Ngesikhathi amaciko ekhwezela izikhuni zomzabalazo
UMama uNokuthela Dube uMaMdima wabamba iqhaza elikhulu esebenzisa ikhono lakhe lokucula ukuqoqela umzabalazo waboHlanga nezinhlelo zokuthuthukisa umphakathi.
Kuhlale kukhona inkulumompikiswano ngamaciko kuleli. Kukhona abathi amaciko kumele abe yisibonelo sokuhle kodwa kubantu. Kuthi ngakolunye uhlangothi kube khona labo abathi ubuciko lobu yibhizinisi futhi kukumuntu loyo ukuthi wenzani inqobo nje uma akwenzayo kuzoqinisekisa ukuthi ucosha inzuzo. Ngisho kuwo amaciko kukhona athatha isinqumo sokuba yingxenye yomphakathi ikakhulukazi imizabalazo yalowo mphakathi. Laba bathatha uhlangothi phakathi kwento abathi yinhle kanye naleyo abathi kayinabo ubulungiswa.
Emazweni lapho bekunombangazwe amaciko amaningi azibandakanyile nomzabalazo, amanye aboshwa, adingiswa, kwavalwa imisebenzi yawo amanye aze abulawa. Enkondlweni ethi, ‘Dada’, usonkondlo uHuge Ball umi kwelithi : “Kithina, ubuciko abusikho ukuphela … kodwa yithuba lendlelakubuka nokucubungulisisa ngobuqiniso izikhathi esiphila huzo.”
Kanti lokhu kukhuluma kufakazelwa wumbhalocwaningo ka-Irfan Nihan Demirel noOsman Altintas othi: Relationship between art and politics, lapho bekuvuma ukuthi : “Ubuciko buphathelene nendlela yokuzphilisa kanye namaqiniso ezepolitiki asemphakathini okuhambisana nezindlela zokuziphatha kwabantu ngezikhathi ezithile futhi okuholela ebucikweni obudingwa ngumphakathi futhi bebufuna la.”
Ubufakazi bale nkulumompikiswano buyabonakala emzabalazweni waboHlanga kuleli lapho amaciko esebenzisa amakhono awo ukusabalalalisa umzabalazo nokuqwashisa ngenhlupheko nengcindezelo. Ngeminyaka yesigaba sesibili somzabalazo waboHlanga kusuka ngonyaka we-1906 ngokuphela kweMpi Yamakhanda, loyo owayenguNkosikazi womholi wokuqala weSouth African Native Congress (manje osekuthiwa yi-ANC), umama uNokuthela Dube, uMaMdima. Kuthiwa le nkosikazi eyabe inamakhono amaningi yabe ingumculi, kanti leli khono yalisebenzisa ukuqoqela umzabalazo waboHlanga kanjalo nezinhlelo zokuthuthukisa umphakathi.
Ngayo leyo minyaka bavela oMnu uReuben Tholakele Caluza nomculo wamakhwaya. Ukukwazi kwakhe ukuvezela umhlaba ukuthi nembala kukhona emculweni okungenziwa ngezilimi zaboHlanga (kulokhu ngesiZulu) kwabe kuluhlobo lomzabalazo ngoba phela abacindezeli babe qhuba khona ukuthi akukho okuhle okuqhamuka kwaboHlanga. UCaluza kanye neqembu lakhe iDouble Quartet bamenywa e-England ngonyaka we1930, ukuba bayoqopha. Baqopha ngaphezu kwezingoma ezili-100 oningi lazo zaziqanjwe nguCaluza beqopha ngaphansi kwabakwaHMV’s Zonophone Label.
Mhlawumbe ngesigaba sesithathu somzabalazo waboHlanga kwaba yisikhathi lapho amaciko ehlukene azidela amathambo. Igama likaNks uZenzile Mirriam Makeba, wabe edume ngelikaMama Afrika lihamba phambili. Lona kwabe kungeyena umculi nje kepha nesikhuphekhuphe somzabalazo waboHlanga. Ngephimbo lakhe abaHlonga nomhlaba jikelele bazi ngokwabe kwenzeka kuleli. Wahlaba umxhwele abaholi bamazwe ngesikhathi enza isethulo kubaholi emhlanganweni we-United Nations (UN). UMama Afrika uze wangena egodini ephefumula umzabalazo waboHlanga ayethi awukho kuphela kupolitiki kepha ukhona futhi uyadingeka nakuwo amaciko nakubo ubuciko. Bakhona abanye besizukulwane sakhe okungabalwa umama uLetta Mbulu, ubaba uCaiphus Semenya, ubaba uHugh Masekela, ubaba uJonas Gwangwa nabanye.
Abalandela lapho kwaba phakathi kwabanye, ngoMnu uBlondie Makhena owaphumela obala waba nomzabalazo waboHlanga esebenzisa iphimbo lakhe. Waqhakambisa amaculo omzabalazo ngezikhathi ezabe zinzima. Bambalwa abangakhohlwa igalelo ‘leMbongi Yabantu’ uMnu uMzwakhe Mbuli owayebhodla kusuke usinga. UMbuli nanamuhla kwabanye useyizwi elidingengayo ngoba ngobuciko bakhe wabe efundisa okuningi njengoba nanamuhla asebeke bahlangana nemisebenzi yakhe abafuni ukuhlukana nayo.
Kukhona okuqaphelekayo ngalawa maciko, okuwukuthi ayekwenza konke lokhu ngaphansi kwengcindezui emangalisayo njengoba abanye baboshwa , badingiswa balahlekelwa nangokuningi. Okunye wukuthi ayengalindele nzuzo kuyaphi ngoba ayesevese ezikhethele ukuqoma umzabalazo.