TUMI MORAKE
KODWA ave kubuhlungu ukuzwa ngokuthi khona umuntu odlwenguliwe, ikakhulukazi uma lowo muntu eseku hle iminyaka engaphezu kwewu-20. Nangu osomahlanya uTumi Morake usebhoboke isifuba ngokuthi eseneminyaka engu-15 wadlwengulwa umuntu ayemthemba, ngesikhathi efundela ukuba umdansi. Uthi uMorake lendaba useyixoxa ngoba ufuna ukwenza umehlukho, ngenxa yokuthi sekukaningi ezwa ngabantu besifazane behlukunyezwa kodwa kungenziwa lutho. Sithi qina Tumi sengathi umehluko ungenzeka ngempela.