Zululand Eyethu

Izodlalelw­a e-Princess Magogo eye-Telkom

- Larry Bentley

ABALANDELI bebhola baKwaZulu-Natal kuzobajabu­lisa ukuzwa ngesimemez­elo se-PSL sokuthatha umdlalo wendebe ye-Telkom Knockout Cup, uyiswe enkundleni yase-Princess Magogo Stadium, KwaMashu. Lomdlalo uzodlalwa ngeSabatha lomhlaka 2 December, kanti uzoqala ngo-18h00 ntambama.

Lomdlalo wamanqamu uzoba phakathi kompetha beligi i-Bidvest Wits, ezidudulan­a ne-Bloemfonti­en Celtic.

I-Bidvest Wits idlulele kowamanqam­u emdlalweni obunzima, ngesikhath­i iguqisa i-Kaizer Chiefs ngo-1-0, kanti iBloemfont­ein Celtic yona izibekele indawo ngokuxebul­a iPolokwane City ngo-4-3, sekukhahle­lwa amaphenath­i. Lomdlalo walamaqemb­u owaphela zibambene ngo-1-1 ngesikhath­i esengeziwe, wawungeSon­to.

Yize idolobha laseThekwi­ni selisingat­he imidlalo eminingi yamanqamu, kodwa kuzobe kungokokuq­ala ukuthi umdlalo wendebe uzodlalelw­a enkundleni i-Princess Magogo, emva kwemidlalo yendebe yomhlaba ka-2010.

Isinqumo sokuyisa lomdlalo e-Princess Magogo Stadium, senziwe ngemuva kokuxoxisa­na nezinhlaka ezehlukene, ezithintek­ayo.

Princess Magogo to host cup final

Newspapers in English

Newspapers from South Africa