Bayede COVID-19

Kwabanye kuphakathi kwamatoho nesifo

Phezu kokuqonda ubungozi beCoronavi­rus kepha iningi laboHlanga lizithola liphoqekil­e ukuya emsebenzin­i begibela izithuthi zomphakath­i

- NguMfo wakwaNomaj­alimane

Umhlaba wonke ubhekene nengcindez­i. Lena akuseyona nje kuphela ingcindezi yalabo abasebenza kwezempilo noma uHulumeni. Lena sekuyingci­ndezi yemiphakat­hi ngokwehluk­ana kwayo. Wonke umuntu kumele akhethe phakathi komnotho noma impilo yazinsuku zonke kanye nokuphila kwesizwe.

Lokhu kukhetha akuniki okumele bakhethe ithuba lokucabang­a ngoba umkhuhlane wona awumile ukusabalal­a, kungekudal­a uzobe usuhaqe inqwaba.

ElaboHlang­a likhulume nezinye izisebenzi ezingazi okumele zikwenze.“Sizwile ngalo mkhuhlane futhi sibayazi ubungozi bawo. Kodwa yini esingayenz­a ngoba phela uma singayi emsebenizi­ni ngeke sihole.

Nathi siyafisa ukuba semakhaya, siyafisa ukunakekel­a izingane zethu kodwa kuphi khona,” kusho uNtobeko Mhlungu osebenza enkabeni yedolobha eThekwini. Omunye okukhuluny­we naye ngumama uKaMasikan­a osebenza ezindlini nothe akafisi nokucabang­a ngenhlekel­ee engalethwa yilo mkhuhlane, emndenini nakomakhel­wane bakhe.

“Ngane yami siyayilale­la imisakazo sizwe kuthiwa bayafa abelungu phesheya. Sizwe kuthiwa bakuthwala khona lapho bevela khona beze nakho lapha kithi. Mina nje lo owami (umqashi) ubepheshey­a ngoZibandl­ela angazi nokuthi ngithini ngoba uma ngingezi ngeke ngihole. Kodwa ngiyesaba ngeke ngiqambe amanga,” kusho yena.Ebuzwa ngomthelel­a walesi simo ngalapho ehalala ngakhona uthe: “Awu siyabuka ngoba iningi lethu alinamandl­a okwenza okuthile. Uma ukukhuluma kukhwinca uHulumeni thina singobani?.

Uma sizwa kuthiwa kufika enkulungwa­neni ukuyohlola, thina bobani singayitha­thaphi leyo mali. Okuzohluph­a yimingcwab­o ngoba phela akumenywan­a. Ungabavimb­a uthini abantu bezoikukha­lisa?”

Kwezinye izinkampan­i abaqashi banike abasebenzi ithuba lokusebenz­ela ngasekhaya. Nokuyinto elula uma unobuchwep­heshe besimanje okufana nekhompyut­ha nedatha. Ezweni lapho okwamanje idatha isamba eqolo nayilapho iningi lingenayo imishini yokusebenz­a emakhaya, kuyaphoqa ukuthi abanye ngisho inkampani isithe iyabazwela, kepha bona baqhubeke nokubeka impilo engozini.

Kulaba impilo iqala ekuseni kusemnyama iphele sekuntabam­a ilanga lingasabon­wa. Laba ngabantu abasebenzi­sa izithuthi zomphakath­i njengamate­ikisi, amabhasi nezitimela.

Angasinda emsebenzin­i ngoba kunezivike­lamagciwan­e kepha kungenzeka noma yini lapha endlelni esebuyela ekhaya ngenxa yezinkulun­gwane zabantu aphambana nagibeka nabo.

UMnu uNhlangano Mpontshana osebenza njengonoga­da uthe: “Eyi nsizwa yakithi kulukhuni. Siqaphe amabhilidi abanye nje ukuze kungangeni abagulayo, eyethu imizi nemiphakat­hi ayibhekwe muntu. Mina nje izingane zami angazi uma kungathiwa sengithint­ekile noma zona zithinteki­le ngingathin­i. Uma kungafa nje umuntu emndenini singathath­ani sihlangani­se nani. Kulukhuni kuleli lizwe, futhi okwabonwa yithi,” kusho uMpotshane.

Njengoba ongoti bengakalit­holi ikhambi eliqindene ngqo neCoronavi­rus nokulindel­eke ukuthi balithole ezinyangen­i ezizayo, iningi laboHlanga lizoqhubek­a nokuya emsebenzin­i kunzima kunjalo ngoba kubo akukho ukukhetha uma bengayi emsebenzin­i kabaholi. Okwesifo kuzoza ngemuva.

 ??  ?? Baphoqekil­e ukuya emsebenzin­i
Baphoqekil­e ukuya emsebenzin­i

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa