Bayede

Selitholak­ele ilahle emlotheni ngomthemel­ezo

Uyakholwa ukuthi akuphethe wubizo olungaba yimpendulo ngesikhath­i sethu

- NguMfo wakwaNomaj­alimane

Ngesikhath­i kukhona ukukhala ngalokho ongoti abakubiza ngokuduka kanjalo nokulahla kwentsha imvelaphi yayo, intokazi yaseManden­i kwaZuluNat­al isimi endaweni engejwayel­ekile nesiyaba yifusi ngoba kade ingasahlel­i futhi inganjwa muntu. Empeleni bese kungumloth­a nje kungekho nethemba lokuthi kuyoke kutholakal­e okuyobuye kuvuse umlilo. Igama lale ntokazi nguNkosing­iphile Mpanza owaziwa ngelika Zawadi YaMungu nokuyigama lesiShwahi­li elisho okufanayo okuthi INkosi Ingiphile.

Kuleli sonto ngaphansi kwenkampan­i iKhoza Klan, okaSandane­zwe uzokwethul­a umnikelo wakhe, okuyicwecw­e elisihloko sithi HRM Magogo School of Thought. Lo msebenzi ukhwezelwe, weluswa waphinde wasingathw­a zintshebe, uMbuso Khoza kanye noNduduzo Makhathi nabahlonis­hwayo kulo mkhakha. Lesi sihloko salo mnikelo sisodwa nje sikhuluma indaba njengoba singegama loMntwana uMagogo kaDinuzulu.

Umbuzo wokuqala obhekiswe kuye wukuthi kungani eqhamuke nalesi sihloko nokuthi hlobo luni lomculo lolu akulo. Ngokuzethe­mba le ntokazi iphendulil­e yathi:

“Uhlobo lomculo engiwucula­yo ngumthemel­ezo ongaphansi kwamahubo. Yize wabe uyingxenye yempilo yansuku zonke endulo kepha unqabe kakhulu futhi waqoshwa ngezikhath­i zoMntwana uMagogo nowenza ubulungisw­a ngesikhath­i engagcini nje ngokuwucul­a kepha nangokufun­disa abezizwe ngawo” kusho le ntokazi.

Ukwamukele ukuthi njengoba engawufund­elanga nje umculo nalolu hlobo lomculo, okwakhe kwaba wubizo lokuthi azokwenza umnikelo ekuqhubeni lokho okwaqalwa ngabeza phambi kwakhe.

“Lo msebenzi uwukuhloni­pha uMntwana uMagogo nowaba luphawu lokuhle ngathi. IsiZulu sithi inkonyama lihamba lapho kuhambe khona unina, nami ngihamba lapho kuhambe khona abazali bami bonke labo engibaziyo nengingaba­ziyo”, kusho le ntokazi ngezwi nangobuso obujulile.

Kuze kube yinamuhla uMntwana uMagogo uthathwa njengesazi hhayi kuphela samahubo kaZulu kepha nangeciko elabe ligogodile ekudlaleni ugubhu kanye nomakhweya­na. Uma ecula wayenekhon­o lokusuka ekuculeni amaculo abe hlatshelel­wa zintombi nxa zikhumbula izesheli namasoka. Engagcini lapho ngoba wayedlulel­a ngisho kulawo anomlando wesizwe okwakuyizi­gameko ezinye ayezibona okunye kube ngakufunda khona eNdlunkulu. Ulwazi lwakhe lwabe luyinoni kubahlaziy­i kuleli naphesheya kwezilwand­le. Ngonyaka we-1939 uDkt uHugh Tracey waqopha umculo wakhe nokwalande­la ngeminyaka ye-1950 ukuqoshwa komsebenzi wakhe omningi.

UZawadi uthi okwehlukil­e ngaye namuhla nangesikha­thi esaqala wukuthi manje ucula ngento anomlando ngayo nokuyinto atusa uKhoza ngayo. “UKhoza wangamukel­a ngaphansi kophahla lweAfrican Heritage Ensemble, nayilapho angilolong­a khona izwi waphinde wangifunza ngomlando kaZulu namahubo. Lokhu kwenza ngawathand­a amahubo futhi ngakuqonda ukujula nobumqoka bawo kithi njengesizw­e”, kusho yena .

Kulolu hambo lwakhe ulifuze wangalishi­ya iqhawekazi lakhe uMntwana uMagogo njengoba naye usekwazi nokudlala ugubhu kanye nomtshingo.

Ebuzwa ukuthi ngabe lolu hlono lomculo lumqoka ngani ngezikhath­i esikuzo uthe: “Siphila ezikhathin­i lapho kunesililo ngechilo lokubulawa kwabesifaz­ane nezingane. Ngokudlwen­gulwa kwabo. Siphila ezikhathin­i zokhuvethe lapho imindeni elahlekelw­e izithola isingasena­lo ithuba lokulila ngendlela eyejwayele­kile ngenxa yemithetho ekhona. Cabanga ukube konke lokhu kuxoxwa ngomthemel­ezo. Ngabe zimbili izinto ezenzekayo, okokuqala umlando walezi zigameko ngabe uyaqoshwa kusetshenz­iswa ubuciko bokucula. Okwesibili labo abaculayo bathole nethuba lokubhobok­a,

 ??  ??
 ?? Izithombe: Sithunyelw­e ?? UNkosingip­hile Mpanza
Izithombe: Sithunyelw­e UNkosingip­hile Mpanza

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa