Izinjomane ziyibhizinisi
Ibhizinisi lamahhashi lisafihlekile kwaboHlanga kanti kukhulu abantu abangakuzuza uma bengazinika isikhathi balibukisise.
Kubukeka kuyibhizinisi elibanzi ukujaha kwamahashi. Kulonyaka akukhulunywa kangako ngemijaho yamahhashi ngenxa yokhuvethe kanti linyakazisa umhlaba leli bhizinisi ngobubanzi balo. Thina boHlanga sivamise ukungena lapho sizobona khona imali ingena ihlala ezandleni, sikhohlwe ukuthi imali yangempela isemnyombweni lapho umsuka webhizinisi ukhona. Mhlawumbe kungasiza ukuba intsha yanamuhla ingagcini ngokuba ngamaphanta nje kodwa ibe ngabanikazi bomdlalo womjaho nomncintiswano wamahhashi.
Sekuyisikhashana ngagcina ukubona abantu bephuma bengena, abanye bemi ngababili kubonakala ukuthi bahlanganisa okuthile bese bengena endlini lapho kufakelwa khona umjaho wamahhashi. Kunabantu engikhule ngibabona ukuthi bayazithanda izinto. Insizwa ivuka ekuseni igqoke kahle nezicathulo ezikhazimulayo, iye edolobheni ize ibuye lishona ilanga. Ngeke uwathinte amaphanta uma kuwusuku lomjaho, bakhohlwa yikho konke okungabathikameza. Kuyacaca ukuthi ikhona impilo ekubeni yiphanta. Angazi ukuthi njengoba kunokhuvethe nje baziphilisa kanjani ngoba ngisho nokuncintisana kwamahhashi bekumisiwe.
Uma uxoxa nephanta liyaye likuchazele ukuthi ziningi izinto ezibhekwayo ngaphambi kokukhetha ihhashi umuntu angase abheje ukuthi lizodla umhlanganiso. Kuyaye kubhekwe ukuthi lagcina nini ukugijima, ligitshelwe ngumuphi ujoki, ngelikabani futhi liqeqeshwa ngubani. Ngamanye amazwi kucacile ukuthi baningi abantu abadlayo ngehhashi lomjaho. Iningi ligcina lapho ekubhejeni lingedluleli emnyombeni wale mboni yamahhashi.
UMvikeli WamaLungelo Abantu, uAdv uBusisiwe Mkhwebane uveze ukuthi kunophenyo oluqhubekayo ngezinto ezenza ukuba aboHlanga bangabikho emsukeni wale mboni. Le mboni ingenye ebalwa njengengakaguquki ekubandluleni aboHlanga. Lolu phenyo luyaqhubeka, lwaluqalwe nguMvikeli WamaLungelo omandulele onyakeni wezi-2012. Kwezinye izimboni zidinga injolozi ezodalula izimfihlo ezifukanyelwe ngabathile, ezibukeka zisemthethweni, kodwa zibe zivimbela abathile ekubeni basondele.
Kuthanda ukungikhathaza ukuthi aboHlanga ubathola bebaningi njengamaphanta kunokuba sebhizinisini lomjaho. Kuthanda ukuba yisijwayezi ukuthi lapho bebaningi khona aboHlanga kube sekugcineni, bangabikhona lapho kwenziwa khona ibhizinisi. Uma kukhulunywa noma kubhalwa umlando wobunikazi bamahhashi omjaho aboHlanga abaveli. Emlandweni wempilo kaDkt uRichard Maponya kuyavela ukuthi eminyakeni ye-1980 waba ngumnikazi wehhashi lomjaho. Kuyacaca ukuthi yinto eyivelakancane kwaboHlanga uma kusabalwa umuntu oyedwa, kukhunjulwe nasemlandweni wakhe ukuthi wake waba ngumnikazi wehhashi. Kuyadinga ukuba siyibheke imikhakha yamabhizinisi efuze lena, lapho ezinye izinhlanga zihlezi zodwa zinquma zilawula ukusebenza kwemboni bengekho aboHlanga abayinakile leyo mboni. Uma kubalwa abanikazi bamahhashi abaphezulu kuleli zwe kufika kuma-50 lingekho igama lowoHlanga.
Ibhizinisi lamahhashi limikhakha miningi lapho umuntu engangena khona abalwe njengomunye wosomabhizinisi abasemjahweni wamahhashi, ngaphandle nje kokuba yiphanta. Owokuqala yiwo lona wokuba ngumnikazi wamahhashi omjaho. Ukuze ihhashi lilungele ukuba ngelo mjaho okhokhelwayo ogunyazwe yinhlangano iTotalisator Agency Board kanye nePhumelela Gaming and Leisure kumele libe sezingeni elithile. Kumele umnikazilo alikhulise ngendlela ethile engafani nehhashi nje elizalwe noma yikanjani. Kunalabo abalungisa imbewu nokuzalana kwamahhashi omjaho. Lokhu kungaba yibhizinisi elizimele ngokwalo ngoba kunezindlela ezilandelwayo ukuze lithi lifika ezingeni lokudayiswa libe lisesimweni esifanelekile. Imvamisa kulokhu sibona aboHlanga bevela njengabaqashiwe ukuzalanisa amahhashi, umnikazi webhizinisi kube wundlebezikanyilanga. Liyakhula-ke ihhashi lidle ukudla okukhethekile ukuze libe sesimweni esamukelekile kwabaphethe umjaho.
Ngokwezibalo zonyaka wezi-2015 ihhashi elingakaqeqeshwa ngokomjaho libiza izi-R432 000. Lowo olithengile kumele alinike ukudla okufanelekile bese kuba nomqeqeshi ozolenza lilungele umjaho. Kucacile ukuthi kuyizindleko ezibhekile. Kodwa-ke wonke amabhizinisi anezindleko zawo okuyizona ezenza inkokhelo ibe yinhle uma seliwenzile umsebenzi ihhashi. Akusilo nje ibhizinisi ongavuka ekuseni ungene kulo ngaphandle kokuhlela.
Omunye umkhakha kuleli bhizinisi lamahhashi yilelo lokuba nendawo lapho amaphanta eya khona ukuyobheja akhethe ihhashi abona ukuthi lizodla umhlanganiso. Ufica kuphithizela kulezi zindawo amaphanta elinde kuphume imiphumela babone ukuthi bukhona yini ubuchwabalala abazogoduka busephaketheni. Kwabanye kuwumdlalo kanti kwabanye kuyimpilo, kanti-ke kwabanye kuyibhizinisi. Akudingi umuntu aze abe senkundleni lapho kugijima khona amahhashi ukuze adlale kulo mdlalo okhokhelwayo nokhokhayo.
Kuyo le mboni kunomkhakha wojoki, labo abagibela amahhashi. Kukhethwa abantu abanesisindo esithile esamukelekile ukuze lingasindwa wumuntu ihhashi. Bayafundiswa indlela yokusebenza. Lokhu kungomunye umkhakha okhona kulolu hlobo lwemboni. Miningi eminye imikhakha othi uma usondela kule mboni ubone ukuthi maningi amathuba ebhizinisi abangangena kulo aboHlanga kusizakale izizukulwane. Uma aboHlanga bengasukuma, noHulumeni ame ngezinyawo, lungaba khona uguquko, kubonakale okuningi okungavusa umnotho weNingizimu Afrika.