ISILO sikhuluma noMkhandlu WakoMkhulu
Inkulumo yeSILO eMhlanganweni woMkhandlu wakoMkhulu, kwaNongoma oSuthu mhla zili-12 kuNhlangulana wezi-2020
INdlunkulu ekhona phakathi, Mageba Mntwana wakwaPhindangene. Madungeni, Mehluleli uNgwenya, Makhosi kanye nezinhlaka zoBukhosi ezikhona namuhla. Nonke ngiyanamukela OSuthu nokuyindawo enomlando omkhulu, indawo yeNkosi ngezigigaba nezenzo eyasifundisa lukhulu njengeNdlunkulu kanye noZulu, uMamonga woSuthu.
Namuhla sihlangana ezimweni ezinzima ezweni nasemindenini yethu. Okumangazayo wukuthi yizimo noma ngithi yiminyaka esake sakhuluma ngayo. Empeleni ukube kuya ngami ngabe ngithi asivule zonke izinkulumo esengike ngazethula kini kusuka ngonyaka wezi-2012 kuze kube nguNdasa nonyaka. Angingabazi ukuthi uma singenza njalo ubufakazi bokuthi okwenzakalayo kithi njengoZulu ngakusho, ngaxwayisa ngakho.
Izinkulumo zami ngaleso sikhathi zabe zigxile kokuthathu; Intuthuko, izindlela zabafo zokusigwamanda kanye nobumqoka bobunye bukaZulu. Konke engabe ngikusho ngangikusho ngiqonda ukuthi izitha zoBukhosi azehlukile kunalezo zeminyaka yokhokho bethu, ngoba zonke zabe zifuna into eyodwa okuwukuphela kwethu njengoZulu. Futhi amaqhinga ayefana, ukuhlukanisa isizwe phakathi nokujivaza iSihlalo noseSihlalweni. Lokho kwenzekile futhi kusenzeka. Izinhlamba engithukwa ngazo nenithukwa ngazo nina eziyimi zaziwa ngisho yingane encane.
Ukube angibuqondi lobu butha ngabe kade ngahluthuka. Kwala noma impi isingena nangalaba abaseduze kwami kepha ukukhula kwami kanye nokwazi uhlobo lwesitha esibhekene naso kwenza ngingaphakamisi umoya. Ingxenye yenu iyafika kimi izonxusa ukuba ngiphakamise umunwe ngichithe izitha. Abanye bathi angikhiphe igama ukuze badle abafo. Yebo kulula ukukwenza lokho kepha ngiyambonga uMvelinqangi kanye nezimfundiso zalapha ekhaya ngoba kimi bafaka ukuqonda okunzulu ngokuphathwa kwabantu nokuphila phakathi kwezimo ezinzima.
Ngazi kahle ukuthi kukhona abangahleli kahle ngoba ababekuhlosile akwenzeki. Ngokwezifiso zabo uZulu ngabe usehlukene phakathi. iNdlunkulu ngabe isihlukene phakathi naMakhosi ngabe asehlukene phakathi. Ubufakazi balokho busekubukeni ukwenza kwabathile uma kufika ezintweni ezithinta thina, okungaba yiMikhosi kaZulu, izinhlaka zoBukhosi ezifana neIngonyama Trust, ukuthukwa kwezinsika zalobu Bukhosi niyazazi izinhlamba ezibhekiswa kuMntwana ngisho ebudaleni bakhe. Nakhona Mageba ngiyazi okukhulu uthukelwa mina, uthukelwa into yakwenu.
Nani Makhosi ezizwe abaniyekile ngoba ukuze banifake umoya wokuthi nehlukile kimi bayaninswinya bese beveza isithombe sokuthi ninswinywe nje mina ngihleli emafutheni. Uma ungazi ungaze ukukholwe lokho, inhloso yikho belu ukudala ufa phakathi kwethu. Isibonelo kuthangi lokhu bathe banike iNdlunkulu izigidi zamarandi. Ongazi nongabuzi uthi le mali iza kimi. Abanye bathe uma ngivakashela e-England ngiyokhongela abantu bakababa kwakhishwa izigidi. Nalapha ongazi ngathi yimali le enikwa mina. Abantu abakhiphe le mali kabasho ukuthi empeleni eyokwenzani, yenzani nokuthi iphelela kobani. Akukho vele ezifisweni nasezinhlelweni zabo ukuba bachaze ngoba inhloso wukubeka isithombe sale Nkosi yenu ephila emafutheni ekubeni aMakhosi ezizwe entula.
Kulezi zinsuku ngilandela inkulumompikiswano mbumbulu nge-Ingonyama Trust. Futhi ngiyamangala indlela abantu abakhuluma ngayo ngalolu hlaka loBukhosi. Angiqale ngithi ngiyamukela ukuthi njengazo zonke izinhlaka ezakhiwe neziphethwe ngabantu kungenzeka ukuthi akhona amaphutha enziwa yi-Ingonyama Trust. Kepha engike ngikwamukele wukuthi kusuke abantu abangenendaba nathi, ngisho nezitha zoBukhosi kube yizo eziqhuba ivangeli lokuthi iyini Ingonyama Trust nokuthi ngobani okumele bahlale ebhodini.
Ngiselapho ngiyafisa ukubonga ngokukhethekile kuMntwana waKwaPhindangene okuyimanje osaqhubeka nokulandela impi yabafo esebeze badida imibala ngamaphephandaba.
Ngiyakhumbula nje Mageba udumelana nelinye lamaphephandaba esilungu ayesiqoba bhodweni linye esithuka ngale Ingonyama Trust. Kwaze kwathunywa nezifundiswa esezagogoda ngokusenyanya ukuba ziphahleke indle kithi nakuZulu ukuze sinuke. Konke lokhu siyakubuka nabaphehli bakho siyabazi.
Impela basuke bekuzonda abantu uma befisa kwenzeke okubi kuwe ukuze bazuze lokho abakufunayo. Kulabo ngithi uZulu akakhonzi ezizweni. Noma singasekho thina kepha uZulu wangempela ngeke akhonze ezizweni futhi ngeke bawumele. Mina ngiyazi lapho ngimi khona ngasemnyango ngoba uma ngike ngasuka siyosuka esinamathambo ngoba uZulu akasathandi ukuhlale efakwa umunwe esweni.
Khona lapho ngiyafisa ukutusa uMehluleli uNgwenya oyisandla sami sokuphosa eBhodini. Ngoba mina ngisebenza naye nsuku zonke ngiyabazi ubunzima abhekene nabo, izinhlamba nengcindezi. Kulabo abathatha isikhathi sabo ukwazisa izwe ukuthi kukhona okubi akwenzayo ngibaphosela inselelo. Ngithi nginikeni ubufakazi ngoba enikushoyo akwehlukile ezinhlambeni enihlale nichapha ngazo iSihlalo ngaphandle kobufakazi.
Njengoba ngike ngasho uma ngiqala inkulumo yami ukuthi okwenzeka kithi akukusha futhi akukazukuphela. Kwenziwa kinina nje kwenziwa koyihlo endulo. Kwenziwa kimi nje kwenziwa kokhokho bami. Ukukhala-ke Zulu akusizi, okumqoka wukwazi esibhekene nakho nokuqhamuka nesixazululo kukho.
Makhosi nani beSILO
Kule minyaka esengiyiphiwe yomusa ngibe nokuqonda ukuthi yini eyenza uZulu ehluke. Engikuqaphelile wukuthi siyanqoba uma sibhekene nesitha njengoZulu. Ngalokho angisho ukuthi kusuke kungekho esingaboni ngaso linye kukho. Kepha isitha siyabaleka uma sibona siza simzimba munye. Amandla ethu obunye alele ekuzazini ukuthi singobani. Nokuthi sizalwa ngobani. Nina nizalwa yizigomagoma, amadelamzimba afunga ukuthi ayoma neSihlalo kuze kube sekugcineni.
Anikho lapha nikhona ngephutha, nikhonjwe ngumlando ukuba nibe lapha ngesami isikhathi nikhonjwa yilabo ababe nokhokho bami ngesabo isikhathi. Uma nazi leli qiniso nizokwazi ukuthi awukho umbuso noma abantu okumele nikholwe ukuthi yibo abazonenza nibe yilokhu enazalwa niyikho. Akukho uhlaka okumele nithembeke kulo ukwedlula uhlaka olwakhiwa ngokhokho benu. Zonke lezi zinhlaka enikuzo ziyafika futhi zizodlula kepha ukuba ngamaZulu nokuba yilokhu eniyikho kungunaphakade. Lolu lwazi ludluliseni ngisho ezinganeni zenu ngoba uma behluleka kini baya kuzo badale umsindo emizini yawo yihlo. Imibango ekhona namuhla emindenini eminingi ibangwa ngamadungamizi amanye akuHulumeni aqhatha izingane zendoda. Kokunye la madungamizi ayaphumelela ngoba asuke enithola nina nezingane zenu senivele niqhelile lapha kwenu.
Abanye benu nje uma kuke kwafika usuku olufikela wonke umuntu bayoshiya umbango wamabomu. Sondezani izingane zenu kimi, yenzani njengoyihlo endulo ngoba uma nizithukuse lapho oheshe laba ngeke bazibulale. Ngamafuphi ngithi buyelani endleleni nasezifundisweni zoBukhosi. Musani ukucabanga ukuthi kukhona okuyonifanela kangcono kunale ngubo enguBukhosi. Yibani ngamadoda, yibani ngamahawu avikele imizi yoyihlo. Ungafi umlando woyihlo nokaZulu ngani. Khona uma ufa ngani uyofike uthini kulabo sonke esiyophelela kubo?
Okwesibili okungenza isitha singangeni wukuba sibe nezinto zethu. Ngiyazi abaningi bayakhala ngokhuvethe ukuthi luphazamise okuningi, ngiyavuma. Kepha ngakolunye uhlangothi ngithi kukhona okuhle nokuyisifundo esilethwe wukhuvethe yize sibuhlungu. Namuhla sesiyazi njengoZulu ukuthi eminyakeni yenala esiphuma kuyo asigcinanga lutho ezinqolobaneni. Yikho nje iningi lihlulwa wukuhlala emakhaya njengoba kuvaliwe ngoba imizi nezindlu lezi kuyabanda. Asilimanga. Asikho isithombe esibuhlungu njengokubona uZulu ongenankinga ongaxhugi ndawo umi ujenge ukhongozela ukudla. Yebo kwabanezinkinga zokukhubazeka nokunye kepha uma usubona abantu abaphelele nje, uyabona ukuthi ukhuvethe lusembule izinqe.
Isizwe esikhangezwayo asihlonipheki. Kumele sikulungise lokhu ukuze leli chilo lingaphinde lisifice. Ngizamile ukukunqanda lokhu ngesikhathi nge-Ingonyama Trust ngikhipha ogandaganda ngilandela ukukhuluma kwethu esaba nakho eNyokeni mhla zingama-21 kuya zingama-22 kuNdasa sixoxa nge-Ingonyama Rural Development Forum. Lapha kwaphakanyiswa ukuthi akube khona izinsiza zokulima. Kuyishwa ukuthi nanamuhla angikezwa ukuthi izivuno zikhona yini ngoba angikeshwami lutho. Leli yiphutha okumele sililungise ngoba ukube salandela lokho esabe sikhulume ngakho ngabe kuthe kufika ukhuvethe lwasifica sifudumele. Ngiyafisa lo mhlangano uke ubuyekeze uhlelo lolu logandaganda ukuze sikwazi ukuqhubeka. Uma sizihlele kahle akukho okungasivimba ukuba sandise izinsiza lezi inqobo nje uma kusetshenzwa lapha enhlabathini.
Ngize ngibe nesifiso sokuthi ngibe nabafundi lapha kuMakhosi engingawafundisa ngezolimo. Ngiyazi Mtimande ungakwenza kwenzeke ukuthi ningibekele isamba esithile lapho aMakhosi esibalo esithile mhlawumbe ngonyangantathu eze lapha eNdlunkulu azothola izifundo. Singayenza iRoyal Agriculture Academy singafune mali kaHulumeni. Kuqale aMakhosi kuze izingane zawo nomkawo bese lezo zifundo zidluliselwe esizweni. Ngikhona njengomlimi ukudlulisa ulwazi.
Okunye engifisa sikukhulume wukuqiniswa kwezinhlaka zoBukhosi . Ngibonile bezama ukuzamazamisa izinhlaka lezi kokunye bekhuluma okungekukho kokunye bezilutha ngemali. Ikhona ingozi njengoba ngasho mhla ngivula iNdlu eminyakeni emithathu eyedlule lapho nginixwayisa ukuthi qaphelani uHulumeni angabi nezinduna nina eningazazi ngoba ngelinye ilanga induna leyo iyolalela oyikhokhelayo. Namuhla ngiyafisa silubuke lolu daba lwezinduna ngenhloso yokwakha.
Olunye uhlaka okumele sikhulume ngalo yi-Ingonyama Trust nengizothanda uMtimande enabe ngezinhlelo zayo. Ekukhulumeni ngayo angifisi sinyanyalate. Njengoba ngishilo ayikho into eyenziwe nephethwe ngumuntu engenawo amaphutha. Uma kukhona amaphutha awaxoxwe ngoba mhla ngethula uMkhandlu waKomkhulu iRoyal Council inhloso kwabe kuwukudodisa ngisho nayo Ingonyama Trust. Lolu wuhlaka loBukhosi esesiluvikele emanketshaneni nokumele singenzi iphutha lokuthi luphunyuke.
Ngiyazi ukuthi emizamweni yokulugwamanda kukhona amagama aseklelisiwe ukuze angene njengoba kuvuselelwa amalungu ebhodi. Okubuhlungu wukuthi lo moya wokuqhatha ufaka kwamanye aMakhosi okuthiwa yiwo okumele angene nawo asekholwa yilokho. Konke lokho yimizamo nje yokuxova umuzi wami. Yebo amakhono siyawadinga kepha ngeke sonke sibe sohlakeni olulodwa, uma ekhona aMakhosi anomdlandla ngiyawadinga lapha kwezolimo ngiyawadinga futhi nasemikhosini kaZulu azongibambisa.
Ekuqaleni ngikhulume ngobumqoka bokuzazi ukuthi ungubani nokuthi umiphi. Mina nje kule minyaka engikuyo ngiyazi ukuthi ngiphila ngomusa kaJehova nowathatha kubo bonke abeza phambi kwami wakha kimi iminyaka eminingi. Angingabazi ukutho lokho kunesizathu. Mhlawumbe ukuze ngicacise ake nginike iminyaka nomlando ngalabo engivela kubo.
Umlando uyakuveza ukuthi ngiphiwe umusa nxa ubuka iminyaka yokuzalwa kwami kanjalo naleyo yokubusa kwami phakathi kwenu. Bheka nje ngoba iNkosi yakwaNodwengu, uMpande kaSenzangakhona yabusa iminyaka engama-32 kusukela ngowe-1840 kuya kowe-1872. Kepha emuva kwayo lwaba lukhulu usizi. Bheka ngoba indodana yayo iNgonyama uCetshwayo (sasoNdini) yabusa iminyaka emincane kakhulu njengoba yabusa iminyaka eyisikhombisa kusuka ngonyaka we-1872 kuya kowe-1879.
ISILO sasoNdini sabona lukhulu ngoba ngaphambi kokunqoba empini yaseSandlwana ngamalengiso ngonyaka we-1870 mhla zingama-22 kuMasingana. Kwalandela ukubhujiswa kweSigodlo sasOndini – inhliziyo nomongo kaZulu mhla zi-4 kuNtulikazi we-1879. Akugcinanga lapho ngoba sadingiswa yiwo amaNgisi sagcina sikhotheme mhla ziyisi-8 kuNhlolanja we-1884 emuva kokudliswa ushevu.
Njengoba inkulumo yesiZulu isho ukuthi usizi lulama olunye. INgonyama uDinuzulu uMamonga, yayineminyaka eli-16 ngesikhathi ihlala esihlalweni sikayise ngonyaka we-1884. Emva kokuhlasela kwamaNgisi ngowe-1888 kwaCeza, uMamonga waboshwa wagwetshwa iminyaka elishumi esiqhingini iSt Helena ngecala okwakuthiwa ngelokuvukela umbuso ezweni laso! UMamonga wehliswa esikhundleni kwathiwa useyinduna kahulumeni eyengamele indawo eyisiqiwi sasoSuthu. Akugcinanga lapho ngoba waphinda futhi waboshwa emva kwempi yamakhanda yangowe-1906 nokwaphetha ngokuthi adingiselwe epulazini eRietfontein ngaseMiddelburg okwathi ngokubuka ukwenzeka kwezinto yaliqamba igama elithi kukwaThengisangaye. Kulapho yakhothama khona mhla zili-18 kuMfumfu we-1913.
INgonyama uMaphumzana yona yahlukunyezwa kakhulu zisebenzi zikahulumeni waseNatal emva kokungena esihlalweni kusuka ngowe-1913 kuya kowe-1933. UMaphumzana waze wehliswa enyuka waze wehliswa isithunzi lapho esebizwa nge”Paramount Chief”, okwakuyinhlamba kuso nakuZulu wonkana. Naso sasheshe sadlula emhlabeni ngonyaka we-1933. ISILO uBhekuzulu esingizalayo sona sabusa esikhathini lapho umbuso wobandlululo wawuhlukumeza isizwe ngendlela enyantisayo, naso uqobo sahlukumezeka kakhulu nesagcina sidlule emhlabeni sineminyaka engama-44.
Engizama ukukusho lapha wukuthi kukhona isizathu esijulile silapha sikhona, sivikelekile, sisemzini yobaba siphakathi nesizwe. Abasizalayo bahlupheka ukuze kithi kube ngcono.
Makhosi
Ngiyazi okwamanje lena kuseyinkulumo nje yokuvula kepha ngiyafisa ukuthi ke ngisho amaphuzu ebengifisa sihambe kuwo. Iphuzu lokuqala ebengifisa sikubheke wudaba lokwakha kabusha imiphakathi yethu kanye nomnotho wethu ngalo kokhuvethe. Lokhu kubalulekile ngoba uma singakwenzi sizoba senkingeni. Yebo, ukhuvethe lusihlazile kepha uma singakwazi ukuvuka sizithathe konke kuyobuyela emzileni. Ukhuvethe lusibonisile ukuthi sinenkinga yotshwala. Kube yisithombe esibi lapho sibona abantu bejabula baze bakhase phansi ngoba nje kube nesimemezelo sokuthi sekuzodayiswa utshwala. Asikwazi ukuba yisizwe esaziwa ngokuthi asinaki amasiko ethu, asinaki izingane zethu kepha sinaka ukuthi utshwala bungakuphi.
WuBukhosi kuphela obungangenelela kulokhu. Yibo futhi obungasiza uhulumeni namabandla ekubuyiseni isimilo kubantu. NjengeRoyal Council ngiyanigqugquzela ukuthi nithathe indawo yenu. Asixoxeni ukuthi lokhu singakwenza kanjani.
Asikhulumeni futhi nangokuzwana phakathi kukaZulu kuqala kanye nezinye izinhlanga ezikhona ezweni. Iqiniso lithi abelungu namaNdiya abayi ndawo. Okwethu ukwakha umphakathi owamukelanayo. Ngikhathazekile nje ngokuqhubeka kokucija kwemikhonto phakathi kwabahlala emapulazini kanye nabalimi abamhlophe. Ngiyafisa lolu daba silubuke ngelibanzi. Khona lapho ngiyafisa silukhulume nodaba lwabalimi abamnyama ngoba sebekhona futhi badinga ukwesekwa uma sifuna ukwakha izwe eliphilayo.
Udaba lomhlaba nokusetshenzwa kwawo ngaphansi koholo lwe-Ingonyama Trust asiluxoxe . Sikhulume futhi ngalokho ibhodi le -ITB okumele likwenze. kimi lokhu kumqoka ngoba sesifikile isikhathi sokuthi iTrust yaziwe kangcono yimiphakathi ngemisebenzi yayo ebonakalayo. Ngiyazi ikhona kepha ngibona sengathi kuhle idodiswe kwezokuxhumana kanjalo nangendlela engageleza ngayo emiphakathini ngokuthi ibambisane naMakhsoi. Asixoxe ngalokhu sikhululeke.
Ezolimo zimqoka kanjalo nentuthuko jikelele yezindawo ezingaphansi koBukhosi. Asizibuze ukuthi kwaba kuhle yini ukuthi Ingonyama Rural Development Forum iqale ngomfutho bese iyashabalala. Nalapha ngiyasibona isandla sabafo kepha kukithi ukuthi ivuka kanjani uma sisayidinga.
Ngabe ngenza iphutha uma ngingekhulume ngodaba oluthinta imboni yamatekisi. Ngiyayazi imizabalazo le mboni ebhekana nayo. Ngiyawazi namaphutha enzeke kuyo. Elami lithi njengoBukhosi kukhulu esingakwenza ukuthuthukisa ubudlelwano phakathi kwaba kule mboni, uhulumeni nomphakakathi. Ngiyafisa sixoxe ukuthi singabasondeza kanjani ukuze sibezwe ngoba bayafika kimi bezokhala ngoba bezibona bengabalahliwe esithebeni somnotho wakuleli.
Okokugcina ake sixoxe ngemikhosi yesizwe. Kakhulukazi njengoba sihlaselwe yisifo ukhuvethe nje. Ngibonile nje lapha ephephandabeni iBAYEDE sebekhulumile ngalokhu nokube yinto enhle ngoba abantu kumele bazi ukuthi uBukhosi bucabangani ngabo. Thina namuhla kumele sibuke nxa zonke ngoba okumqoka wukuthi imikhosi yethu sonke iqale kuhlekwa iphinde iphele kuhlekwa kungekho okhalayo. Ngizonxusa ke ukuba naloludaba silukhulume. Uma ngisuka lapha ngizothintana nomama bezingane kanye nazo izingane. Ngesonto elizayo nje nizoluzwa uhlelo lokuxhumana nazo zonke izinhlaka ngoba nezinsizwa nazo ziyathinteka ngemikhosi yazo kanjalo nomama.
Isezithebeni ke bazukulu bamadelamzimba ingangani.