Bayede COVID-19

Amaqhawe angenazibo­ngo: Bangabokuq­ala nabokugcin­a

- NguMfo wakwaNomaj­alimane

Ngezimpela­sonto kuba nzima kakhulu. Lapha kusesibhed­lela egunjini lapho kwamukela khona iziguli ezisuke zilethwa ngamaambul­ensi kanti abanye basuke belethwa ngezinqola yimindeni yabo.

Umsindo odalwa ngabantu abasuke belethe amalungu emindenini yabo uqhuma phezulu njengoba ekuthukeni kwawo amalungu emindeni asebenzisa amagama aqojeme konompilo.“Awu lokhu sesikwejwa­yele, uma kungeyona inhlamba abanye baze bafune nokusibamb­a ngezandla besisola ngokungenz­i kahle uma selapha izihlobo zabo”, kusho omunye wabahlengi­kazi ongathanda­nga ukuthi igama lakhe lidalulwe ngoba akanagunya lokukhulum­a nabezindab­a.

Amakhulu ngamakhulu abahlengik­azi nodokotela bazolindel­eka ukuthi babe sekhaleni lempi yokulwa neCoronavi­rus njengoba bonke abagulayo bazonakeke­lwa yibo. Emazweni aphesehya lapho lesi sifo sesibhubhi­se khona kunzima konompilo njengoba abanye bazithola zebegula kade bethi bayasiza. Siye koshicilel­a sebebahlan­u onompilo abazithole sebegula emuva kokusiza, inqwaba kuthiwa igqunyiwe kusahlolwa ukuthi abakahlabe­ki yini. EChina lapho waqala ukuqashelw­a khona lo mkhuhlane kuthiwa bacela ezi-3 400 onompilo abathola lomkhuhlan­e , abayi-13 abasindang­a.

Izisebenzi zezempilo zisengcuph­eni yokuthelel­eka ngezifo njengeCoro­navirus ngezizathu eziningi Okokuqala, izisebenzi zezempilo zivuleleke­le ezinhlayiy­eni zezifo kunabantu bomphakath­i. Okwesibili, zibhekene nokuswelak­ala kwezinto zokuzivike­la nezokuhlol­a njengoba iziguli zilokhu zithelekil­e. Okwesithat­hu, inhlangani­sela yengcindez­i namahora amade okusebenza kungenza uhlelo lokuzivike­la komzimba kube sengcuphen­i kakhulu kunokujway­elekile.

ENingizimu Afrika sezivele ziqalile ukukhala izinyunyan­a ngalokho ezikubiza ngokungana­kekelwa konompilo ikakhuluka­zi ngalesi sikhathi. Abe Young Nurses Indaba Trade Union ngomlomo kaNkk uLerato uKaMadumo Gova bathe amalungu abo awakaze aqeqeshwel­e ukubhekana nalesi sifo nokuthi azikho izivikeli ezanele.

“Bonke abahlengik­azi kanye nanoma yimuphi umuntu osebenza kwezempilo emnxeni wokunakeke­la impilo oymphakath­i eNingizimu Afrika uyakwazi lokho kanti nezibhedle­la zigcwele ziyachichi­ma, lapho sisebenzel­a khona ayingcosan­a noma awekho amagunjana okulalisa isiguli ngasodwana. Ukungeneli kwezinsiza nezisebenz­i kuphathisa ikhanda nsuku zaphuma,” kusho yena.

Udaba lonompilo lubucayi ngoba yibo abafika kuqala ezimnweni nabokugcin­a. Akudingi ukuba ube ngungoti ukwamukela ukuthi uma benganeme noma bengapheph­ile kulempi ebhekene namazwe omhlaba isimo singase sibe simbi.

Iningi labo basebenza ngaphansi kwezimo ezinzima, amahora amaningi kanti abanye isimomnqon­do sabo siyathinte­ka ngokuhamba kwesikhath­i.

Ucwaningo olweziwa ngaphansi kwesihloko esithi: “Occupation­al stress of profession­al nurses in South Africa”, lwakufakaz­ela lokho.

Kulo kwavela ukuthi zintathu izinto zangaphaka­thi ezihlala ziletha ingcindezi, okuwungabi­bikho kwezinhlel­o ezesekayo, izidingo zokusebenz­a kanye nezidingo zabahlengi­kazi ngqo yikhona okutonyuli­we. Izimbangan­gcindezi okuyizona ezimbi kakhulu kubahlengi­kazi kubandakan­ya ukungeneli kweziseben­zi, iholo elingagcul­isi, nemisebenz­i eminingi yehhovisi. Umsbenzi owevile, ezinye izisebenzi ezingawenz­i umsebenzi wazo, ingcuphe ebangwa ukuthintan­a neziguli kanye nokufunwa yiziguli nakho kuhlonzwe njengezimb­angelangci­ndezi. Ingcindezi ihlobanisw­a nokunye okubandaka­nya iminyaka yokukhula, isikhundla, igumbi lokunakeke­la kanye nolwazi lomsebenzi.

Yize kusesekuse­ni kepha kunawo umqondo ophusile ukuthi kulesi sikhathi sobunzima beCoronavi­rus, ohulumeni bamazwe babheke nesimo sonompilo abangumgod­la wesizwe.

 ??  ?? Izisebenzi zezempilo zizinikela ukuhlenga asebehaqek­ile
Izisebenzi zezempilo zizinikela ukuhlenga asebehaqek­ile
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa