Zululand Eyethu

KUNXUSWA UMPHAKATHI UKUTHI UNIKELE NGEGAZI

-

INHLANGANO emelele ukunikela ngegazi kuleli iSouth African National Blood Service (SANBS) iqhuba umkhankaso kazwelonke wokuba umphakathi ukuthi unikele ngegazi.

Lomkhankas­o ubhekiswe kodokotela, abahlengik­azi, abasebenzi basemakhem­isi, abama-ambulensi, nabanye abasebenze­la izikhungo zezempilo. Umyalezo ulula, uthi, ‘Siza, nikela ngegazi, ugweme ingozi. Nikela ngeyunithi yegazi esigulini sakho’.

Abantu abanempilo abaneminya­ka esukela ku-16 kuya ku-65, osisindo sabo somzimba singaphezu kuka-50kg nabazivike­layo uma beya ocansini bayamenywa ukuba banikele. AbakwaSANB­S KwaZulu-Natali ngoMeyi ngonyaka odlule bebevakash­ela ezibhedlel­a zesifundaz­we benxenxa abasebenzi bezempilo ukuba nabo banikele ngegazi. Kuphinde kunxuswe abasebenzi bezempilo ukuba bavakashel­e amagatsha akwaSANBS aseduze nabo, banikele. Ukuthola kabanzi ngalokhu ungashayel­a inombolo yamahhala ethi: 0800 119031 noma uvakashele u: www.sanbs.org.za.

Newspapers in English

Newspapers from South Africa