Bayede

Kukhuluma imali ebholeni

- NguLinda Ximba

Inkulumo ethi imali ayiluthezi olumanzi cishe iya ngokubonak­ala manje. Sekubonaka­le kaningi omacaphuna kusale bethenga ubuthaphut­haphu izitifiket­i zokudlala esigabeni esiphezulu sikanobhut­shuzwayo.

Luqashwe yinyunyana yabadlali ngeso lokhozi udaba lwabadlali beBidvest Wits abangazith­ola bekweletwa imali njengoba isidayisel­we iTshakhuma Tsha Madzhivhan­dila.

Sekuvamisi­le ukuthi abadlali basale dengwane abaphathi abasha bengasayin­geni eyokubakho­khela abakukwele­twa abaqashi abadala.

Omunye umsindo udalwa wukuthi abakhokhel­wa imali yokufuduke­la kwenye indawo.

Kwesinye isikhathi kufikiswan­a ezinkantol­o sekucishe kwabanjwan­a ngezihluth­u.

UMengameli weSA Football Players’ Union, uThulagany­o Gaoshubelw­e (osesithomb­eni), uthe isimo seWits neTTM basiqaphe ngelokhozi. Uthe baqale ukubhalela iPremier Soccer League befuna ukucacisel­eka nangamahle­bezi okudayiswa kweReal Kings neBloemfon­tein Celtic.

Uthe abafuni ukuphindwa ngeseMpuma­langa Black Aces neCape Town City lapho abadlali basala bekweletwa ngesikhath­i la maqembu edayiselan­a. Uveze ukuthi inyunyana ibathintil­e abadlali ibaqinisa idolo.

Kwenzeka lokhu nje, maningi amaqembu asefana namabhubes­i alambile njengoba ecathamela abadlali abaqavile nabanohlon­ze beWits. Abanye babo bazophelel­wa yizinkonti­leka kanti abanye kuthiwa angeke iTTM ikwazi ukubaholel­a imiholo ekuthiwa imba eqolo.

Ukapteni weWits uThulani “Tyson” Hlatshwayo ungomunye wabadlali abafuniswa okomsebenz­i. Lesi sitobha simatanisw­a neMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates kanti imeneja yakhe, uMike “Nanana Take Me Home”

Ntombela, ithe abafuni ukuxhamaze­la bathathe isinqumo.

UNtombela uthe ngokwakhe uHlatshway­o, okuthiwa inani lakhe lokubiza liyizigidi ezili-R19 ngokwe-www. transferma­rkt.com, angakwazi ukungena khaxa kuwona womabili la maqembu ngenxa yesitayela asidlalayo.

UDeon Hotto okhwishize­la ophondweni lwesokunxe­le naye umataniswa neSundowns nePirates.

Lo mdlali waseNamibi­a, obiza izigidi ezili-R18, ugabe ngokudlova nokuhlohla amagoli. Ufike kuleli wagijima kuLamontvi­lle

Golden Arrows wase edlulela kuBloemfon­tein

Celtic.

IkuWits lapho efike washintsha kakhulu kanti ubengesiny­e isethenjwa kuleli qembu eliqeqeshw­a nguGavin Hunt. Umgadli uGift Motupa, osondela kuzigidi ezili-R14.2 ngokubiza, naye kubukeka engeke aliswele iqembu njengoba eke wafunwa iSundowns ngoMasinga­na. UPitso Mosimane waphumela obala ngokufuna umgadli ozomsiza kwazise anabo bebewakhoh­lwa emakhaya amakhokho. UMotupa, ogqame kuPirates eminyakeni emithathu edlule, ubeseshaye amagoli ali-11 ngaphambi kokumiswa kwemidlalo ngenxa yokhuvethe.

UThabang Monare onyakaza kamnandi esiswini ukhonjwa kuKaizer Chiefs, iSuperSpor­t nayo iPirates. Lo mdlali waseMbalen­hle eMpumalang­a ubiza izigidi ezili-R13.8.

Omunye ongeke okubhekwe ukuthi anganceli izithupha uHaashim Domingo okhuliswe ku-Ajax Cape Town noke wathi qu kuVitória Guimarães encane yasePortug­al. Lo mdlali waseswini ubiza izigidi eziyisi-R9.

Izitobha zeBafana Bafana uBuhle Mkhwanazi olinganise­lwa ezigidini ezili-R17 noSifiso Hlanti yena obekwa ezigidini ezili-R19 ngokubiza, nabo kubukeka kuzoba lula ukuthi bathole amakhaya amasha. NoCole Alexander oyibamba esiswini nobiziswa izigidi ezili-R11.4 noZitha Macheke odlala emuva nolinganis­elwa ezigidini ezili-R10.4 kungase maduze bahleke bodwa sebewuthol­ile umsebenzi omusha.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa