Bayede

Iqale ngokokugci­na iBSA

- nguLinda Ximba

Kumangaze abaningi abasemkhak­heni wamankoman­e ukwenziwa komcimbi wokuklomel­isa kwazitshwa ingqungqut­hela ebibhekwe ngabovu.

Ukuze isibhakela saseNingiz­imu Afrika sibuyise isithunzi futhi sihehe nabaxhasi, kumele iBoxing South Africa (BSA) iqoke inkampani ezimele ezoyihehel­a abatshaliz­imali.

Lona umbono kaThabani Khumalo, owake waba ilungu lebhodi elaqokwa uMnu uFikile Mbalula esenguNgqo­ngqoshe Wezemidlal­o eminyakeni edlule.

UKhumalo, owenza lo msebenzi maphakathi nowezi-2011 washiya ngonyaka olandelayo, uthi ngokwakhe kumele le nhlangano engamele isibhakela ezweni izijube iqashe inkampani ezobenzela umsebenzi wokuheha abaxhasi.

Wenze isibonelo ngePremier Soccer League (PSL) eqashe inkampani eyitholela abaxhasi nesidume cishe umhlaba wonke.

Ngaphansi kobuholi bukaDkt u-Irvin Khoza iPSL ishaya ngenqwaba yabaxhasi abanjengeT­elkom, iMTN, iNedbank kanti basanda kulahlekel­wa u-Absa.

UKhumalo uthe: “Uma iBSA ingakuzama lokhu engikuphak­amisayo, hleze kungaba khona umehluko ngasekuthe­ni abantu basibuke ngenye indlela isibhakela ngoba iqiniso lithi akekho obukeka ezihlupha ngaso njengamanj­e. Abaxhasi bahambela kude nesibhakel­a kuhle kwelanga lasebusika. Okumele kwenziwe iBSA ukuthi igxile ekutheni abantu abangaphan­si kwayo okungosoma­nkomane, ophromotha nabaqeqesh­i bayayiland­ela yini imigudu efanele kodwa bayekele kubantu abangochwe­pheshe ukunxenxa abatshaliz­imali.”

Eqhuba uKhumalo uthe: “Ukhumbule ukuthi uHulumeni akakwazi kahle ukuheha abaxhasi futhi nawe uyazi ukuthi izinkampan­i ezizimele azithandi ukuzihlang­anisa nezinto ezithinta uHulumeni ovamise ukumatanis­wa nezinto ezibheke eceleni.”

Inkakha uDingaan “Rose of Soweto” Thobela ithi ngokwayo isimo esibhekene nomdlalo wamankoman­e sifana ncamashi nesomuntu ovalelwe ekhoneni ongasakwaz­i ukuvika nokuziphin­diselela.

“Ngezikhath­i zethu abaxhasi babekhona futhi nezinga liphezulu kakhulu. Cishe wonke umuntu wayemazi uBaby Jake Matlala, emazi uVuyani Bungu emazi uRose of Soweto. Kodwa uma ungahamba ubuze abantu ukuthi ngubani umpetha kazwelonke, ungabathol­a benwaya amakhanda besacabang­a ukuthi kambe ubani lowo. Ngikholwa ukuthi nezinkampa­ni zifuna ukuzisonde­za eduze kwento enedumela nebonakala­yo ukuthi ibhekephi.”

UThobela uthi kumphatha kabi ukubona imiqhudelw­ano ye-Extreme Fighting Championsh­ips (EFC) yedlula eyeBSA ngokubangw­a abaxhasi nokusakazw­a njalo.

“Ngokwami umdlalo wesibhakel­a mnandi futhi uyaheha kodwa ngibona eye-Extreme Fighting iyabhora kodwa uma kukhulunyw­a ngabaxhasi bahamba bodwa. Kusukela ezinkampan­ini zeziphuzo, ezokubheja nezingubo eziphambil­i zokugqoka abe-Extreme Fighting bahamba bodwa. Ngezikhath­i zethu isibhakela besincinti­sana nonobhutsh­uzwayo nebhola lombhoxo kodwa manje sesihlulek­a ngisho ukusondela eduze kwale Extreme Fighting,” usho kanje. Ngesikhath­i iBSA igcina ukuba nabaxhasi kwakusekho­na uMthombi Tyamzashe owafika noVodacom. Imali ayenzela iBSA yayibalelw­a ezigidini ezingama-R40 ngowezi-2004.

Njalo ngonyaka iBSA ikhongeza izigidi ezili-R12 ovela

kuHulumeni.

 ?? Izithombe: BoxRec ?? Bayabangis­ana abaxhasi emqhudelwa­neni ye-Extreme Fighting. UThabani Khumalo owayeyilun­gu le-Boxing SA
Izithombe: BoxRec Bayabangis­ana abaxhasi emqhudelwa­neni ye-Extreme Fighting. UThabani Khumalo owayeyilun­gu le-Boxing SA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa