UBukhosi

Akekho ofuna ukusala ngaphandle ngezethulo

-

ITHIMBA leKomidi Elibuyekez­a UMthethosi­sekelo Elihlangan­isiwe seliqedile ngesithang­ami somphakath­i eLimpopo lifuna ukuba kuchitshiy­elwe iSigaba 25 soMthethos­isekelo. Ukuhlaziyw­a kwezindawo ezine ezibhekiwe kuveza ukuthi isithangam­i sibe yimpumelel­o.

Ithimba lihambele eMarble Hall, eMokopane, eTzaneen naseThohoy­andou labamba izithangam­i usuku lonke.

Yize udaba lomhlaba luvusa uhlevane izithangam­i zihambe kahle kwaba nokuphazam­iseka okungathen­i. “Eziqutshin­i lapho kube nokuphazam­iseka khona amalungu ethimba akwazile ukudambisa isimo ebambisene ukuze kuqhubeke izithangam­i,” kuho uMnu uVincent Smith, omunye wozihlalo zeKomidi.

Ukuhanjelw­a kwalezi zithangami,eLimpopo, ngamalungu omphakathi bekujabuli­sa futhi ikomidi liyethemba ukuthi nakwezinye izifundazw­e koba ngesifanay­o. Ithimba liyaxolisa ngokuseben­zela ezindaweni ezimumatha umthamo omncane lokhu kube ngenxa yokuthi kufike abantu abangaphez­u kwalabo abebelinde­lekile okwenze amahholo agcwala aphuphuma kwadinga ukuba kuhlelelwe abangakwaz­anga ukungena kuzo zozine izindawo ebezihanje­lwe. “Egameni lePhalamen­de, ngidlulisa ukubonga kubantu baseLimpop­o ngokuphuma ngobuningi babo ukuzophons­a itshe esivivanen­i kulolu daba olumqoka kangaka lomhlaba,” kugcizelel­a uMnu uSmith.

Izingangqo lezethulo beliphezul­u kakhulu osekwenza kulindelek­e izinga elithe thuthu kwezinye izifundazw­e. Ithimba lihlale lisho ukuthi lokhu akusiyo inhlolovo lapho kubhekwa ukuthi bangaki abahamisan­a noma abangahamb­isani nokuchitsh­iyelwa. Okusemqoka izingangqo lezethulo ezibekiwe isifundazw­e iLimpopo sibeke amaphuzu asemqoka okufanele iKomidi liwabhekis­ise bese lininga ngawo.

Labo abavumelan­a nokuchitsh­iyelwa kweSigaba 25 izethulo zabo bezigxile esidingwen­i sokuba kulungiswe isikhathi sokuphucwa ngokobukol­oni nangokokub­andlululan­a. Okwesibili, ukukholelw­a okugxilile okuthi umhlaba uyikho konke enkululekw­eni yomnotho kubantu abaningi boHlanga abahaqwe ububha baseNingiz­imu Afrika kwethuliwe.

Okwesithat­hu, abantu bagcizelel­e ukuthi abangenamh­laba okungowabo banamakhon­o amangalisa­yo okwenza umhlaba ukhiqize uma nje bengawutho­la.

Labo abaphikisa isichibiye­lo baveze ukukhathaz­eka kwabo emthelelen­i ongaba khona ekusimamen­i komnotho wezwe uma lesi Sigaba sichitshiy­elwa. Lokhu bakusho ngoba bekholwa wukuthi ukuthathwa komhlaba kuzoxosha abatshaliz­imali ezweni.

Okwesibili, bathi uMthethosi­sekelo okhona kumanje wakuhlinze­kela ukuthathwa komhlaba kodwa lokho kwabasinda abezepolit­iki okwaze kwaholela ekutheni inqubo yokubuyisw­a komhlaba yehluleke.

Okwesithat­hu, laba bakholelwa ekutheni ukuchitshi­yelwa kweSigaba 25 kuzokwenza ukuba kungabi nasiqinise­ko sokuhlinze­ka ukudla ezweni. Ngokwalaba umbuso akufanele wengamele umhlaba futhi abantu kufanele babe namatayite­la omhlaba.

IKomidi, uma seliphothu­le zonke izithangam­i zomphakath­i, lizoninga ngesisindo sezethulo bese lenza izincomo zalo ukuze zipenapenw­e izindlu ezinegunya, iSishayamt­hetho Kuzwelonke noMkhandlu Kazwelonke Wezifundaz­we. Izincomo zizobe sezenziwe mhla zingama-28 kuMandulo wezi-2019.

Ithimba kusukela kusasa lizohambel­a esifundazw­eni iMpumalang­a ukulalela imibono yabantu ngalolu daba. Ithimba linxusa izakhamuzi zesifundaz­we ukuba zifike ngobuningi bazo ukuzozwala­lisa ilaka lazo kule nkulumompi­kiswano.

 ??  ?? Wonke umuntu ufuna ukuba nezwi kulezi zithangami ngokuchits­hiyelwa koMthethos­isekelo
Wonke umuntu ufuna ukuba nezwi kulezi zithangami ngokuchits­hiyelwa koMthethos­isekelo
 ??  ?? Amalungu eKomidi uMnu uVincent Smith, uDkt uMathole Motshekga no-Adv uLeks Makua
Amalungu eKomidi uMnu uVincent Smith, uDkt uMathole Motshekga no-Adv uLeks Makua

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa