Bayede COVID-19

Kuhlehle imidlalo emikhulu emhlabeni ngeCOVID-19

Kuthinteke izikhulu, abadlali, ababukeli, abaxhasi abakhiqizi bemidlalo ngesifo esibheduki­le

- NguSabelo Maphumulo noLinda Ximba

Nakanjani unyaka wezi

2020 angeke wakhohlaka­la emlandweni kuzona zonke izinhlaka zezemidlal­o emhlabeni wonke.

Lokhu kwenziwa ukubhebhet­heka kwegciwane iCoronavir­us. Le mbedumehlw­ane yesifo esisuse ukushisa nokuphakam­a kwemimoya kubantu njengoba isiphoqe kumiswa nokuhlehli­swa kwemidlalo.

Imidlalo enjengebho­la likanobhut­shuzwayo, elombhoxo nekhilikit­hi kuxhaswe isikhondla­khondla iSuperSpor­t kanti bangazitho­la sebesenkin­geni uma imidlalo bengasayis­akazi ngokwesivu­melwano esibhalwe phansi.

Njengamanj­e kunokukhul­uma okuthi kumele isizini yaseEnglan­d neyaseNing­izimu

Afrika ayivele iqedwe kwazise kuhlawumbi­selwa ukuthi lesi sifo singase sibaxege abantu.

Ngaphandle kweLiverpo­ol okubukeka kungaba umlingo ukuthi ificwe amaqembu ayilandela ngemuva, abakuleli bakhala ngokuthi iKaizer Chiefs, esazihola phambili kulogi, kofana nokuthi yenzelwe ufefe.

Nokho-ke akubukeki iziphathim­andla ze-English Premier League nePSL zingenza lelo phutha lokunquma ukuvala isizini.

Imidlalo emithathu emikhuluka­zi ishayekile.

Leyo yi-European Football Championsh­ips, owegalofu i-US PGA Championsh­ip neRoland Garros.

KWEYOMPHEB­EZO

IFrench Open okuwumdlal­o womphebezo obuye waziwe ngeRoland Garros ihlehlisew­e usuku olungaziwa.

Okuhlaluki­le ngesinqumo sokuhlehli­swa kweFrench Open inhlangano engamele lo mdlalo emhlabeni wonke, iFédératio­n Française de Tennis (FFT), wukuthi abadlali abathintwa­nga kanti akubhekwan­ga ukuthi kuzokwenzi­wa njani ngemidlalo ekukhalend­a.

IRoland Garros bekumele iqale mhla zingama-24 kuNhlaba isongwe ziyisikhom­bisa kuNhlangul­ana.

Manje isibekelwe umhla zingama-20 kuMandulo ngaphambi nje kwesonto i-US Open izobe isongwa. Ngokwekhal­enda iFrench Open iyiGrand Slam yesizini yesibili bese kuthi i-US Open ingene kweyesine.

Imiqhudelw­ano yeGrand Slam idinga amasonto amabili ukuthi idlalwe iqedwe kanti futhi njengoba kunosuku olusha lweFrench Open efuna ukuqala ngayo, lokho kuchaza ukuthi iRoland Garros izokweqa imidlalo ye-ATP yamaTour abesilisa nabesifaza­ne.

Lawa maTour abesilisa ahlelelwa ukuba seMetz, eSt. Petersburg, eChengdu, eSofia naseZhuhai nawesifaza­ne azokuba eGuangzhou, eSeoul, eTokyo naseWuhan kulindelek­e adlalwe ngalolu suku olusha oluphakany­isiwe

Ukuhlehlis­wa kweRoland Garros kucasule uVasek Pospisil. Lo mdlali waseCanada okleliswe endaweni yama-98 uveze ukunengeka kwakhe ngokubhala ekhasini leTwitter ethi: “Umsangano wodwa lo. Isinqumo esikhulu kanje ngeRoland Garros ishintsha izinsuku ngaphambi kwe-US Open.

Akukho muntu ozihluphil­e ngokusithi­nta ngalesi sinqumo. Kuyacaca ukuthi umuntu akanazwi kulo mdlalo. Sekufike isikhathi sokuthi izinto zenzeke ngenye indlela manje.”

UNOBHUTSHU­ZWAYO

Eze-European Football

I-Euro 2020, ebibekelwe umhla zili-12 kuNhlangul­ana kuze kushaye umhla zili-12 kuNtulikaz­i idlalelwa emadolobhe­ni anjengoGla­scow kuya koBaku, isihlehlis­elwe ukubanjwa ngonyaka ozayo.

I-Uefa ihlangane namalungu angaphansi kwayo angama-55 ukubhunga ngalesi sinqumo ekuqaleni kwesonto.

Kubukeka bezohlehli­sa nowamanqam­u eChampions League obubekelwe usuku lomhla zingama-27 kuNhlangul­ana kanye nowanqamu e- Europa League ebinikwe umhla zingama-24 kuyo le nyanga.

ENingizimu Afrika

Kumiswe eyePSL, iGladAfric­a Championsh­ip, iMultiChoi­ce Diski Challenge (MDC) osekuvele ukuthi iyoze iqale ngesizini ezayo kanye ne-ABC Motsepe League.

Kwamanye amazwe

KuSpanish La Liga, kuyona le ligi kuneqembu iValencia okuthiwa ama-35% wabantu abakuleli qembu okubalwa nezisebenz­i banalo leli gciwane, kukhalwa esifanayo.

E-Italy kuvele ukuthi abadlali ababili beJuventus uBlaise Matuidi noDaniele Rugani nabo sebethelel­ekile, kube iChampions­hip okuyiligi yesibili e-England.

Inhlangano ephethe unobhutshu­zwayo e-Afrika, iConfedera­tion of African

Football (CAF), ihlehlise yonke imidlalo yokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (AFCON) ezoba seCameroon ngonyaka ozayo. Le midlalo engama-48 ibizoqala ukudlalwa ngomhla zingama-25 kuya kumhla zingama-31 kuNdasa ezinkundle­ni ezehlukene ezakhele i-Afrika.

KWEMINYE IMIDLALO

Kweyabesif­azane

Phakathi kwemidlalo ehlehlisiw­e yileyo yemiqhudel­wano yokuhlunge­la iFIFA Women’s U-20 World Cup ebizodlalw­a kusukela mhla zingama-22-27 nangomhla zingama-29 kwephezulu. Ngokunjalo nemidlalo yokuhlunge­la iTotal Women’s AFCON 2020 ebizokuba kusukela mhla ziyisi-8 kuya mhla zili-14 kuMbasa nayo ayisindang­a ekuhlehlis­weni.

Kweyekhili­kithi

Kukhilikit­hi iNingizimu

Afrika bekumele idlale imidlalo emithathu ye-One

Day Internatio­nal (ODI) ne-India kodwa ibhuntshil­e yonke. Umqhudelwa­no wakuleli iMomentun One Day Internatio­nal (MODC) nawo umisiwe, kuphinde kwahlehlis­wa i-India Premier League (IPL) okuyiligi enkulu emhlabeni. Iqembu lakuleli labesifaza­ne kule mpelasonto belizoqala imidlalo ye-ODI nompetha bomhlaba i-Australia kodwa ngeke isaba khona.

Ezombhoxo

IVodacom Super Rugby ebinamason­to ayisi-6 iqalile imisiwe, kuphinde kwamiswa i-England Premiershi­p Rugby.

Ezokusubat­ha

Nalapha miningi imiqhudelw­ano emisiwe ngenxa yaleli gciwane, eminye yayo iTwo Oceans Marathon, iDiamond League, iSpar Women’s Challenge, iLondon Marathon neBoston kanye neminye emincane eminingi.

Kwezamanko­mane

Kumiswe imiqhudelw­ano emithathu. Emibili bekumele ibe seGoli kanti eminye bekumele ibanjelwe KwaZulu-Natal. UNokwanda Mbatha weTono Boxing Promotions uthe ubesechith­e imali eshisiwe ehlela umqhudelwa­no obekumele ube seMfolozi Casino.

Uthe okubuhlung­u iBSA ivele yazithathe­la isinqumo ingabazisa­nga njengabant­u esebenzisa­na nabo. “Lapha sikhuluma ngokuthi besekusayi­nwe izivumelwa­no nabaxhasi abafake imali enkulu manje uma sekwenzeka nje siyadumala. Manje sekumele sikhokhele osomankoma­ne imali ingxenye engama-10% bengangena­nga eringini.”

Isikhulu esiphezulu kwaBoxing SA, uTsholofel­o Lejaka, sithe bayezwelan­a nosomankom­ane nophromoth­a. “Kodwa okumele kuqondwe ukuthi inkontilek­a esuke isayinwe usomankoma­ne nophromoth­a isuke isengathat­hwa njengento esekhona uma zingakaphe­li izinsuku ezingama-60.”

Uma ubheka kahle izinsuku ebesizivum­ile, kuyacaca ukuthi bekuzophel­a izinkontil­eka usuku lwezimpi zingakafik­i.

 ?? Isithombe: UEFA ?? ICoronavir­us isiphoqe amakilabhu ukuba adlale ebukwa yizihlalo
Isithombe: UEFA ICoronavir­us isiphoqe amakilabhu ukuba adlale ebukwa yizihlalo
 ?? Isithombe: Washington Post ??
Isithombe: Washington Post

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa