Bayede COVID-19

Unyaka oqala ngezivuvab­a

-

Nanko-ke unyaka wezi

2020, uyoba semlandwen­i waseNingiz­imu Afrika, njengowenh­lupheko kubantu bakhona. Isimo somnotho sehle kakhulu ngokweziba­lo ezikhishwe ngenyanga edlule. Lokhu kudalwe ukuhamba kwamandla kagesi okudlange ngonyaka odlule usuyophela, kwakapakel­a nakulo nyaka. Lihlabe lephukela iva ngokuhamba kwamandla kagesi njengoba namanje lingakaban­guleki leli va. Kusabatsha­zwa ukwehla komnotho, kwavele kwaqubuka igciwane elalibatsh­azwa eChina, kusukela ngoZibandl­ela nyakenye iCoronavir­us elidale isifo iCOVID-19.

Ukusabalal­a kwaleli gciwane kufana nokuthela amanzi abilayo enxebeni elibhibhay­o. Kunomthele­la omubi ngendlela ebabazekay­o ukusabalal­a kwaleli gciwane, ngoba uma selibe yisifo, asibe siselaphek­a yikho sekuphanga­lale abantu abavile ezi4 000, umhlaba wonke.

Yisifo lesi esithinta yonke imikhakha yempilo yingakho sibona nabaholi bezenkolo besukuma, bekhwishiz­a, ngokwethem­ba ukuthi ukubhebhet­heka kwaleli gciwane, kunganqand­eka uma kuqiniswa emikhulekw­eni. Uma kuvalwa izikhungo ezibalulek­ile zikaHulume­ni neminyango ebalulekil­e komasipala, lokhu kukhombisa khona ukuthi amanzi asengene endlini. Kukhala osomabhizi­nisi abangasaye­nzi inzuzo nokuzohole­la ekutheni badilize abasizi nezisebenz­i zabo. Lukhulu luyeza luyanyelel­a, njengoba kubaholi umhlaba wonke jikelele kunochweph­eshe bezifo abangakaqh­amuki nezinto ezinika ithemba. Kukhulunyw­a ngezinto isizwe okufanele sizenze ukuvikela ukubhebhet­heka kwesifo hhayi ukuthi ikhambi selisemnya­ngo. Igciwane leli abanye abantu bakuleli bebelithat­ha njengomdla­lo, kodwa imikhankas­o nezinhlelo zokuqwashi­sa ngalo sesenze babheka ngamanye amehlo.

Amazwe omhlaba awasakhulu­mi ngezindlel­a ezingcono zokuhwebel­ana kodwa sekuhlanga­nwa ngokuthi kungenziwa njani ukuphephis­a impilo yabantu esengcuphe­ni kuwo wonke amagumbi omhlaba. Ukubhebhet­heka kwaleli gciwane sekwenze abanye abantu babona ikusasa liluvindi ngoba akwaziwa ukuthi isisombulu­lo siyothalak­ala nini futhi kanjani. Yigciwane leli eselihlang­anise izitha nabangani emhlabeni jikelele ngokwesaba. Impilo imile esikhundle­ni sokuthi iqhubeke.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa