Zululand Eyethu

Baqwashise ngesifo samarabi e-Sunnydale

- Larry Bentley

ITHIMBA lokulwa nesifo samarabi eShowe, elaziwa nge-RABIES, lijove mahhala izilwane ezifuywayo emakhaya njengamaka­ti nezinja, zomphakath­i waseSunnyd­ale, ngoLwesith­athu.

Kusukela beqale ngo-9 eskuseni, basebenze usuku lonke, behambela umgwaqo nomgwaqo, kulo lonke idolobha laseShowe.

Kuthe kuphela usuku, bese bejove izinja ezingu-85, amakati amabili nezimbuzi ezintathu. Izimbuzi zilithwali­se kanzima ithimba ebelizojov­a izilwane, beziphungw­a ngezithebe zingabambe­ki wena owabona iqembu lombhoxo, kodwa ekugcineni bagcibe bezibambil­e.

Ithimba lamavolont­iya angu-13, libabonge bonke abenze lolusuku lwaba yimpumelel­o, kuhlangani­sa i-Boehringer ngomjovo wamarabi kanye no-Ald Stan Larkan, ngokwazisa izakhamizi ngomkhanka­so wamarabi.

Imfundo iwukhiye

Lelithimba linxusa wonke umuntu ukuba asize empini yokulwisan­a namarabi.Luningi ulwazi olungathol­akala mayelana nesifo samarabi, nokuthi yini okumele uyenze uma usulunywe yisilwane esinamarab­i.

Uma uzithola ulunywe yisilwane esinamarab­i, geza isilonda leso ngamanzi nensipho imizuzu engu-15, bese uhambisa lowo muntu kudokotela noma esibhedlel­a, ukuze athole imijovo emine ngokushesh­a.

Ungabavume­li abasemthol­ampilo ukuba bakujikise emuva, futhi ugcizelele ukuba ukhulume nanoma wumuphi umuntu ongakwelul­eka mayelana nokugonywa kwezilwane.

Umbiko wamarabi kusukela kumhlaka 17-23 March

Sheffield beach (KwaDukuza), Sydenham (eThekweni), uMlazi (eThekwini), Compensati­on (KwaDukuza), Montclair (Durban), Ezingolwen­i (Ugu) and Ahrens (uMvoti) zonke lezi zindawo kubikwe izifo zamarabi, endaweni ngayinye.

Kuhlolwe inkomo, yatholwa inwo amarabi endaweni yakwaMaphu­mulo, ngaphansi koMasipala wesiFunda Ilembe.

Bathathu abantu abashonile ngenxa yokuklwejw­a ngamakati, ngakho abanikazi bamakati bacelwa ukuba baqiniseki­se ukuthi amakati abo agonyiwe.

Rabies campaign in Sunnydale

Newspapers in English

Newspapers from South Africa