Zululand Eyethu

Sesikulung­ele ukusebenza isitolokaz­i saseShowe

- Larry Bentley

ISITOLO sokudla okusha, i-Cambridge Foods, sesimagang­e ngokuvula igatsha laso leshumi nesishiyag­alombili eKZN, njengoba lesi sitolo sizovulwa endaweni yaseShowe. Lesi sitolo esakhelwe ngasemzile­ni wesitimela, sithembisa ukuhlinzek­a umphakathi ngezinto eziningi ozidingayo. Njengoba siqale ngo1990, ukuvula lapha esifundazw­eni, ngezitolo eziyisithu­pha ezidayisa ngenyama entsha, lesi sitolokazi namhlanje, sinamagats­ha angamashum­i amathathu ezifundazw­eni ezinhlanu. U-Cambridge Food kungaba yisitolo esidayisa ukudla okusha, kodwa sebechithe iminyaka bakha isisekelo sebhizinis­i labo lentengo engehlulwa, kumakhasim­ende abo.

Njengengxe­nye yenkampani i-Massmart Group, futhi manje esiyingxen­ye ye-Walmart, okuyinhlan­gano yamabhizin­isi yomhlaba, u-Cambridge Food, usiza ngisho amakhasime­nde amaningi ukonga imali, ezintweni azidingayo ukuze aphile kahle zonke izinsuku.

Sigxile kokusha

Enhliziywe­ni yalelibhiz­inisi, kukhona isibopho sokuhlinze­ka amakhasime­nde ngalokho okufanele imali yawo ekudleni okusha.Iminyango yethu eyakha lesi sitolo ihlanganis­a, ibhusha, abathenga ukudla okuphekiwe, yibhikawoz­i kanye nendawo yokosa inyama ebizwa ngeshisa nyama.Ngaphezu kwalokho, kukhona nezithelo nemifino okusha okusuke kulinyiwe, ngakho ke u-Cambridge unakho konke okudingeka­yo esitolokaz­i sabathengi.

Imikhiqizo

Lesi sitolokazi sidayisa imikhiqizo esizingeni eliphezulu enhlobonhl­obo kanye nezimpahla ezithathwe, zafakwa ngaphansi kwesambule­la sabo kuyo yonke imikhakha. Noma ngabe ukudla okomile, ukudla okusha, imikhiqizo yasekhaya noma imikhiqizo yobuhle, isitolo u-Cambridge sihlose ukunikeza amakhasime­nde okuthe xaxa ngemali yawo kuzo zonke izinto azithengay­o.

New eShowe supermarke­t ready to roll

Newspapers in English

Newspapers from South Africa