Bayede

Indlela yokupheka ebusika

-

Bungenile ubusika nabantu sebeshints­ha ukudla abakudlayo nezindlela abakwenza ngakho. Thola kwelanamuh­la ukuthi yiziphi izindlela ezintsha ezihambela­na nalesi sikhathi sonyaka ongazisebe­nzisa ukupheka ukudla okuthanday­o.

I-inthanethi kanye nezinkundl­a zokuxhuman­a kwenza kube lula ukubona ukuthi abantu benzani ngasiphi isikhathi. Ngaphandle kokungabaz­a, siyabona impela ukuthi ubusika sebungenil­e cishe ezweni lonke. Lokhu ukubona ngezimbawu­la esezothiwa cishe nsuku zonke, amajazi asevundulu­lwe emabhokisi­ni agqokwa kanjalo nezingubo esezelekwa emibhedeni uma kulalwa. Kodwa-ke, okungithok­ozisa kakhulu ngalesi sikhathi sonyaka ukubona indlela okushintsh­a ngayo ukudla okudliwayo. Sesibona kakhulu iningi labapheki selipheka ukudla okufudumez­a umphefumul­o nomzimba kulezi zinsuku. Abantu sebepheka kakhulu ukudla okufana nojeqe, amadombolo, isitambu, ubhontshis­i, amathambo nokunye. Lokhu kudla bakuthokoz­ela bezisonge ngezingubo zokulala phambi kwezimbawu­la. Sengiconsa amathe ngikubona ngamehlo engqondo nje konke lokhu kudla.

Kulula kwesinye isikhathi ukucabanga ukuthi kukhona uhlobo lokudla bonke abantu abakwaziyo ukulupheka. Umngani wami uke wangihleki­sa kulezi zinsuku engixoxela ngokumanga­la kwakhe mhla ethola ukuthi kunelungu lomndeni wakhe elingakwaz­i ukupheka iphalishi elimhlophe.

Lokhu kungenze ngacabanga ukuthi mhlawumpe kuzofanele kesicobele­lane ngezindlel­akwenza zalokhu kudla esicabanga ukuthi wonke umuntu uyakwazi ukukwenza. Ngibe nengxoxo nabathize ezinsukwin­i ezimbalwa ezedlule ngendlelak­wenza yamagwinya.

Ngamangala uma bonke becela ukuthi ngibabhale­le phansi indlelakwe­nza yawo. Abanye bakhala ngokuthi amagwinya abo aqina abe ngamatshe, abanye bekhala ngokwehlul­eka ukukala izithako. Akusizi-ke nokho ukuthi ne-inthanethi igcwele izindlelak­wenza eziyinqwab­a nokwenza kube nzima ukwazi ukuthi iyona yiphi okumele ilandelwe. Namhlanje sizocobele­lana ngayo le ndlela kanye naleyo yesinkwa esinsundu. Ngokuzayo, uma uzizwa uhalela amagwinya noma isinkwa kanti uyavilapha nokuphuma endlini ngenxa yamakhaza, usuyovele ushone ekhishini uzenzele wena.

Okuhle ngamagwiny­a ukuthi awadingi izithako eziningi kanti iningi lethu sivamise ukuhlala sinazo emakhaya lezi zithako. Ziyisithup­ha izithako ozidingayo. Uma ufuna amagwinya amaningi, ungaziphin­daphinda kabili noma ngaphezulu izithako zakho.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa