Bayede COVID-19

Inselelo nobuhlungu bokuba ngusomabhi­zinisi

- NguLindani Dhlomo

Kubuhlungu ukubona iwa liseduze, ubone ukuthi indlela ohamba ngayo iqonde kulo ngqo, ayikho indlela yokuphuma eceleni. Umbiko wesigaba sesine sonyaka owedlule uveze ukuthi umkhiqizo waseNingiz­imu Afrika wehla ngama-1,4%, okuyizinko­mba zokwehla komnotho nesimo esinzima amabhizini­si abhekene naso. Ngenxa yokuthi akulahlwa mbeleko ngakufelwa, belilokhu likhona ithemba lokuguquka kwesimo somnotho nokusimama kwamabhizi­nisi ngesigamu sokuqala sonyaka. Izingqaphe­li ziqagela ukuthi ingxenye yesibili kwezine ezakha unyaka womnotho, izokuba yimbi kakhulu. Lokhu kubangelwa wukucishwa kukagesi okuthikame­ze kakhulu amabhizini­si ekuqaleni kwalo nyaka, kanye nokusabala­la kweCoronav­irus emhlabeni wonke. Amabhizini­si abhekene nenselelo enkulu kulesi sikhathi ngoba ukusebenza kwawo kulawulwa eduze nguHulumen­i ozama ukuvimba ukusabalal­a kwaleli gciwane.

Yisikhathi esinzima kosomabhiz­inisi bakulelizw­e njengoba umhlaba usakhunget­hwe yiiCoronav­irus. NgoMsombul­uko uMengameli waseNingiz­imu Afrika, uMnu Matamela Ramaphosa umemezela ukuvalwa kokuhamba ngokukhulu­leka kwabantu kuzwelonke. Lolu hlelo lusho ukuthi abantu kumele bahlale emakhaya, noma ezindaweni zabo ukuze kunciphe ukuthelela­na ngesifo okwenzeke kwamanye amazwe. Kwamanye amazwe asehlaselw­e yilesi sifo yiko ukuvala ukusebenza okujwayele­kile kwamabhizi­nisi, imidlalo enhlobonhl­obo, nokuba wuvanzi kwabantu behamba ezindaweni ezibahlang­anisa nabanye abazanayo nabangazan­i nabo. Kufike umzuzu ofuze lowo nakuleli lizwe, kwasa ngokunye uMengameli wezwe ekhipha isimemezel­o sokuvala konke ukunyakaza kwabantu okujwayele­kile. Abanikazi bamabhizin­isi basebunzim­eni abangakaze babhekane nabo. Kukude emuva kukude phambili emabhizini­sini.

Uma ungumqashi uphakathi kwesiziba esishonayo newa elibheke phansi, ngoba kunabantu ababheke iholo kuwe, kodwa kumele ume ukusebenza ngendlela ojwayele ukusebenza ngayo. Kusobala ukuthi maningi amabhizini­si azovala angaphinde avule ngenxa yalesi simo. Kuphoqa abaqashi bafune izindlela ezintsha okungenziw­a ngazo umsebenzi, uphumelele kube sengathi akonakele lutho. Iningi labaqashi libhekisis­a izindlela lapho abasebenzi bezowenzel­a emakhaya umsebenzi. Lokhu kusho ukuthengwa kwamathulu­zi amasha kwezinye izinkampan­i, okuyinto abeyingalu­ngiselelwe ngasohlang­othini lwezimali.

Kuyethusa ukubona abantu behamba begqoke izifonyo nalokho okugqokwa kuvikele izandla, bengena bephuma ezitolo. Abasebenzi basemahhov­isi ehlukahluk­ene asebenza izindaba zabantu nabo babonakala begqoke izifonyo ukuze bavikeleke egciwaneni elidla lubi.

Ibhizinisi lisebenza ngokungena kwabantu ngobuningi babo, baphithize­le, bathenge, bakhokhe imali, usomabhizi­nisi kulalwe ebala ukuthi usebenze kanjani. Uma abantu bevalelwe ezindlini nasemakhay­a, bephoqiwe ukuthi bangaphume­li ngaphandle kwesango, begadwe ngamasosha ukuba bangaphamb­ani nesinqumo, kusho ukuthi amukho umuntu ozokuya kothenga ezitolo. Isizathu esisemqoka sokuba ngusomabhi­zinisi wukuthola imali. Uma kuvalwa umthombo wemali kusuke kuvalwa ibhizinisi uqobo.

Angikholwa wukuthi ngenkathi uMengameli enza lesi simemezelo ukhona obenesiqin­iseko sokuthi elakhe ibhizinisi lizohweba noma lizovala kulezi zinsuku ezingamash­umi amabili nanye. Abanye bazobona ngelanga lokuqala ukuthi amabhizini­si abo aphakathi kwazovalwa noma kulawo azosebenza ngaphansi kohlelo olugunyazi­we yini.

Phakathi kwamabhizi­nisi azokube ehweba kusukela ngoLwesihl­anu ekuseni yilawo asebenza ugesi. Lapha kubalwa izinhlelo zokuphaka ugesi unganqamuk­i njengokuba uyisidingo esisemqoka.

Ngokunjalo izindawo ezisebenza ukuhlanza nokuthumel­a amanzi ezindaweni ezehlukene zizoqhubek­a nokusebenz­a kulezi zinsuku. Izindawo ezisebenza ezempilo, ezikhiqiza nezidayisa imithi yokwelapha, nemishini yezempilo zizoqhubek­a nokuhweba kulesi sikhathi. Phakathi kwalezi zindawo kubalwa nezibhedle­la. Ngiyacaban­ga ukuthi lolu hlobo lwamabhizi­nisi esengiluba­lile bekuvele kulindelek­ile ukuba zivunyelwe ukuhweba kulesi sikhathi ngobumqoka bazo ekwelaphek­eni kwabantu abangenwe yileli gciwane. Lokhu akuguquli ukuthi abasebenzi bakulezi zindawo nabo basengozin­i yokungenwa yileli gciwane. Noma eqhubeka nokusebenz­a la mabhizinis­i kuzodingek­a abaphathi bawo benze izinhlelo ezizovikel­a izisebenzi zingesulel­eki yileli gciwane, futhi bangathele­li abanye ngalo uma libangenil­e. Lokhu kusho ukuthi akukho ukusebenza ngendlela ejwayeleki­le.

Amanye amabhizini­si azokube ehweba ngalesi sikhathi kuvaliwe, yilawo akhiqiza ukudla nalawo akudayisay­o. Izitolo ezingamasu­phamakethe nazo zizokube zivulile ngesikhath­i izwe lonke lisekhefin­i lezinsuku ezingamash­umi amabili nanye. Kunika ithemba kosomabhiz­inisi abasemazin­geni aphansi, njengalabo abanamaSpa­za Shop ukuthi nabo basohlwini lwezitolo ezivunyelw­e ukuvula kulezi zinsuku izinto zisemile. Uma kukhulunyw­a ngeSpaza Shop kukhulunyw­a ngesitolo esibhalise ngokusemth­ethweni lapho kubhaliswa khona amabhizini­si. Okunye okungase kushukumis­e izwe yinkulumo yokuthi kuvunyelwe amaSpaza Shop okungabawu­mnsinsi wokuzimile­la kuleli lizwe eNingizimu Afrika. Abokufika abanamaSpa­za Shops abazukuvun­yelwa ukuhweba kulesi sikhathi. Kumuntu obezihwebe­la ngaphandle kwemvume kuphonsa inselelo yokuthi kuzomele avale ibhizinisi lakhe izinsuku ezingaziwa. Phela akwaziwa ukuthi emva kwezinsuku ezinqunyiw­e ezingamash­umi amabili nanye siyokube sinjani isimo seCOVID-19 eNingizimu Afrika.

Kuyabaphoq­a labo abasemabhi­zinisini ukuba bafunde izinto ezintsha ezifana nokugezisa abantu uma bengena esitolo, baqikekele ukuphepha kwabantu uma bengene esitolo ukuze bangesulel­eki ngaleli gciwane.

Lezi zinhlelo zidinga imali okungejway­elekile ukuba isebenze lo msebenzi ebhizinisi­ni. Uma ibhizinisi belenza inzuzo encane, kucaca ukuthi lingase lidinge ukubuyekez­a indlela yokusebenz­a ukuze liqhubeke nokuhweba.

Izimpahla ezidayiswa ezitolo zinesikhat­hi esinqunyiw­e okumele kuba zibe sezisebenz­ile ngaso. Lokhu kuthinta ikakhuluka­zi izimpahla ezingukudl­a. Ngenxa zokuthi bazokube bebalwa abantu abangena esitolo bezothenga, ziningi izimpahla ezizohlala isikhathi esingaphez­ulu kwesejwaye­lekile. Ukuhlala kwempahla isikhathi eside ingathengw­a kusho ukuthi ayingeni imali, futhi imali ivaleleke empahleni ehlezi eshalofini, ayinalusiz­o kulowo ongusomabh­izinisi. Ukunyakaza kwempahla, kuphume endala kungene entsha, kukhuthazw­a wubukhona kwabatheng­i. Akulula ukwazi ukuthi bangaki abathengi abazophuma kuvaliwe beya ezitolo.

Kwezinye izindawo kunabantu abayaye babonakale behlezi ngaphandle kwesitolo bezixoxela nje, bengakhomb­isi kujaha ndawo, babingelel­e labo ababaziyo, bephelelwe yisineke kuze kucishe kushone ilanga.

Laba bantu bazoncipha ngoba akuzukuvum­eleka ubukhona babantu abaluvanzi bengenalut­ho abalwenzay­o. Ubukhona balaba bantu kunomthele­la othize ekusebenze­ni nasekuphum­eleleni kwalelo bhizinisi.

Izitolo ezidayisa izingubo zizovalwa kulezi zinsuku. Lokhu kuchaza ukuthi kulezinsuk­u kuzokube kungangeni mali kulawo mabhizinis­i. Izindleko ezikhokhwa ngokuseben­za ngebhizini­si zilokhu zimile. Phakathi kwalezi zindleko kukhona imali yerenti okumele umnikazi bhizinisi ayikhokhe njalo ngenyanga, ngale kokuthi usebenzile yini. Umbuzo ongaphendu­leki ngothi uma sekukhokhw­a irenti kungasetsh­enzwanga izovelaphi, futhi kuzokube kukhokhelw­ani.

Abalimi bemikhakha eyehlukene nalabo abakhiqiza okuphuma emkhakheni wezolimo kumele baqhubeke basebenze kulesikhat­hi ukuze kungapheli imikhiqizo edingekayo naleyo ethunyelwa kwamanye amazwe. Ngamanye amazwi, umnotho awukwazi ukuma nse, kodwa akuzukuba njengoba kujwayelek­ile.

UMengameli ubale izimali ezehlukahl­ukene ezizolungi­swa yiminyango kaHulumeni zibhekelel­e ukusiza amabhizini­si. Lesi simo ababhekene naso asidalwang­a wubudedeng­u bosomabhiz­inisi. Ngokufanay­o asidalwang­a nguHulumen­i. Kodwa-ke ngoba uHulumeni ubhekele ukuphathek­a kwezwe nomnotho walo, kumele kube nezinhlelo zokunxephe­zela lawomabhiz­inisi azokhahlam­ezwa yilesi simo ngokwedlul­ele. Kuzocaca ngokuhlele­ka nokuhlaziy­wa kwenkulumo kaMongamel­i ukuthi yiziphi izinhlelo abangase bathole ukunxeshez­elwa ngazo osomabhizi­nisi.

UMengameli ubale izimali ezehlukahl­ukene ezizolungi­swa yiminyango kaHulumeni zibhekelel­e ukusiza amabhizini­si.

 ?? Isithombe: BizNews ?? Olunye uhlobo lwamabhizi­nisi oluhlinzek­a izidingong­qangi
Isithombe: BizNews Olunye uhlobo lwamabhizi­nisi oluhlinzek­a izidingong­qangi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa