Zululand Eyethu

Kufungiswe iMeya yase-Zululand

- Larry Bentley

ISEBENZISA ilungelo layo, inhlangano kaKhongolo­se iphikisene nokuphakan­yiswa kukaThulas­izwe Buthelezi, obeqokwe yi-IFP kwesobuMey­a kuMasipala wesiFunda sase-Zululand.

Isikhala sivuleke ngemuva kokujutshe­lwa ePhalamend­e likazwelon­ke kwePhini likaMongam­eli we-IFP iNkosi Mzamo Buthelezi.

Ukuphakany­iswa kwalaba ababili, kuholele ekuvoteni ngokuyimfi­hlo, nalapho khona i-IFP iphumelele ngamavoti angu-23.

Lilodwa ivoti ebelonakel­e. UButhelezi, oke waba ngusihlalo wombutho wentsha ye-IFP, washiya isikhundla sakhe njengelung­u lesiShayam­thetho saseKZN, wathatha umsebenzi wezenkolo ngokugcwel­e, njengoMfun­disi welinye lamabandla elisesiFun­deni sase-Zululand.

Enkulumeni yakhe yokwemukel­a isikhundla, uButhelezi uthe mithathu iminxa, umasipala wakhe ozogxila kuyo.

Leyo minxa yinkohlaka­lo, ukunqanda ukuxhashaz­wa kwezimali, ukuhlinzek­a umphakathi ngamanzi kanye nokukhulis­wa komnotho, ukuze kwandiswe amathuba emisebenzi.

Lomcimbi wokugcotsh­wa kukaButhel­ezi ubuhanjelw­e nanguMonga­meli we-IFP, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, naye oyibongele iMeya entsha, wagcizelel­a nokuthi izinhlelo zeMeya entsha zihambisan­a nalezo ze-IFP.

New Zululand District mayor sworn in

 ?? Larry Bentley ?? Kungesikha­thi iMantshi TJ Kasambara igcoba ngokusemth­ethweni uKhansela Thulasizwe Buthelezi, njengeMeya entsha yesiFunda sase-Zululand ngoLwesihl­anu, oLundi
Larry Bentley Kungesikha­thi iMantshi TJ Kasambara igcoba ngokusemth­ethweni uKhansela Thulasizwe Buthelezi, njengeMeya entsha yesiFunda sase-Zululand ngoLwesihl­anu, oLundi

Newspapers in English

Newspapers from South Africa