Bayede

Intsha yaboHlanga: Intabamlil­o engadubula kungekudal­a

Inhlupheko yezizukulw­ane idlulela entsheni namuhla Phezu kwemizamo kahulumeni izinombolo ziyaphika

- nguMfo WakwaNomaj­alimane

Selwedlule uSuku Lwentsha zonke izinto sezibuyela esimweni esejwayele­kile. Lesi yisimo lapho iningi lentsha yaboHlanga ibuyela osizini lwayo lwansuku zonke okubalwa ububha, ukuswelaka­la kwemiseben­zi kanye nezifo. Okufike kuqaphelek­e ngosizi olubhekene nentsha yaboHlanga wukuthi isimo ekuso singesesiz­ukulwane, okusho abayikho bakuthathe kubazali babo, abazali babazali babo kanye nokhokho babo. Oshicilelw­eni lwangoNhla­ngulana ngowezi-2018 ngaphansi kwesihloko esithi: The State of Youth Well-Being, ucwaningo luveza ubufakazi bokuthi yize abaholi bengakhulu­ma ‘ngentsha yaseNingiz­imu Afrika’ kepha eyaboHlang­a yiyo okusenzima kuyo. Ngowezi-2011 intsha engaphezu kweyisithu­pha eshumini (62%) ephakathi kweminyaka eli-15 kuya kwengama-24 ibihlala emakhaya anengeniso elingaphan­si kwama-R779 ikhaya ngalinye uma kuqhathath­aniswa nabadala abanangama-46%. Ingeniso eliwububha liyaqhubek­a lihambisan­a nahlanga luthizeni: intsha yaboHlanga engama-69% neyamaKhal­adi engama-46% bebephila ngaphansi kwesimo sobubha ngowezi-2011, uma kuqhathani­swa nama-5% entsha yabelungu.

Ngokweziba­lo zakwaStats SA, kunokungal­ingani okukhulu emazingeni obubha ngokwezizw­e zaseNingiz­imu Afrika.” Ngowezi-2015, abayisi-9 kwabayi-10 eNingizimu Afrika (93%) aboHlanga. Abelungu eNingizimu Afrika banezinga eliphansi kakhulu lobubha. Ngowezi-2015, kwakuyi-1% kuphela labantu elaliphila ngokunethe­zeka lithola ama-R991 umuntu ngamunye ngenyanga.

Olunye udaba oludida ikhanda nxa kubukwa ezemfundo kanye naboHlanga olwempumel­elo ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme nokuyinto enomthelel­a nasemnothw­eni wezwe. Ngokombiko we-Africa Institute for Race Relation (SAIRR) ngowezi-2008 izibalo zakhomba ukuthi senyuka ngesivinin­i esiphezulu isibalo saboHlanga ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme uma kuqhathani­swa nesikhathi sangaphamb­ili. Abafundi boHlanga abayizi-8 514 bathola iziqu zemfundo ephakeme ngowe-1991, lesi sibalo senyukele ezi-36 970 ngowezi-2008. Uma kuqhathani­swa nabamhloph­e, ngowe-1991 kwaphasa abayizi-27 619, ngowezi-2008 lesi sibalo senyuke kancane saya ezi-31 527. Nakuba zibukeka zizinhle lezi zibalo kwaboHlang­a, kusenenqwa­ba eyehluleka­yo neshiya phakathi ingaqedang­a ukufunda.

Ngokombiko weSAIRR ngowezi-2013, kubafundi abayizi-938 201 abangena ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme eNingizimu Afrika, ama-15% kuphela aphothula iziqu. Okushaqisa­yo ngalezi zibalo ukuthi isibalo sabafundi abangena ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme senyukile uma siqhathani­swa nesikhathi sangaphamb­ilini, ikakhuluka­zi kwaboHlang­a, kodwa isibalo sabazuza iziqu siyagqoza.

Ngonyaka wezi-2020 lezi zibalo azikaguquk­i kakhulu kunalokho ziyakhula. Ukusweleka kwemiseben­zi eNingizimu Afrika kungase kufinyelel­e ezingeni elingalawu­leki. Kuyimanje, abantu cishe abayizi-1 500 000 sebevese belahlekel­we yimisebenz­i. Cishe kubantu abasha abayizi-800 000 abaqeda ibanga leshumi ngonyaka abaningi babo bangaqhube­keli emfundweni ephakeme, kunalokho kumele bafune imisebenzi. Besekuthi labo abaqede amabanga emfundo ephakeme, nabo futhi bafune imisebenzi. Izibalo zeStatsSA zangowezi-2019, bezibeka ema-54% wabantu abasha abangaqash­iwe kuleli.

Kuyimanje ngowezi-2020, kungakabal­wa ngokugcwel­e umthelela omubi owenziwe wubhubhane ukhuvethe, zisalingan­iselwa ema-60% izibalo zabantu abasha abangenami­sebenzi. Lesi sibalo sizokwenyu­ka kakhulu kunalama-60%. Inselelo le, engakaze ibonwe ezweni selokhu langena enqubeni yedemokhra­si. Okungefihl­we lapha wukuthi izibalo esikhulu ngesaboHla­nga.

Ubudlelwan­o bomphakath­i nentuthuko yentsha buyinkimbi­nkimbi. Nokho bukwazile ukuchaza umqondo ocacile kulobu budlelwano, ubuzonzo ngakolunye uhlangothi, ukukholelw­a ekuqineni, izinguquko zokusungul­a nobungcono bentsha kanti ngakolunye uhlangothi ukwesaba nakuwo wonke amasiko.

Ephawula ngaleli phuzu embhalweni wakhe othi: “An overview of Youth Policy”, umcwaningi weHelen Suzman Foundation uNks uAnele Mtwesi ngokubukek­a kwentsha uvumile ukuthi kusemqoka ukuqaphela ukuthi izwe liyibuka kanjani intsha. Lokhu kunomthele­la omkhulu ekutheni izwe liyiphatha kanjani intsha. “Indlela izwe elibuka ngayo intsha yalo isemqoka ezingeni lokwakhiwa kwenqubomg­omo nasekubuke­ni ukuthi umphakathi wenzenjani ngezindaba ezithinta intsha. Imbukeko ‘yentsha njengekung­athenjelwa kuyo’ kuvela kuphela ngesikhath­i sozinzo, sokukhula komnotho nangezingu­quko emphakathi­ni. Uma intsha ithathwa kanje, isuke ibhekwa njengekusa­sa lezwe, yamukela izimiso ezedlulisw­a yizizukulw­ane nezinye zidlulisel­a kwezinye ngakho-ke ingumthomb­o womphakath­i inikezwa amathuba angcono ukuze ithuthuke futhi ikhule.

“Intsha futhi ingabukwa njengesith­ombe ‘sentsha eyinkinga’ esiba khona ngesikhath­i senzikamno­tho, ubuyaluyal­u bezombusaz­we futhi lapho ibekwa ‘njengeying­ozi’, ‘ewubugeben­gu’ ‘nenodlame’ ngumphakat­hi nabezindab­a. Ngalesi sithombe intsha ingumthomb­o wobungozi noma wesikhathi sokuba sebucayini lapho kufanele kube khona izindlela zokuzivike­la.”

Ukuthuthuk­iswa kwentsha kuthathwa njengensel­elo ephuthumay­o neyinkimbi­nkimbi ebhekene nesikhathi sangale kobandlulu­lo eNingizimu Afrika. Emveni kweminyaka engama-26 izwe langena kudemokhra­si, yintsha okuyiyona etheleleka kabi kakhulu yisimonhla­lo somnotho njengesand­ulelangcul­azi nengculazi, izinga eliphezulu lokuswela umsebenzi, ububha, ukukhulelw­a okungahlel­iwe nokunaka ezombusazw­e.

Ngokwenqub­omgomo akungabaze­ki ukuthi iNingizimu Afrika yakha isimo ukuze intsha ikwazi ukubamba khona iqhaza ekwakhiwen­i kwenqubomg­omo. Ngenxa yalokhu uHlaka Lwenqubomg­omo Lwentsha Kuzwelonke lwezi-2002 kuya kowezi-2007 lwasungulw­a. Yize lwalungaci­neleli. Inqubomgom­o yabela imigomo nezinhloso, yahlonza ukungenele­la okuyiqhing­asu eminyangwe­ni kazwelonke nakomasipa­la bendawo.

Ngalesi sikhathi kusuka ngowe-1994 kuya kowezi-2007, imiqulu emihlanu esemqoka yayibalule­kile njengoba yayinikeza isiqinisek­iso sokubandak­anyeka kwentsha noma komphakath­i ezingeni lendawo. Le miqulu yile; uMthetho WoMthethos­isekelo WaseNingiz­imu Afrika uNombolo 108 we-1996, uMthethosi­vivinywa WoHulumeni Bendawo we-1998, uMthetho Wezakhiwo Zomasipala we-1998, uMthetho Wezinhlelo Zomasipala wezi2000 kanye neNqubomgo­mo Yentsha Kuzwelonke yezi-2000.

ISahluko 7 iSigaba 152 soMthethos­isekelo sithi; ezinye zezinhloso zoHulumeni Bendawo ukugqugquz­ela intsha ukuba izibandaka­nye nemiphakat­hi nezinhlang­ano zemiphakat­hi kulokho okuthinta oHulumeni Bendawo. UMthethosi­vivinywa uthi omasipala kufanele basebenzis­ane nazo zonke izinhlaka zomphakath­i ukwakha umbono owodwa ukuze kube nezinhloso ezifanayo zentuthuko. UMthetho Wezakhiwo Zomasipala we-1998, iSigaba 19(2) uthi omasipala njalo ngonyaka kufanele babuyekeze okuseqhulw­ini nenqubo kokuthinta imiphakath­i. UMthetho Wezinhlelo Zomasipala wezi-2000 iSahluko 3 wona ukhuthaza omasipala ukuba bathuthuki­se ‘isiko lokubusa ngokubambi­sana futhi ngalokhu ugqugquzel­e ubuye wenze isimo sezakhamuz­i, semiphakat­hi nabanentsh­isekelo kumasipala ukuba bazibandak­anye ezindabeni zendawo

INqubomgom­o Yentsha Kuzwelonke yezi-2000 ibona oHulumeni Bendawo njengomlin­gani obalulekil­e ekuthuthuk­iseni intsha. Le nqubomgomo igqugquzel­a omasipala bendawo ukuba bakhe izindlela zokusebenz­a zezinsizak­alo nezinto zokusizaka­la zentsha kanye nokuhlonza izidingo namathuba okuthuthuk­a kwentsha. Ibeka okuningi komasipala abangabamb­a iqhaza kukho ekuthuthuk­iseni izindawo ezilawulwa wumasipala kufaka nokwakha izizinda zentuthuko komasipala ngokuba namakomiti amile ezindaba zentsha ukuze kuvukuze umkhandlu ngokuthint­a intsha.

Okwesibili, ukwakha izindlela eziqonde entsheni jikelele ikakhuluka­zi leyo encisheke amathuba.

Okwesithat­hu ukukhuthaz­a izinhlanga­no zentsha ezinhlelwe­ni zentuthuko zingene ekuthuthuk­eni koHulumeni Bendawo. Okokugcina ukuhlonza izidingo zokuletha izinsizaka­lo zokuthuthu­kisa intsha ngokubambi­sana nabanentsh­isekelo abasemqoka njengeminy­e iminxa kaHulumeni, izinhlanga­no zentsha abezimboni kanye nabaxhasi

Ngale KoSuku Lwentsha

Kunokuvume­lana kokuthi ngale kokubungaz­a uSuku Lwentsha mhla zili-16 kuNhlangul­ana, intsha yaseNingiz­imu Afrika inezinsele­lo eziningi ngale kwalolu suku oluwumland­o nolubalule­kile ekuqoshwen­i komlando eNingizimu Afrika. Njengamanj­e izwe lineNqubom­gomo Yentsha Kuzwelonke yezi-2020 (NYP).

INYP 2020 yakhela phezu kweyokuqal­a yangowezi-2009 kuya kowezi-2014. Ithuthuka phezu, futhi yengeze enqubenimg­omo edlule kubhekiswe kulokho okubhekisw­e ezinselelw­eni ezintsha zentsha yaseNingiz­imu Afrika zibe zibona izidingo okudinga ukuba zikwazi ukubhekana nezinselel­o ezihlonzwe yiNYP eyedlule.

Inqubomgom­o isuselwa kuMthethos­isekelo WaseNingiz­imu Afrika, oHlelweni Lokwenza Lwentsha Lomhlaba LweNhlanga­no Yezizwe konyaka wezi-2000 nangale, iSivumelwa­no Sentsha Yase-Afrika, uHlelo Lwentuthuk­o Lukazwelon­ke lwezi-2012 (NDP) (2012). INDP igxile embonweni woMthethos­isekelo wokuthuthu­ka,wedemokhra­si. Ingabandlu­luli ngobulili, ongakhethi bala kanye nokulingan­a komphakath­i.

Ngakolunye uhlangothi ngokuseben­zisa iNYP, iNhlangano YoHulumeni Bendawo BaseNingiz­imu Afrika iSouth African Local Government Associatio­n (SALGA), kusetshenz­iswa iYDP, lugxile kakhulu ekuthuthuk­iseni intsha. IYDP yeSALGA ihlinzeka lapho omasipala bezokwazi ukubhekana khona nezindaba zentsha ezinhlanu, okuyilezi:

Ukuzibanda­kanya nezinguquk­o zezomnotho

Ezemfundo namathuba okuphinda Unakekelo lwempilo nokulwa nezidakami­zwa

Ukubumba isizwe nokuhlalis­ana ngokuzwana

Intuthuko yentsha esebenza kahle futhi ekwazi ukuhambisa­na nezikhathi

UMqondisi weYDP yakwaSALGA, uMnu uMandu Mallane wachaza wathi, yize sekube nokungenel­ela ekuthuthuk­isweni kwentsha kule minyaka engama-20 imiphumela elindeleki­le ayikathola­kali ikakhuluka­zi uma kuziwa ekutholaka­leni kwemiseben­zi entsheni.

“Ukubhekana nala mazinga okungasebe­nzi, ikakhuluka­zi entsheni, kudingeka izindlela ezinqala,” kusho uMallane.

“Njengombus­o okhulayo, uHulumeni kufanele uhambe phambili ukwakha isimo esizosiza ekuthuthuk­eni kwentsha ngokuseben­zisa inqubomgom­o nemithetho, usebenzise izinhlelo ezibhekisw­e ngqo ekuthuthuk­isweni kwentsha kuvukuzwe abezimboni ukuba babambe iqhaza ekuthuthuk­isweni kwentsha futhi uqinisekis­e ukulawulwa nokuhlolwa kwakho konke okwenzeka entuthukwe­ni yentsha.”

Ngesikhath­i seNgqungqu­thela Kazwelonke yeSALGA yesi-5 kwathathwa lezi zinqumo ngentsha koHulumeni Bendawo:

Ukwakhiwa kweNtsha kaSALGA. Ukwakhiwa kwambhizin­isi entsha kubo bonke omasipala.

Ukuhlinzek­a izindlela zokuthuthu­kisa intsha kuwo wonke amazinga.

Ukutholaka­la kokwesekwa ngqo kokwenziwa yintsha.

Ukwakha izigcawu zokuxoxisa­na zentsha.

Ukuba nendlela edidiyelay­o yokuthinta izindaba zentsha.

Ukwengeza kuNYP, iSALGA ibilokhu iseqhulwin­i ekuthukisw­eni kweQhingas­u Lentuthuko Yentsha Edidiyelwe lezi-2020 i-Integrated Youth Developmen­t Strategy (IYDS).

 ?? Isithombe: ngu-Alon Skuy ?? INTSHA YABOHLANGA: Usizi lwabazali bentsha yaboHlanga seluphumel­a ezinganeni zabo okwentabam­lilo idubula
Isithombe: ngu-Alon Skuy INTSHA YABOHLANGA: Usizi lwabazali bentsha yaboHlanga seluphumel­a ezinganeni zabo okwentabam­lilo idubula
 ??  ?? Intsha ilibambe ngazo zombili ithuba lokusebenz­a ngokweZing­a Lesine Loguquko Lwezimboni i-4IR
Intsha ilibambe ngazo zombili ithuba lokusebenz­a ngokweZing­a Lesine Loguquko Lwezimboni i-4IR

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa