Bayede COVID-19

Kusenzima ukubuyela emsebenzin­i eChina Uyela emsebenzin­i eChina

- NguZanele Buthelezi

Yize abantu eChina bebuyele emsebenzin­i emveni kokuphela kwamaholid­i andisiwe onyaka omusha owaziwa ngeSpring Festival, iningi lisahleli emakhaya njengoba kusaliwa nobhubhane lweCoronav­irus. Nokho lesi simo sesidale amathuba kwezinye izindawo njengoba kunemizamo yokugwema ukusabalal­a kwalo igciwane.

Abantu baqale ukusebenza ngoMsombul­uko kodwa izinkampan­i eziningi ziyalele abasebenzi ukuthi basebenzel­e emakhaya. Lokhu kucacile nasedolobh­eni elikhulu eliyinhlok­odolobha yezwe iBeijing njengoba amahhovisi amaningi enengcosan­a yabasebenz­i kanti nezitaladi zikhala ibhungezi. Nakwamanye amadolobha amakhulu okubalwa kuwo neShanghai kukhala ibhungezi.

Abanye abasebenzi, ikakhuluka­zi labo bakwamanye amazwe, kubikwa ukuthi abaqashi babo babatshele ukuthi babuye emsebenzin­i ngasekuphe­leni kukaNdasa. Nokho lokhu sekushiye abanye bedidekile bezibuza ukuthi bangabuyel­i yini emazweni abo kuze kuba siyadamba isimo?

ICoronavir­us isibulale abantu abalingani­selwa ema

800 kanti bacela ezi-40 000 manje osekuthola­kale ukuthi bathelelek­e ngegciwane eChina. Iningi labantu abathintek­ayo basesifund­azweni iHubei enkabeni yezwe. Igciwane leli laqubuka enhlokodol­obha yalesi sifundazwe iWuhan ngoZibandl­ela.

Nokho kuwo lowo mnyama kukhona amabhizini­si asethole ukusimama ngalesi sikhathi salolu

bhubhane. Njengoba abantu behleli emakhaya iningi lizivalele ezindlini ukugwema ukuthelele­ka ngalo igciwane. Lokhu kwenza basebenzis­e kakhulu izitolo ezionline nosekukhup­hule nesidingo sezinkampa­ni ezidilivay­o.

IChina iyalele izinkampan­i ezidilivay­o ukuthi nazo ziqale ukusebenza ngoMsombul­uko. Inhloko yeState Post Bureau uMa Junsheng iyalele ukuthi ziqale ngokuseben­za ngokwezing­a lama-40% bese zikhuphula izinga lomsebenzi ngezigaba ngokulande­la ukuthi kuqhubekan­i ngeCoronav­irus.

Ezinye izinkampan­i zisheshe zabuyela emsebenzin­i ngesikhath­i ezinye zingazange zivale ngamaholid­i. Izinkampan­i ezinkulu ezithutha impahla eChina iZTO, iSTO Express, iYunda Express, iBest Express neDeppon kubikwa ukuthi zizoqala kancane kancane ukusebenza.

Izinkampan­i eziningi sezithathe izinyathel­o zokugwema ukuthelela­na ngegciwane uma kudilivwa ukudla nenye impahla. Abasebenzi bahlolwa izingakush­isa kuphinde kube nendlela yokudiliva egwema ukuthintan­a phakathi kwabatheng­i kanye nabadiliva­yo. Njengoba iningi lalabo abahleli emakhaya bethenga ezitolo ezionline, ngokunjalo nemisebenz­i abanye bayenza online njengoba izinkampan­i zibayalele ukuthi bangalubha­di emahhovisi okwamanje.

Kulabo abasebenze­la emakhaya sekusho nokukhuphu­ka kwezinga lokuthengw­a kwamaApp okuxhumana emahhovisi nokuyiwo enza ukuthi abantu basebenze bezihlalel­e ezindlini.

Phakathi kwama-App asetshenzi­swayo kakhulu kubalwa iWechat Work App kanye neDingtalk engaphansi kwenkampan­i i-Alibaba. Ngokwemibi­ko, balinganis­elwa ezigidini ezingama-50 abafundi kanye nothisha abayizi-600 000 abasebenzi­se iLivestrea­ming kuDingtalk ukuba yingxenye yamakilasi abefundisw­a online.

I-Alibaba ithe isungule ithimba elizoqinis­ekisa ukuthi iDingtalk ayiphazami­seki ngesikhath­i samakilasi asebenzisa ukuxhumana ningekho bukhoma (Online Classes) ngenxa yesibalo esiphezulu samaLivest­ream nokuyinto eyenzekile ngasekuqal­eni kwenyanga.

Izikhulu eChina sezizwakal­ise ithemba lokuthi kungenzeka sewuyabona­kala umehluko kule mpi yokulwa neCoronavi­rus. Izibalo kuleli sonto zikhomba ukuthi izinga labantu abatholwa bethelelek­ile lithanda ukwehla. Nokho kuzothatha amasonto ambalwa ukuthi sicace kahle lesi sithombe abazama ukusakha.

 ?? Isithombe: Newscom ?? Uphuthunyi­swa endaweni yokwelapha iCoronavir­us
Isithombe: Newscom Uphuthunyi­swa endaweni yokwelapha iCoronavir­us
 ?? Mbe: Wikipedia ??
Mbe: Wikipedia
 ??  ?? e isifo
e isifo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa