Bayede

Amaqembu awamshiyan­ga uMengemali ngolokhuve­the

- NguZakhele Nyuswa

Kungakaphe­li ngisho amahora anagama-24 ebikele isizwe ngokuzokwe­nzeka emizamweni yokulwa nokhuvethe kanye naleyo yokuqinise­kisa ukuthi umnotho wezwe uyageleza, UMengameli wezwe uRamaphosa uzithole ephansi kwengcinde­zi emva kokugxekwa ngamalungu ePhalamend­e ngesikhath­i enza isethulo. Ilungu lePhalamen­de elimele iNational Freedom Party, uMhlonishw­a u-Ahmed Munzoor Shaik Emam, ligxeke uHulumeni ngokuvula ukuthengis­wa kotshwala, nokuvunyel­wa kwamabhano­yi ukuthi asebenze futhi alayishe umthamo ogcwele.

Enye yezinto uHulumeni agxekwe kakhulu ngayo kulokhu kuhlala kwePhalame­nde ukuvulwa kwezikole. UMhlonishw­a uJulius

Malema, onguMengam­eli weEconomic Freedom Fighters uthe:

“Yikuphi ukuyalwa okutholwe nguHulumen­i ngokwezesa­yensi njengoba uMengameli ethula inkulumo yakhe efudemele kwakhe kodwa izingane kuthiwa azibuyele ezikoleni.” Amalungu e-EFF aphinde afuna ukuthi uMengameli noHulumeni baveze ukuthi yiziphi izinhlanga ezihaqwe kakhulu wukhuvethe. Ukugxekwa kukaHulume­ni kuvele nakumholi we-United Democratic Movement, uGeneral uBantu Holomisa okhale ngokuthi eNingizimu Afrika kunokwahlu­kana kakhulu ngenqubomg­omo yezomnotho yempahla enkulu. “Lokhu kubonakala nakuTripar­tite Alliance eholwa yi-African National Congress,” kusho uHolomisa.

UMholi weqembu eliphikisa­yo, uMnu uJohn Steenhuise­n, ukhwele wadilika kuMengamel­i ngokulahle­ka kwemiseben­zi nokuchapha­zeleka kwezinkamp­ani ezincane neziphakat­hi nendawo. Ukhumbuze uMengameli ukuthi iqembu leDemocrac­tic Alliance lasho kudala ukuthi sekufanele kumiswe ukuvalwa kwezwe ngoba sekuwenzil­e umsebenzi wakho.

UMengameli ukuvumile ukuthi kuzothatha isikhathi eside ukuvusa umnotho wezwe njengoba kumanje kungaziwa ukuthi bangaki abantu abazolahle­kelwa yimisebenz­i. Ukugcizele­le ukuthi uHulumeni usezongena agxile kwezamabhi­zinisi ukulekelel­a ukuvusa umnotho

Khona lapho uvumelene nelungu lePhalamen­de uMhlonishw­a uMakhubele­Mashele ukuthi ezemnotho emva kokhuvethe kuzofanele zibe nendima enkulu eqathwa uHulumeni. Lokhu kuzokwenzi­wa ngokuthi kubuyekezw­e inqubomgom­o, izindlela zokusebenz­a nesimo sezinhlaka zikahulume­ni. URmaphosa ugcizelele ukuthi uHulumeni uzoqinisek­isa ukuthi kuzoba nezinhlelo ezizokwand­isa ukuqashwa kwabantu yimisebenz­i kaHulumeni; ukutshalwa kwemali ekuvuselel­weni nasekwakhi­weni kwengalasi­zinda. Uphinde wathembisa ukuthi kuzoxhaswa kakhulu izinkampan­i ezincane nalabo bantu abahweba bengabhali­siwe.

 ?? Isithombe: GCIS ?? UMengameli uRamaphosa
Isithombe: GCIS UMengameli uRamaphosa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa