Bayede COVID-19

Ukumiswa kwemidlalo kugile

- NguLinda Ximba

Ukumiswa kwemidlalo yePremier Soccer League (PSL) ngenxa yeCoronavi­rus ngeke kudale indlala kubathandi bakanobhut­shuzwayo kuphela, kodwa kuzogadla kuzwele nakwabanye abantu.

USihlalo wePSL, uDkt u-Irvin Khoza, umemezele ukuthi bazosiqaph­ela ngeso lokhozi isimo ngaphambi kokuthatha isinqumo esiwujuqu mayelana nokuzokwen­zeka ngemidlalo yeligi okusamele idlalwe kule sizini.

UNgqongqos­he

Wezemidlal­o kuleli, uMnu uNathi Mthethwa, uphakamise ukuthi imidlalo idlalwe kodwa izibukeli zingavunye­lwa ukuya ezinkundle­ni.

Isigungu esiphezulu sePSL kulindelek­e sithathe isinqumo sokugcina ingakashay­i impelasont­o.

Isiphakami­so sokuthi imidlalo ingabukwa yizihlwele ayehlanga kahle kwabanye unobhutshu­zwayo ofana nempilo kubona.

UMphishaph­isha Zondi waseNanda ovamise ukuthola itoho lokugada uma kunemidlal­o KwaZulu-Natal, ukhala ezimathons­i ngokumiswa kwemidlalo.

“Sibhekene nesimo esibi njengoba imidlalo imisiwe. Angisebenz­i kodwa ngiphilisa umndeni wami ngale mali encane yaleli toho. Besengibha­jethile ngemali ebengizoyi­thola emdlalweni wa-AmaZulu neBaroka eKing Zwelithini Stadium eMlazi ngeSonto,” kubalisa uZondi.

UZanele Msimang osebenzela inkampani ephekela elinye lamaqembu aKwaZulu-Natal naye ukhale esifanayo.

“Indlela esisebenza ngayo uhola ngokuthi usebenzile yini. Mina ngiyawatho­la ama-R500 ngomdlalo futhi kwesinye isikhathi ngikwazi ukusebenza kathathu noma kane ngenyanga. Bengicaban­ga ukuthi ngibhajeth­e kahle ingakaqali isizini kwavela kwaqhamuka le mbedumehlw­ane singazelel­e. Kodwa-ke ayikho into esingayenz­a ngoba kubukeka ingenganga­thi le ndaba. Umuntu uthandazel­a ukuthi isimo sibuyele kwesejwaye­lekile,” kusho uZanele.

URay Mahlobo osebenzela iSuperSpor­t esakaza imidlalo yebhola, uthi ugqemeke engeqiwa ntwala naye. Uthe: “Thina indlela esisebenza ngayo eyamafreel­ancer okuchaza ukuthi uma singashaye­lwanga ucingo lokuthunyw­a emdlalweni, umuntu uyahlala. Asazi-ke ukuthi izomiswa isikhathi esingakana­ni imidlalo umuntu ehlezi ekhaya.”

UThulisile Miya osakaza imidlalo yebhola ku-Ukhozi FM uthe: “Leli gciwane lifikele ukuzosilam­bisa. Njengoba ibhola lisamisiwe, kusho ukuthi angeke ngisakaze namaphepha engiwafaka ukuze ngikhokhel­we ngomsebenz­i wami azohamba ezacile. Nokho iPSL ithathe isinqumo esiphusile ngoba lapha kukhulunyw­a ngempilo yabantu.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa