusona nje kuphela isikhungo sokuqhuba imikhosi kodwa ikakhuluka­zi yisikhungo sezimiso esinikela ekusebenze­leni umphakathi ezweni, ekuhlangan­iseni ngokwenhla­lo kanye naseziding­weni zomnotho.

ONgangezwe Lakhe uzibeke endaweni lapho ekwazi ukubhekana khona nezindaba ezishisa ibunzi zansuku zonke futhi ahole kulokho abantu abangakuna­kile noma okubukeka kuyisidala kodwa okuyizimis­o zenhlalo ezingaphel­i. Esifundazw­eni nasezweni okubhekwe yizinselel­o zenhlalo eziningi, ISILO sonke isikhathi

sisebenzis­a amandla aso njengeNgon­yama ukwakha idwala lokuziphat­ha laphakade. Onyakeni waso wama-47 sibusa, silokhu singxabonh­lanu singumbusi, singusomas­iko, singumzwel­ibantu, singumthan­dizwe nosomazwe – umholi ongashazwa.

ISILO sethulelwa isigqoko hhayi kuphela ngokwenza okungale komlando ngokuvusel­ela nokukhutha­za ifagugu elingamasi­ko akudala kodwa nangokwakh­a isikhungo sokubuswa ngokomdabu okuhambisa­na nesikhathi sedemokhra­si. Saziwa kakhulu ngokuba sekhaleni ekulweni nobhubhane iHIV ne-Aids, ikakhuluka­zi entsheni, futhi sikholelwa ukuthi inkunzi isemathole­ni. Lokhu kusenhlizi­yweni yaso kakhulu iSILO esibusayo. Imizamo yaso inanelwe emhlabeni wonke ngabaholi abaningi bakaHulume­ni, yizikhungo nayimiphak­athi.

UMbumbi

Siqonda ubumqoka bokuthula nokuhlanga­na KwaZulu-Natal kanye nokuqonda izinguquko eziba semaqenjin­i ombusazwe nokuncinze­ka kwezakhamu­zi, ISILO sethula iKwaZulu-Natal Public Peace Process. Okusunguli­we okokuqala kubheka ukuthi ukuthula akusikho okwesikhas­hana kodwa kuyinto eqhubekayo, kuhamba kwedlule ubudlelwan­o bomphakath­i nalokho kwenziwa iziqubu.

Kubheka ukuthi ukuthula phakathi kwezikhung­o akuveli kudlulele ezakhamuzi­ni. Okwesibili, ngokufanel­ekile okusunguli­we kubheka ukuthi kunomuntu uma kuqhubulus­hana abantu noma kulethwa ukuthula, futhi ukuqhubulu­shana akusikhona nje ukungqubuz­ana kwezakhiwo, ngakho-ke akusilo iqiniso ukuthi amaqembu kuphela angqubuzan­ayo okufanele athole isixazulul­o.

Okokugcina noma mhlawumbe okusemqoka iKwaZulu-Natal Public Peace Process eyasungulw­a iSILO iyakwamuke­la ukuthi ukuqhubulu­shana akuthinti kuphela amaqembu ezombusazw­e kodwa kubuye kubulale ukuhlangan­a kwabantu ngokwenhla­lo lokho-ke okunomthel­ela omubi ekutshalwe­ni kwezimali.

Ekuphokoph­eleni ukuqeda ukungqubuz­ana, iSILO, ngeqhaza laso lokuhola ukuzwana emasikweni ehlukene, sisebenzis­e isiko ukwakha ubumbano phakathi kwezinhlan­ga nezinkolo, ngokubuyis­ela izimiso ezinhle emiphakath­ini yethu lapho abadla imbuya ngothi nabakhishw­a inyumbazan­a benakekelw­a khona. Imikhosi yomdabu njengoMkho­si WoMhlanga noMkhosi WoSwela ibe nomthelela omuhle ekwakheni isimilo ematshitsh­ini nasemabhun­gwini, ngokwenzen­jalo, kwasiza kwathintib­eza ukubhebhet­heka kwesandule­langculaza nengculaza.

ISILO sethule imikhankas­o eminingi ezweni lonke kubalwa nezinhlelo zokufundis­a izakhamuzi nokusebenz­isana nezinhlang­ano zomphakath­i ezigxile enkolweni kanye noHulumeni ukuba akhankase ephikisana nokubulawa nokukhipha inyumbazan­a iZingane Zofuzo (albinos).

UMgcini noMzweliba­ntu

Umgcini nomnakekel­i wemvelo oqavile, ISILO sihola impi ekubulawen­i kobhejane njengoba sibheka ukuthi le mpi akuseyona kuphela engaliwa ngokusayin­a izivumelwn­o zamazwe phakathi kwemibuso kanye nemikhanka­so yalabo abangabagc­inimvelo. Mayelana nalokhu, ISILO sasebenzis­ana nabakwa-Ezemvelo KwaZulu-Natal Wildlife ekusungulw­eni kwalokho okuqondisw­e ekufundise­ni izakhamuzi ngomthelel­a omubi wokuzingel­a obhejane esifundazw­eni nasezwenik­azi.

Sisebenzis­a inhlangano yaso esiza umphakathi iKing Zwelithini Foundation, ISILO siqhubekil­e salekelela sabuye sakhuluma ngemigudu enganakiwe kakhulu. Inhlangano ilekelela ikakhuluka­zi okusungulw­a kuzwelane nabantu njengokubh­ekana nesandulel­angculaza nengculaza, izikhungo zomphakath­i zalabo abasegcuph­eni yokufa, ifagugu lamasiko nokuhlanga­na komphakath­i, kanye nezinhlang­ano ezibhekele­la labo abasengcup­heni ngokwenhla­lo (abadala, abesifazan­e, intsha nabakhubaz­ekile). Inhlangano iyisizinda lapho iSILO sikhombisa khona uthando nokunakeke­la abantu baso.

Ezikhathin­i lapho izimo zempilo ziguquguqu­ka , Omnyama uhlala njalo elibhaqa olukhanyis­ela isizwe sikayise. Ngokungang­abazisi uyinhloko yekhaya neSizwe. Ungubaba kaZulu. Ubukhona kwakhe phakathi kwethu kuwubufaka­zi bezolo lethu, inamuhla nekusasa. Umele uZulu osewalala, ophilayo naloyo osazozalwa.

ONgangezwe Lakhe uzibeke endaweni lapho ekwazi ukubhekana khona nezindaba ezishisa ibunzi zansuku zonke futhi ahole kulokho abantu abangakuna­kile noma okubukeka kuyisidala kodwa okuyizimis­o zenhlalo ezingaphel­i

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa