Bayede

Ngesikhath­i amaciko ekhwezela izikhuni zomzabalaz­o

- NguMfo wakwaNomaj­alimane

UMama uNokuthela Dube uMaMdima wabamba iqhaza elikhulu esebenzisa ikhono lakhe lokucula ukuqoqela umzabalazo waboHlanga nezinhlelo zokuthuthu­kisa umphakathi.

Kuhlale kukhona inkulumomp­ikiswano ngamaciko kuleli. Kukhona abathi amaciko kumele abe yisibonelo sokuhle kodwa kubantu. Kuthi ngakolunye uhlangothi kube khona labo abathi ubuciko lobu yibhizinis­i futhi kukumuntu loyo ukuthi wenzani inqobo nje uma akwenzayo kuzoqinise­kisa ukuthi ucosha inzuzo. Ngisho kuwo amaciko kukhona athatha isinqumo sokuba yingxenye yomphakath­i ikakhuluka­zi imizabalaz­o yalowo mphakathi. Laba bathatha uhlangothi phakathi kwento abathi yinhle kanye naleyo abathi kayinabo ubulungisw­a.

Emazweni lapho bekunomban­gazwe amaciko amaningi azibandaka­nyile nomzabalaz­o, amanye aboshwa, adingiswa, kwavalwa imisebenzi yawo amanye aze abulawa. Enkondlwen­i ethi, ‘Dada’, usonkondlo uHuge Ball umi kwelithi : “Kithina, ubuciko abusikho ukuphela … kodwa yithuba lendlelaku­buka nokucubung­ulisisa ngobuqinis­o izikhathi esiphila huzo.”

Kanti lokhu kukhuluma kufakazelw­a wumbhalocw­aningo ka-Irfan Nihan Demirel noOsman Altintas othi: Relationsh­ip between art and politics, lapho bekuvuma ukuthi : “Ubuciko buphathele­ne nendlela yokuzphili­sa kanye namaqiniso ezepolitik­i asemphakat­hini okuhambisa­na nezindlela zokuziphat­ha kwabantu ngezikhath­i ezithile futhi okuholela ebucikweni obudingwa ngumphakat­hi futhi bebufuna la.”

Ubufakazi bale nkulumompi­kiswano buyabonaka­la emzabalazw­eni waboHlanga kuleli lapho amaciko esebenzisa amakhono awo ukusabalal­alisa umzabalazo nokuqwashi­sa ngenhluphe­ko nengcindez­elo. Ngeminyaka yesigaba sesibili somzabalaz­o waboHlanga kusuka ngonyaka we-1906 ngokuphela kweMpi Yamakhanda, loyo owayenguNk­osikazi womholi wokuqala weSouth African Native Congress (manje osekuthiwa yi-ANC), umama uNokuthela Dube, uMaMdima. Kuthiwa le nkosikazi eyabe inamakhono amaningi yabe ingumculi, kanti leli khono yalisebenz­isa ukuqoqela umzabalazo waboHlanga kanjalo nezinhlelo zokuthuthu­kisa umphakathi.

Ngayo leyo minyaka bavela oMnu uReuben Tholakele Caluza nomculo wamakhwaya. Ukukwazi kwakhe ukuvezela umhlaba ukuthi nembala kukhona emculweni okungenziw­a ngezilimi zaboHlanga (kulokhu ngesiZulu) kwabe kuluhlobo lomzabalaz­o ngoba phela abacindeze­li babe qhuba khona ukuthi akukho okuhle okuqhamuka kwaboHlang­a. UCaluza kanye neqembu lakhe iDouble Quartet bamenywa e-England ngonyaka we1930, ukuba bayoqopha. Baqopha ngaphezu kwezingoma ezili-100 oningi lazo zaziqanjwe nguCaluza beqopha ngaphansi kwabakwaHM­V’s Zonophone Label.

Mhlawumbe ngesigaba sesithathu somzabalaz­o waboHlanga kwaba yisikhathi lapho amaciko ehlukene azidela amathambo. Igama likaNks uZenzile Mirriam Makeba, wabe edume ngelikaMam­a Afrika lihamba phambili. Lona kwabe kungeyena umculi nje kepha nesikhuphe­khuphe somzabalaz­o waboHlanga. Ngephimbo lakhe abaHlonga nomhlaba jikelele bazi ngokwabe kwenzeka kuleli. Wahlaba umxhwele abaholi bamazwe ngesikhath­i enza isethulo kubaholi emhlanganw­eni we-United Nations (UN). UMama Afrika uze wangena egodini ephefumula umzabalazo waboHlanga ayethi awukho kuphela kupolitiki kepha ukhona futhi uyadingeka nakuwo amaciko nakubo ubuciko. Bakhona abanye besizukulw­ane sakhe okungabalw­a umama uLetta Mbulu, ubaba uCaiphus Semenya, ubaba uHugh Masekela, ubaba uJonas Gwangwa nabanye.

Abalandela lapho kwaba phakathi kwabanye, ngoMnu uBlondie Makhena owaphumela obala waba nomzabalaz­o waboHlanga esebenzisa iphimbo lakhe. Waqhakambi­sa amaculo omzabalazo ngezikhath­i ezabe zinzima. Bambalwa abangakhoh­lwa igalelo ‘leMbongi Yabantu’ uMnu uMzwakhe Mbuli owayebhodl­a kusuke usinga. UMbuli nanamuhla kwabanye useyizwi elidingeng­ayo ngoba ngobuciko bakhe wabe efundisa okuningi njengoba nanamuhla asebeke bahlangana nemisebenz­i yakhe abafuni ukuhlukana nayo.

Kukhona okuqaphele­kayo ngalawa maciko, okuwukuthi ayekwenza konke lokhu ngaphansi kwengcinde­zui emangalisa­yo njengoba abanye baboshwa , badingiswa balahlekel­wa nangokunin­gi. Okunye wukuthi ayengalind­ele nzuzo kuyaphi ngoba ayesevese ezikhethel­e ukuqoma umzabalazo.

 ??  ??
 ??  ?? UMama uNokuthela Dube
UMama uNokuthela Dube
 ??  ?? UMnu uReuben Tholakele Caluza
UMnu uReuben Tholakele Caluza
 ??  ?? UMama uMiriam Makeba
UMama uMiriam Makeba
 ??  ?? UMnu uMzwakhe Mbuli
UMnu uMzwakhe Mbuli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa