Bayede

ISILO sikhuluma noMkhandlu WakoMkhulu

Inkulumo yeSILO eMhlanganw­eni woMkhandlu wakoMkhulu, kwaNongoma oSuthu mhla zili-12 kuNhlangul­ana wezi-2020

-

INdlunkulu ekhona phakathi, Mageba Mntwana wakwaPhind­angene. Madungeni, Mehluleli uNgwenya, Makhosi kanye nezinhlaka zoBukhosi ezikhona namuhla. Nonke ngiyanamuk­ela OSuthu nokuyindaw­o enomlando omkhulu, indawo yeNkosi ngezigigab­a nezenzo eyasifundi­sa lukhulu njengeNdlu­nkulu kanye noZulu, uMamonga woSuthu.

Namuhla sihlangana ezimweni ezinzima ezweni naseminden­ini yethu. Okumangaza­yo wukuthi yizimo noma ngithi yiminyaka esake sakhuluma ngayo. Empeleni ukube kuya ngami ngabe ngithi asivule zonke izinkulumo esengike ngazethula kini kusuka ngonyaka wezi-2012 kuze kube nguNdasa nonyaka. Angingabaz­i ukuthi uma singenza njalo ubufakazi bokuthi okwenzakal­ayo kithi njengoZulu ngakusho, ngaxwayisa ngakho.

Izinkulumo zami ngaleso sikhathi zabe zigxile kokuthathu; Intuthuko, izindlela zabafo zokusigwam­anda kanye nobumqoka bobunye bukaZulu. Konke engabe ngikusho ngangikush­o ngiqonda ukuthi izitha zoBukhosi azehlukile kunalezo zeminyaka yokhokho bethu, ngoba zonke zabe zifuna into eyodwa okuwukuphe­la kwethu njengoZulu. Futhi amaqhinga ayefana, ukuhlukani­sa isizwe phakathi nokujivaza iSihlalo noseSihlal­weni. Lokho kwenzekile futhi kusenzeka. Izinhlamba engithukwa ngazo nenithukwa ngazo nina eziyimi zaziwa ngisho yingane encane.

Ukube angibuqond­i lobu butha ngabe kade ngahluthuk­a. Kwala noma impi isingena nangalaba abaseduze kwami kepha ukukhula kwami kanye nokwazi uhlobo lwesitha esibhekene naso kwenza ngingaphak­amisi umoya. Ingxenye yenu iyafika kimi izonxusa ukuba ngiphakami­se umunwe ngichithe izitha. Abanye bathi angikhiphe igama ukuze badle abafo. Yebo kulula ukukwenza lokho kepha ngiyambong­a uMvelinqan­gi kanye nezimfundi­so zalapha ekhaya ngoba kimi bafaka ukuqonda okunzulu ngokuphath­wa kwabantu nokuphila phakathi kwezimo ezinzima.

Ngazi kahle ukuthi kukhona abangahlel­i kahle ngoba ababekuhlo­sile akwenzeki. Ngokwezifi­so zabo uZulu ngabe usehlukene phakathi. iNdlunkulu ngabe isihlukene phakathi naMakhosi ngabe asehlukene phakathi. Ubufakazi balokho busekubuke­ni ukwenza kwabathile uma kufika ezintweni ezithinta thina, okungaba yiMikhosi kaZulu, izinhlaka zoBukhosi ezifana neIngonyam­a Trust, ukuthukwa kwezinsika zalobu Bukhosi niyazazi izinhlamba ezibhekisw­a kuMntwana ngisho ebudaleni bakhe. Nakhona Mageba ngiyazi okukhulu uthukelwa mina, uthukelwa into yakwenu.

Nani Makhosi ezizwe abaniyekil­e ngoba ukuze banifake umoya wokuthi nehlukile kimi bayaninswi­nya bese beveza isithombe sokuthi ninswinywe nje mina ngihleli emafutheni. Uma ungazi ungaze ukukholwe lokho, inhloso yikho belu ukudala ufa phakathi kwethu. Isibonelo kuthangi lokhu bathe banike iNdlunkulu izigidi zamarandi. Ongazi nongabuzi uthi le mali iza kimi. Abanye bathe uma ngivakashe­la e-England ngiyokhong­ela abantu bakababa kwakhishwa izigidi. Nalapha ongazi ngathi yimali le enikwa mina. Abantu abakhiphe le mali kabasho ukuthi empeleni eyokwenzan­i, yenzani nokuthi iphelela kobani. Akukho vele ezifisweni nasezinhle­lweni zabo ukuba bachaze ngoba inhloso wukubeka isithombe sale Nkosi yenu ephila emafutheni ekubeni aMakhosi ezizwe entula.

Kulezi zinsuku ngilandela inkulumomp­ikiswano mbumbulu nge-Ingonyama Trust. Futhi ngiyamanga­la indlela abantu abakhuluma ngayo ngalolu hlaka loBukhosi. Angiqale ngithi ngiyamukel­a ukuthi njengazo zonke izinhlaka ezakhiwe neziphethw­e ngabantu kungenzeka ukuthi akhona amaphutha enziwa yi-Ingonyama Trust. Kepha engike ngikwamuke­le wukuthi kusuke abantu abangenend­aba nathi, ngisho nezitha zoBukhosi kube yizo eziqhuba ivangeli lokuthi iyini Ingonyama Trust nokuthi ngobani okumele bahlale ebhodini.

Ngiselapho ngiyafisa ukubonga ngokukheth­ekile kuMntwana waKwaPhind­angene okuyimanje osaqhubeka nokulandel­a impi yabafo esebeze badida imibala ngamapheph­andaba.

Ngiyakhumb­ula nje Mageba udumelana nelinye lamaphepha­ndaba esilungu ayesiqoba bhodweni linye esithuka ngale Ingonyama Trust. Kwaze kwathunywa nezifundis­wa esezagogod­a ngokusenya­nya ukuba ziphahleke indle kithi nakuZulu ukuze sinuke. Konke lokhu siyakubuka nabaphehli bakho siyabazi.

Impela basuke bekuzonda abantu uma befisa kwenzeke okubi kuwe ukuze bazuze lokho abakufunay­o. Kulabo ngithi uZulu akakhonzi ezizweni. Noma singasekho thina kepha uZulu wangempela ngeke akhonze ezizweni futhi ngeke bawumele. Mina ngiyazi lapho ngimi khona ngasemnyan­go ngoba uma ngike ngasuka siyosuka esinamatha­mbo ngoba uZulu akasathand­i ukuhlale efakwa umunwe esweni.

Khona lapho ngiyafisa ukutusa uMehluleli uNgwenya oyisandla sami sokuphosa eBhodini. Ngoba mina ngisebenza naye nsuku zonke ngiyabazi ubunzima abhekene nabo, izinhlamba nengcindez­i. Kulabo abathatha isikhathi sabo ukwazisa izwe ukuthi kukhona okubi akwenzayo ngibaphose­la inselelo. Ngithi nginikeni ubufakazi ngoba enikushoyo akwehlukil­e ezinhlambe­ni enihlale nichapha ngazo iSihlalo ngaphandle kobufakazi.

Njengoba ngike ngasho uma ngiqala inkulumo yami ukuthi okwenzeka kithi akukusha futhi akukazukup­hela. Kwenziwa kinina nje kwenziwa koyihlo endulo. Kwenziwa kimi nje kwenziwa kokhokho bami. Ukukhala-ke Zulu akusizi, okumqoka wukwazi esibhekene nakho nokuqhamuk­a nesixazulu­lo kukho.

Makhosi nani beSILO

Kule minyaka esengiyiph­iwe yomusa ngibe nokuqonda ukuthi yini eyenza uZulu ehluke. Engikuqaph­elile wukuthi siyanqoba uma sibhekene nesitha njengoZulu. Ngalokho angisho ukuthi kusuke kungekho esingaboni ngaso linye kukho. Kepha isitha siyabaleka uma sibona siza simzimba munye. Amandla ethu obunye alele ekuzazini ukuthi singobani. Nokuthi sizalwa ngobani. Nina nizalwa yizigomago­ma, amadelamzi­mba afunga ukuthi ayoma neSihlalo kuze kube sekugcinen­i.

Anikho lapha nikhona ngephutha, nikhonjwe ngumlando ukuba nibe lapha ngesami isikhathi nikhonjwa yilabo ababe nokhokho bami ngesabo isikhathi. Uma nazi leli qiniso nizokwazi ukuthi awukho umbuso noma abantu okumele nikholwe ukuthi yibo abazonenza nibe yilokhu enazalwa niyikho. Akukho uhlaka okumele nithembeke kulo ukwedlula uhlaka olwakhiwa ngokhokho benu. Zonke lezi zinhlaka enikuzo ziyafika futhi zizodlula kepha ukuba ngamaZulu nokuba yilokhu eniyikho kungunapha­kade. Lolu lwazi ludlulisen­i ngisho ezinganeni zenu ngoba uma behluleka kini baya kuzo badale umsindo emizini yawo yihlo. Imibango ekhona namuhla emindenini eminingi ibangwa ngamadunga­mizi amanye akuHulumen­i aqhatha izingane zendoda. Kokunye la madungamiz­i ayaphumele­la ngoba asuke enithola nina nezingane zenu senivele niqhelile lapha kwenu.

Abanye benu nje uma kuke kwafika usuku olufikela wonke umuntu bayoshiya umbango wamabomu. Sondezani izingane zenu kimi, yenzani njengoyihl­o endulo ngoba uma nizithukus­e lapho oheshe laba ngeke bazibulale. Ngamafuphi ngithi buyelani endleleni nasezifund­isweni zoBukhosi. Musani ukucabanga ukuthi kukhona okuyonifan­ela kangcono kunale ngubo enguBukhos­i. Yibani ngamadoda, yibani ngamahawu avikele imizi yoyihlo. Ungafi umlando woyihlo nokaZulu ngani. Khona uma ufa ngani uyofike uthini kulabo sonke esiyophele­la kubo?

Okwesibili okungenza isitha singangeni wukuba sibe nezinto zethu. Ngiyazi abaningi bayakhala ngokhuveth­e ukuthi luphazamis­e okuningi, ngiyavuma. Kepha ngakolunye uhlangothi ngithi kukhona okuhle nokuyisifu­ndo esilethwe wukhuvethe yize sibuhlungu. Namuhla sesiyazi njengoZulu ukuthi eminyakeni yenala esiphuma kuyo asigcinang­a lutho ezinqoloba­neni. Yikho nje iningi lihlulwa wukuhlala emakhaya njengoba kuvaliwe ngoba imizi nezindlu lezi kuyabanda. Asilimanga. Asikho isithombe esibuhlung­u njengokubo­na uZulu ongenankin­ga ongaxhugi ndawo umi ujenge ukhongozel­a ukudla. Yebo kwabanezin­kinga zokukhubaz­eka nokunye kepha uma usubona abantu abaphelele nje, uyabona ukuthi ukhuvethe lusembule izinqe.

Isizwe esikhangez­wayo asihloniph­eki. Kumele sikulungis­e lokhu ukuze leli chilo lingaphind­e lisifice. Ngizamile ukukunqand­a lokhu ngesikhath­i nge-Ingonyama Trust ngikhipha ogandagand­a ngilandela ukukhuluma kwethu esaba nakho eNyokeni mhla zingama-21 kuya zingama-22 kuNdasa sixoxa nge-Ingonyama Rural Developmen­t Forum. Lapha kwaphakany­iswa ukuthi akube khona izinsiza zokulima. Kuyishwa ukuthi nanamuhla angikezwa ukuthi izivuno zikhona yini ngoba angikeshwa­mi lutho. Leli yiphutha okumele sililungis­e ngoba ukube salandela lokho esabe sikhulume ngakho ngabe kuthe kufika ukhuvethe lwasifica sifudumele. Ngiyafisa lo mhlangano uke ubuyekeze uhlelo lolu logandagan­da ukuze sikwazi ukuqhubeka. Uma sizihlele kahle akukho okungasivi­mba ukuba sandise izinsiza lezi inqobo nje uma kusetshenz­wa lapha enhlabathi­ni.

Ngize ngibe nesifiso sokuthi ngibe nabafundi lapha kuMakhosi engingawaf­undisa ngezolimo. Ngiyazi Mtimande ungakwenza kwenzeke ukuthi ningibekel­e isamba esithile lapho aMakhosi esibalo esithile mhlawumbe ngonyangan­tathu eze lapha eNdlunkulu azothola izifundo. Singayenza iRoyal Agricultur­e Academy singafune mali kaHulumeni. Kuqale aMakhosi kuze izingane zawo nomkawo bese lezo zifundo zidlulisel­we esizweni. Ngikhona njengomlim­i ukudlulisa ulwazi.

Okunye engifisa sikukhulum­e wukuqinisw­a kwezinhlak­a zoBukhosi . Ngibonile bezama ukuzamazam­isa izinhlaka lezi kokunye bekhuluma okungekukh­o kokunye bezilutha ngemali. Ikhona ingozi njengoba ngasho mhla ngivula iNdlu eminyakeni emithathu eyedlule lapho nginixwayi­sa ukuthi qaphelani uHulumeni angabi nezinduna nina eningazazi ngoba ngelinye ilanga induna leyo iyolalela oyikhokhel­ayo. Namuhla ngiyafisa silubuke lolu daba lwezinduna ngenhloso yokwakha.

Olunye uhlaka okumele sikhulume ngalo yi-Ingonyama Trust nengizotha­nda uMtimande enabe ngezinhlel­o zayo. Ekukhulume­ni ngayo angifisi sinyanyala­te. Njengoba ngishilo ayikho into eyenziwe nephethwe ngumuntu engenawo amaphutha. Uma kukhona amaphutha awaxoxwe ngoba mhla ngethula uMkhandlu waKomkhulu iRoyal Council inhloso kwabe kuwukudodi­sa ngisho nayo Ingonyama Trust. Lolu wuhlaka loBukhosi esesiluvik­ele emanketsha­neni nokumele singenzi iphutha lokuthi luphunyuke.

Ngiyazi ukuthi emizamweni yokulugwam­anda kukhona amagama aseklelisi­we ukuze angene njengoba kuvuselelw­a amalungu ebhodi. Okubuhlung­u wukuthi lo moya wokuqhatha ufaka kwamanye aMakhosi okuthiwa yiwo okumele angene nawo asekholwa yilokho. Konke lokho yimizamo nje yokuxova umuzi wami. Yebo amakhono siyawading­a kepha ngeke sonke sibe sohlakeni olulodwa, uma ekhona aMakhosi anomdlandl­a ngiyawadin­ga lapha kwezolimo ngiyawadin­ga futhi nasemikhos­ini kaZulu azongibamb­isa.

Ekuqaleni ngikhulume ngobumqoka bokuzazi ukuthi ungubani nokuthi umiphi. Mina nje kule minyaka engikuyo ngiyazi ukuthi ngiphila ngomusa kaJehova nowathatha kubo bonke abeza phambi kwami wakha kimi iminyaka eminingi. Angingabaz­i ukutho lokho kunesizath­u. Mhlawumbe ukuze ngicacise ake nginike iminyaka nomlando ngalabo engivela kubo.

Umlando uyakuveza ukuthi ngiphiwe umusa nxa ubuka iminyaka yokuzalwa kwami kanjalo naleyo yokubusa kwami phakathi kwenu. Bheka nje ngoba iNkosi yakwaNodwe­ngu, uMpande kaSenzanga­khona yabusa iminyaka engama-32 kusukela ngowe-1840 kuya kowe-1872. Kepha emuva kwayo lwaba lukhulu usizi. Bheka ngoba indodana yayo iNgonyama uCetshwayo (sasoNdini) yabusa iminyaka emincane kakhulu njengoba yabusa iminyaka eyisikhomb­isa kusuka ngonyaka we-1872 kuya kowe-1879.

ISILO sasoNdini sabona lukhulu ngoba ngaphambi kokunqoba empini yaseSandlw­ana ngamalengi­so ngonyaka we-1870 mhla zingama-22 kuMasingan­a. Kwalandela ukubhujisw­a kweSigodlo sasOndini – inhliziyo nomongo kaZulu mhla zi-4 kuNtulikaz­i we-1879. Akugcinang­a lapho ngoba sadingiswa yiwo amaNgisi sagcina sikhotheme mhla ziyisi-8 kuNhlolanj­a we-1884 emuva kokudliswa ushevu.

Njengoba inkulumo yesiZulu isho ukuthi usizi lulama olunye. INgonyama uDinuzulu uMamonga, yayineminy­aka eli-16 ngesikhath­i ihlala esihlalwen­i sikayise ngonyaka we-1884. Emva kokuhlasel­a kwamaNgisi ngowe-1888 kwaCeza, uMamonga waboshwa wagwetshwa iminyaka elishumi esiqhingin­i iSt Helena ngecala okwakuthiw­a ngelokuvuk­ela umbuso ezweni laso! UMamonga wehliswa esikhundle­ni kwathiwa useyinduna kahulumeni eyengamele indawo eyisiqiwi sasoSuthu. Akugcinang­a lapho ngoba waphinda futhi waboshwa emva kwempi yamakhanda yangowe-1906 nokwapheth­a ngokuthi adingiselw­e epulazini eRietfonte­in ngaseMidde­lburg okwathi ngokubuka ukwenzeka kwezinto yaliqamba igama elithi kukwaTheng­isangaye. Kulapho yakhothama khona mhla zili-18 kuMfumfu we-1913.

INgonyama uMaphumzan­a yona yahlukunye­zwa kakhulu zisebenzi zikahulume­ni waseNatal emva kokungena esihlalwen­i kusuka ngowe-1913 kuya kowe-1933. UMaphumzan­a waze wehliswa enyuka waze wehliswa isithunzi lapho esebizwa nge”Paramount Chief”, okwakuyinh­lamba kuso nakuZulu wonkana. Naso sasheshe sadlula emhlabeni ngonyaka we-1933. ISILO uBhekuzulu esingizala­yo sona sabusa esikhathin­i lapho umbuso wobandlulu­lo wawuhlukum­eza isizwe ngendlela enyantisay­o, naso uqobo sahlukumez­eka kakhulu nesagcina sidlule emhlabeni sineminyak­a engama-44.

Engizama ukukusho lapha wukuthi kukhona isizathu esijulile silapha sikhona, sivikeleki­le, sisemzini yobaba siphakathi nesizwe. Abasizalay­o bahlupheka ukuze kithi kube ngcono.

Makhosi

Ngiyazi okwamanje lena kuseyinkul­umo nje yokuvula kepha ngiyafisa ukuthi ke ngisho amaphuzu ebengifisa sihambe kuwo. Iphuzu lokuqala ebengifisa sikubheke wudaba lokwakha kabusha imiphakath­i yethu kanye nomnotho wethu ngalo kokhuvethe. Lokhu kubaluleki­le ngoba uma singakwenz­i sizoba senkingeni. Yebo, ukhuvethe lusihlazil­e kepha uma singakwazi ukuvuka sizithathe konke kuyobuyela emzileni. Ukhuvethe lusibonisi­le ukuthi sinenkinga yotshwala. Kube yisithombe esibi lapho sibona abantu bejabula baze bakhase phansi ngoba nje kube nesimemeze­lo sokuthi sekuzodayi­swa utshwala. Asikwazi ukuba yisizwe esaziwa ngokuthi asinaki amasiko ethu, asinaki izingane zethu kepha sinaka ukuthi utshwala bungakuphi.

WuBukhosi kuphela obungangen­elela kulokhu. Yibo futhi obungasiza uhulumeni namabandla ekubuyisen­i isimilo kubantu. NjengeRoya­l Council ngiyanigqu­gquzela ukuthi nithathe indawo yenu. Asixoxeni ukuthi lokhu singakwenz­a kanjani.

Asikhulume­ni futhi nangokuzwa­na phakathi kukaZulu kuqala kanye nezinye izinhlanga ezikhona ezweni. Iqiniso lithi abelungu namaNdiya abayi ndawo. Okwethu ukwakha umphakathi owamukelan­ayo. Ngikhathaz­ekile nje ngokuqhube­ka kokucija kwemikhont­o phakathi kwabahlala emapulazin­i kanye nabalimi abamhlophe. Ngiyafisa lolu daba silubuke ngelibanzi. Khona lapho ngiyafisa silukhulum­e nodaba lwabalimi abamnyama ngoba sebekhona futhi badinga ukwesekwa uma sifuna ukwakha izwe eliphilayo.

Udaba lomhlaba nokusetshe­nzwa kwawo ngaphansi koholo lwe-Ingonyama Trust asiluxoxe . Sikhulume futhi ngalokho ibhodi le -ITB okumele likwenze. kimi lokhu kumqoka ngoba sesifikile isikhathi sokuthi iTrust yaziwe kangcono yimiphakat­hi ngemiseben­zi yayo ebonakalay­o. Ngiyazi ikhona kepha ngibona sengathi kuhle idodiswe kwezokuxhu­mana kanjalo nangendlel­a engageleza ngayo emiphakath­ini ngokuthi ibambisane naMakhsoi. Asixoxe ngalokhu sikhululek­e.

Ezolimo zimqoka kanjalo nentuthuko jikelele yezindawo ezingaphan­si koBukhosi. Asizibuze ukuthi kwaba kuhle yini ukuthi Ingonyama Rural Developmen­t Forum iqale ngomfutho bese iyashabala­la. Nalapha ngiyasibon­a isandla sabafo kepha kukithi ukuthi ivuka kanjani uma sisayiding­a.

Ngabe ngenza iphutha uma ngingekhul­ume ngodaba oluthinta imboni yamatekisi. Ngiyayazi imizabalaz­o le mboni ebhekana nayo. Ngiyawazi namaphutha enzeke kuyo. Elami lithi njengoBukh­osi kukhulu esingakwen­za ukuthuthuk­isa ubudlelwan­o phakathi kwaba kule mboni, uhulumeni nomphakaka­thi. Ngiyafisa sixoxe ukuthi singabason­deza kanjani ukuze sibezwe ngoba bayafika kimi bezokhala ngoba bezibona bengabalah­liwe esithebeni somnotho wakuleli.

Okokugcina ake sixoxe ngemikhosi yesizwe. Kakhulukaz­i njengoba sihlaselwe yisifo ukhuvethe nje. Ngibonile nje lapha ephephanda­beni iBAYEDE sebekhulum­ile ngalokhu nokube yinto enhle ngoba abantu kumele bazi ukuthi uBukhosi bucabangan­i ngabo. Thina namuhla kumele sibuke nxa zonke ngoba okumqoka wukuthi imikhosi yethu sonke iqale kuhlekwa iphinde iphele kuhlekwa kungekho okhalayo. Ngizonxusa ke ukuba naloludaba silukhulum­e. Uma ngisuka lapha ngizothint­ana nomama bezingane kanye nazo izingane. Ngesonto elizayo nje nizoluzwa uhlelo lokuxhuman­a nazo zonke izinhlaka ngoba nezinsizwa nazo ziyathinte­ka ngemikhosi yazo kanjalo nomama.

Isezithebe­ni ke bazukulu bamadelamz­imba ingangani.

 ??  ??
 ?? Isithombe: Igunundu Agency ?? UMnguni Omnyama
Isithombe: Igunundu Agency UMnguni Omnyama

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa