I-IFP ixwayise abezitokofela
IQEMBU le-IFP selinxuse izinhlangano zezitokofela ukuba zihlale ziqaphile, njengoba izigebengu zijwayele ukubahlasela uma sekuyisikhathi sokuphela konyaka.
‘Kuyiqiniso elimsulwa ukuthi ngalesi sikhathi sonyaka, izinhlangano zezitokofela zihlala zihlukanisa izimali zazo, ezisuke zizibeke kusaqala unyaka.
‘Eminyakeni embalwa edlule, amalungu alezi zinhlangano aseke ahlaselwa kaningana, ngakho ayanxuswa ukuba ahlukaniselane lezi zimali zawo ngohlelo lobuchwepheshe, ukunokuphatha lezi zimali zabo ngezandla, ukuze bagweme ukuthi ingantshontshwa.
‘Izikhathi eziningi izigebengu zize zazi ngezitokofela ngenxa yokuthi ukhona ngaphakathi osuke ehlangene nazo.
‘Ziyabalandela lezi zigebengu uma beya emabhange, zibabambe inkunzi, uma sebeyikhiphile imali,’ kuchaza uMkhulumeli we-IFP Kwezokuphepha Nokuvikela esiFundazweni, uMnuz. Blessed Gwala.
Uthe umphakathi kumele uhlale uqaphile ngaso sonke isikhathi.
Umkhonyovu wamakhadi
Ukusebenzisa ikhadi, ukunokuphatha imali eyisamba ngenye yezindlela zokugwema ubugebengu.
‘Ngaphezu kwalokho, sifisa ukuxwayisa abantu mayelana nomkhonyovu wamakhadi asebhange, owenziwa emshinini yokukhipha imali. Stokvel season warning