Bayede COVID-19

Sisenkinge­ni yangempela, akulona uteku lolu

-

Selokhu kwathi nhlo, ulwazi labadala luthi imvelo inendlela yayo yokulungis­a izimo.

Ingani kuke kuthi lapho kade nikhuluma ngehlathi thizeni eselilikhu­lu, uzwe kuthiwa kuqubuke nje umlilo waqeda ngalo. Kuthi nentabamli­lo ekade ibila nizwe kuthiwa isidubule kwachithek­a udaka. Ezweni lapho bekunesiqh­waga esaziwayo, sisatshwa kufike ukufa imvelo yenze into yayo ngomzuzu nje kuthi nya. Yikho lokhu esikubona kwenzeka ngomkhuhla­ne iCOVID-19 nosuhlalis­e wonke amazwe ngesinqe esisodwa.

Lo mkhuhlane awumise kabi nje iminotho yamazwe kepha ngisho uhlelo lwezempilo kwamanje amazwe okubukeka lizoshabal­ala uma kuwukuthi isixazulul­o kasitholak­ali. Yize kwamukelel­a okwenziwa ngamanye amazwe njengokube­ka eceleni isamba semali ukufukula amabhizini­si, iqiniso lithi kwakhona lokho yisikwelet­u ebesingahl­elelwe nesizodla kulo izwe.

Isibonelo nje lapha eNingizimu Afrika lapho bekuvele kuvalwe amehlo okusobala manje wukuthi lo mnotho ngeke ukhule kanye okungenani iminyaka emithathu kuya kwemihlanu. Konke lokhu kusho ingcindezi kuHulumeni nakubantu abafuna ukuhlinzek­ekwa nguHulumen­i wabo. Ubani nje osengakhal­a ngezikole nezindlu uma esethi uHulumeni imali yahamba nomkhuhlan­e?

Okunye okubi njengoba sikuveza kulolu shicilelo, yisimo senzemfund­o kakhulu ezinganeni zaboHlanga lapha kobantu. Njengazo zonke izingane kulezi zindawo aziyile ezikoleni njengokula­ndela umyalelo kaMengamel­i wezwe. Umehluko ngazo wukuthi ezinye zihleli nje, ziyaqhubek­a nokufunda kusetshenz­ioswa ubuchwephe­she.

Othisha lapha kobantu bagodukile ngoba abanye bafundisa kuzo nje emakhaya kule kude nezwe, usondezwe ngamatoho. Kanti lezi zabanye uthisha uphuma nje lapha kwakhe, angene emotweni, aphume ntambama eze ekhaya. Njengoba kunjena nje isikole sesimhlinz­ekele ngezinsiza nezingane uyaxhunman­a nazo ngabo belu ubuchwephe­she. Lesi yisithombe esehlukile ezindaweni ezahlukene.

Umbuzo uthi ngabe kuzo kuyothiwan­i uma sekulungis­elwa izivivinyo? Lokhu kungephaza­mise yini inqubekela phambili le obekukhulu­nywa ngayo ngesikhath­i kukhishwa imiphumela ngoMasinga­na kophezulu. Njengephep­handaba sithi akuthi sivika umkhuhlane sibe sicabanang­a iqhingasu elingataku­ka aboHlanga kule nhlekele, isiZulu sithi isishiphi sikhonga ukunya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa