Bayede COVID-19

Umnotho namabhizin­isi kuyadunguz­ela

- NguSolwazi uBonke Dumisa

Igciwane leCovid-19 lifike nobhubhane olungakaze lubonakale emhlabeni kulezi zinsuku. Okuhluke kakhulu ngalo ukuthi lishaya kwasani, abadla izambane likapondo nabahlwemp­u ngendlela efanayo. Imiphumela ukuthi sekuthelel­eke izinkulung­wane ngezinkulu­ngwane emazweni ahlukene athuthukil­e kakhulu ngezomnoth­o okubalwa iChina, i-United States of America, i-United Kingdom, iGermany, i-Italy, iFrance, iSouth Korea, iPortugal, iCanada namanye amazwe athuthuke kakhulu.

Okunye okubalulwa­yo ngokubhebh­etheka kwaleli gciwane emazweni amaningi athuthukil­e, ukuthi abazange basheshe bathathe izinyathel­o ezinqala ukunqanda ukubhebhet­heka kwalo.

Kungakho-ke uHulumeni waseNingiz­imu Afrika uthathe isinqumo sokuthi izwe kuthiwe selifakwe ngaphansi kweSimonhl­ekelele Kuzwelonke (State of National Disaster) okuphinde kwengezwa ngokuthi kuthiwe selizofakw­a ngaphansi kweMvalelw­akhaya Kuzwelonke (National Lockdown) izinsuku ezingama-21, amasonto amathathu, lapho kuzovalwa izinto eziningi ukuze abantu banciphise ukuhlangan­a bebaningi ndawonye ngenhloso yokunciphi­sa ukubhebhet­heka kwaleli gciwane.

Kungakho-ke kwaqalwa ngokuthi kuncishisw­e isikhathi abantu abangathen­ga ngaso utshwala kwaphinde kwathiwa bungadayis­wa ngesikhath­i seMvalelwa­khaya Kuzwelonke. Isizathu esisobala sokuvalwa kotshwala ukuthi kulula ukuthi abantu baphule imithetho nemigomo yangalesi sikhathi uma sebeqisile ngasotshwa­leni futhi abantu bayathanda ukuphathap­hatha nokuthinta­thinta yonke into nokusondel­a kuwo wonke uma sebephuzil­e.

Kubuye kwashaywa nemigomo yokuthi kuncishisw­e izimoto nokunye okuthutha abantu ukuze kunciphe ukuhamba kwabo besuka ezindaweni ezinegciwa­ne kakhulu befudukela lapho lingakagcw­ali kakhulu. Kungakho nezindawo eziningi zokusebenz­a nezizinda zemfundo kuvaliwe ukuze igciwane lingabhebh­ethi entsheni.

Ezweni lonke abantu bese begijimela ezitolo beyothenga izimpahla ngendlela eyihaba abacabanga ukuthi zingase ziphele ngesikhath­i seMvalelwa­khaya Kuzwelonke. Okumangaza­yo ukuthi kungani abezinhlan­ga ezithile bebegijime­la ukuthenga amaphepha asetshenzi­swa ezindlini zangasese. Bebebonaka­la beqhuba izinqola ezitolo ebezigcwel­e la maphepha.

Okunye abebekuthe­nga kakhulu imithi nezindwang­wana zokuzesula izandla lokhu okukhuthaz­wa umphakathi ukuthi ukusebenzi­se ngaso sonke isikhathi ukugcina izandla nakho konke kuhlanzeki­le.

UHulumeni ube esephakami­sa imigomo enqala ukunciphis­a lokhu kuthenga ngehaba ezitolo. Kuleyo migomo kukhona nendlela okuzojezis­wa ngayo labo abazozama ukusebenzi­sa lesi sikhathi ukunyusa amanani ezimpahla ngoba bexhaphaza ukwentulek­a kwazo ngalesi sikhathi.

Ngebhadi elikhulu, lesi simo esimazonzo ngeCovid-19 sizowuhluk­umeza kakhulu umnotho womhlaba wonke nowalapha eNingizimu Afrika. Ukuvalwa kwezinto kusho ukuthi abamabhizi­nisi abaningi bazohlukum­ezeka kakhulu ngoba bancane kakhulu abathengi. Abamabhizi­nisi abazohluku­mezeka kakhulu yilabo abasemboni­ni yezokungce­beleka, abezemidla­lo, abadayisa ngophuzo oludakayo, abezindawo zokuvakash­a, abezokuthu­tha neminye imikhakha eminingi.

Imboni yezindiza, amabhasi, izitimela nokunye kushayeke kakhulu ngoba kuthiwe abezindiza abamane base bevala imizila eminingi.

Lokhu kungenxa yokuthi abagibeli abaningi sebemane bayeka ukusebenzi­sa izindiza ngoba izinhlanga­no eziningi zithi makuncishi­swe kakhulu ukesetshen­ziswa kwazo ngoba kuthiwa kulula ukuthola leli gciwane kulabo abahamba ngezithuth­i zomphakath­i.

Lokhu kuzodonsel­a kubantu abaningi ukuthi balahlekel­we imisebenzi nokuthi iningi lalawa mabhizinis­i azithole evalwa. Abantu abazithola bevikeleke kakhulu yilabo abaqashwe uHulumeni ngoba bayazi ukuthi uzokwazi ukubaholel­a ngesikhath­i seNational Lockdown.

Labo abasebenze­la amabhizini­si azimele bazithola bebambe umoya ngoba abanye babaqashi bazongakwa­zi ukubaholel­a bengaseben­zanga. Abanye abazoshaye­ka kakhulu yilabo abaziqashe bona, abaziseben­zayo ngoba uma bengaseben­zi ngalesi sikhathi kusho ukuthi ngeke bakwazi ukubeka ukudla etafuleni. Imigomo eminingi ebekiwe ithi kuzoqhubek­a ukusebenza kakhulu leyo mikhakha esondelene nezempilo nokusondel­ene nokubhekan­a nalolu bhubhane. Abamakhaza bazobe bevulile nabo ngoba ukufa akumemezel­i kufika noma kunjani.

Kuthiwa izisebenzi nalabo abavumelek­ile ukusebenza ngalesi sikhathi kumele babe nezimvume okuyomele bahlale beziphethe ezishoyo ukuthi bakhona kule mikhakha okuthiwa ngebalulek­e kakhulu okubalwa odokotela, abahlengik­azi nabanye abasebenza kwezempilo.

Kanti-ke nalabo abangabang­cwabi bavumeleki­le ukusebenza ngalesi sikhathi. Umnotho waseNingiz­imu Afrika ukhala ezimathons­i njengoba bekuvele sekuthiwa ngeke ukhule kulo nyaka wezi-2020. Kumanje sekuthiwa ungase wehle ngezinga elingaphez­ulu kwama-0.2%. Inkinga enkulu ukuthi ukukhula kwabantu kuleli kungaphezu­lu kakhulu, bakhula ngama-2.4% uma kuqhathani­swa nokwehla komnotho ngesikhath­i esifanayo.

Alingalahl­wa ithemba kulesi sikhathi sezinsuku ezingama-21 ekutheni sizosiza ukunciphis­a ukubhebhet­heka kwaleli gciwane. Yonke imigomo ebekiwe mayilandel­we, uma uHulumeni ethi kungahlang­ani abantu abangaphez­ulu kwe-100 endaweni eyodwa ngesikhath­i esisodwa, kuhlonishw­e lokho kungayiwa emasontwen­i ngenkani ngoba kuthiwa imithetho yezwe ayingaphez­u kwemitheth­o kaNkulunku­lu. USimakade ngeke avikele ozenzile.

 ?? Isithombe: AFP ?? ITWETWE: Umthengi uhlinzekel­a ikusasa lezinsuku zokuvalelw­a
Isithombe: AFP ITWETWE: Umthengi uhlinzekel­a ikusasa lezinsuku zokuvalelw­a

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa