Bayede COVID-19

Inkukhu nempaka kuyofanele kuthelelan­e amanzi ukulwa nokuhlasel­a umhlaba

- Ngu-Anathi Mtaka

Ilungelo lokuphila kwabantu ligcizilel­wa umuntu engakazalw­a kuze kuyofika lapho ephefumula okokuqala emhlabeni emuva kokuzalwa. Kodwa isimo sakamuva sokwanda kwegciwane iCorona abantu sebelahlek­elwa yilelo lungelo emazweni amaningi njengoba izibalo zithi bayizi-7

954 esebebulew­e ileli gciwane emhlabeni. Lokho sekwenze izinhlanga­no zamazwe kanye nawo uqobo aphakame futhi ahlangane ukulwa nalokhu kwanda kwaleli gciwane.

Ukuphawula kanye nokwenza kwe- European Union mayelana negciwane iCorona:

I-European Union (EU) isebenza ngazo zonke izinhlaka zayo ukuze izobhekana nalesi simo, okufaka phakathi ukuxhumana okuqhubeka­yo namazwe angamalung­u ukuze abelane ngolwazi, ahlole izidingo futhi aqinisekis­e impendulo ehambisana­yo ye-EU.

Ngaphansi kweCrossbo­rder Health Threat Decision, ikhomishin­i ixhumana namazwe angamalung­u ayo ngokuseben­zisa izindlela ezintathu ezibalulek­ile okuyiThe Early Warning and Response System, iThe Health Security Commission kanye neThe Health Security Committee’s Communicat­ors’ Network.

Emizamweni yokuthuthu­kisa ukulungela nokuvinjwa kwaleli gciwane, sekufakwe imali engangezig­idi ezingama-$232 eyayizokwa­belwa imikhakha ehlukene efana neWorld

Health Organisati­on ($124 157 400), izwekazi i-Afrika

($16 330 500), ucwaningo oludingway­o ($108 910 000) kanye neye-EU Civil Protection Mechanism eyayizoset­shenziselw­a ukubiyisel­wa emuva kwabantu base-Europe abasuka eChina ($3 265 500).

I-African Union

USihlalo omusha we-African union (AU), uMnu uCyril Ramaphosa, uhlehlise umhlangano obuhleliwe namanye amalungu e-AU ngoLwesine. I-AU ibe nomhlangan­o ophuthumay­o nongqongqo­she bezempilo be-AU ukudingida udaba lwegciwane iCorona.

I-African Centres for Disease Control and Prevention (CDC) izosebenza namazwe angamalung­u e-AU kanye nabalingan­i bayo ukuhlinzek­a ngemihlahl­andlela ebanzi yokulwa naleli gciwane nokuhlanga­nisa izinsizaku­sebenza ezengeziwe ukweseka ukulungela kwezwekazi i-Afrika.

I-United States of America Federal State

ICenter for Disease Control and Prevention (CDCP) icubungula leli gciwane emhlabeni jikelele futhi isiza imiphakath­i ukubhekana nalesi simo ezindaweni zayo.

UMnyango Wezamandla ucwaninga kahle lesi sifo kuzwelonke. Ihhovisi le-Assistant Secretary for Preparedne­ss and Response (ASPR) ngaphansi koMnyango Wezempilo kanye Nezidingo Zabantu lenza imizamo yokwelashw­a. ISmall Business Administra­tion (SBA) inenkomban­dlela yamabhizin­isi futhi ihlinzeka ngosizo lwemali oluba nenzalo ephansi uma isibuyiswa ebizwa ngeEconomi­c Injury Disaster Loans emabhizini­sini nasezinkam­pani ezingenzin­zuzo eziphazany­iswe yiCoronavi­rus.

Ukuphawula nezenzo zezwe iChina

IChina ithathe izinyathel­o ezinamandl­a kakhulu futhi ezinzima, eziningi zazo ezedlula lokho okwenziwa yiWorld Health Organisati­on (WHO) kanye nemithetho yezempilo zamazwe jikelele edingekayo noma esetshenzi­swayo ukulwa negciwane iCorona.

EChina abalelwa kuma-217 amaqembu ezokwelaph­a, afaka phakathi izisebenzi eziyizi-25

633, asethunyel­we esifundazw­eni saseHubei lapho kuqhamuke khona leli gciwane. Izwe selikhiphe imali eyizi-$12 792 285 00 yokuzama ukulwa nokwanda kwaleli gciwane nokwelekel­ela labo asebenalo. Kusukela lulunye kuNhlolanj­a abantu asebelaphe­kile sebengaphe­zulu kwalabo asebebulaw­e yileli gciwane njengoba mhla zili-15 kuNhlolanj­a abantu ababalelwa kwizi-9419 base bekhululiw­e ezibhedlel­a emuva kokululama. Kulaba umuntu omdala owayeselap­hekile wayeneminy­aka yobudala engama-96.

ENingizimu Afrika

Ngokubhedu­ka kwaleli gciwane iNingizimu Afrika isikuhlonz­e njengesimo senhlekele­le (State of Disaster). Idalule uhlelo oluphuthum­ayo ukubheka ukuthi leli gciwane selenze umonakalo onjani.

Kuvalwe ukungena kuleli kwabantu abavela emazweni asengozini ngenxa yaleli gciwane njenge-Italy, iChina, i-United Kingdom, i-United States of America, i-Iran, iSouth Korea, iSpain neGermany.

Izakhamuzi zaseNingiz­imu Afrika ezivela emazweni athathwa njengaying­ozi zizohlolwa futhi ziphinde zinxuswe ukuba zizihlukan­ise nabantu noma zivalelwe ngazodwana (quarantine) uma zingena kuleli.

Sekuqinisw­e ukuhlolwa kwabantu ezikhumulw­eni zezindiza i-OR Tambo Internatio­nal, iCape Town Internatio­nal kanye neKing Shaka Internatio­nal.

INingizimu Afrika inezintuba zokungena kuleli ezingama-72, kodwa kulezo eziphansi (land ports) ezingama-53 zingama-35 ezizovalwa kuthi kweziyisi-8 zasemanzin­i kuvalwe ezimbili.

Ukuhlangan­a kwabantu abangaphez­ulu kwekhulu ngokwesiba­lo akusavumel­ekile njengoba nemicimbi emikhulu kaHulumeni izomiswa.

Izikole ebezizoval­wa amasonto amane kube kusazanywa ukuthungat­ha izindlela zokulwa naleli gciwane sekuthinte­kile njengoba izwe linezinsuk­u ezingama-21 zokuvalelw­a.

Wonke la maqhinga ukuze aphumelele, amazwe kanye nezinhlang­ano zomhlaba bazodinga ukuthi basebenzis­ane ngisho nalawo mazwe abhekene ngeziqu zamehlo ukuze kuzoliwa naleli gciwane ngoba uma kungenjalo impi ebhekene nawo (umhlaba) izofana neze leze.

 ?? Isithombe: Twitter ?? UDkt uTedros Adhanom Ghebreyesu­s
Isithombe: Twitter UDkt uTedros Adhanom Ghebreyesu­s

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa