Zululand Eyethu

OWESIFAZAN­E ONSUNDU UQOPHE UMLANDO KWEZEMPILO

-

UQOPHE umlando udokotela ongowokuda­buka ePietermar­itzburg ongene emabhukwin­i ngokuba wudokotela wokuqala omnyama kumkhakha weneurosur­gery.

Lomkhakha umkhakha obucayi kakhulu ugxile kakhulu ngokulapha kwengqondo.

UShezi (32) osesithomb­eni kuyimanjee usebenza njengodoko­tela esibhedlel­a saseThekwi­ni i-Chief Albert Lutuli uthe kwakuvele kuyisi so sakhe ukuba abe ngudokotel­a. Uthe uyaziqheny­a ngalokghu akuzuzile wathi lokhu kuza emva kokuba kade esebenze ngokukhulu ukuzimisel­a, kanye nokusekwa okuqhamuka nakkubazal­i bakhe.

Uthe kumhlaba umxhwele ukuthi njalo uba sekhaleni lokusiza abantu ababuthaka­thaka. “Ayikho into engijabuli­sa nengokubon­a umehluko engiwenzil­e kwisiguli emva kokuba kade sibuthakat­haka,” kuchaza uShezi.

UShezi waphothula izifundo zakhe zobudokote­la ngonyaka ka 2008. Ngokusho kwakhe ukukhula ngesikhath­i sokudlondl­obala kwegciwane lesandulel­a ngculazi kwamenza wa sa ukuba yingxenye yesisombul­ulo nokwenza wakhetha ukulandela umkhakha wezempilo.

 ??  ??

Newspapers in English

Newspapers from South Africa