WINNIE NTSHABA
ANGAZI ukuthi nisamkhumbula yini uWinnie… lo waye dlala indawo kaKhetiwe kumdlalo i-Generations. Usexake abanye akade elingisa nabo njengoba bona besimama yena lutho, wazama nokudlala kwiSibaya kodwa hhayi akuhlangananga lutho. Nangu ke uMa Ntshaba ethi uzimisele ukubuya ashise izikhotha kumabonakude njengoba ezodlala kumdlalo ozoqala ngonyaka ozaya. Siku sela inhlanhla Winnza.. kodwa aphi amaSoapie Awards lawa wathi uzowahlela?