SEBEYAGADWA ABABENOMAGAQA ENZAKALISWA
AMAKHANSELA amabili asinda ngokulambisa ngesikhathi ehlaselwa nowayenguNobhala we-ANC Youth League uMnuz Sindiso Magaqa, agcine ebatholile onogada emuva kokulinda izinyanga ezine. UMagaqa wadutshulwa ephuma emhlanganweni we-ANC eMzimkhulu ehamba nozakwabo uNonsikelelo Mafa noJabu Mzizi ngoJulayi. Ushonele eNkosi Albert Luthuli Central Hospital, lapho abelashelwa khona ngoSepthemba nonyaka.