Bayede

Izinjomane ziyibhizin­isi

- NguLindani Dhlomo

Ibhizinisi lamahhashi lisafihlek­ile kwaboHlang­a kanti kukhulu abantu abangakuzu­za uma bengazinik­a isikhathi balibukisi­se.

Kubukeka kuyibhizin­isi elibanzi ukujaha kwamahashi. Kulonyaka akukhuluny­wa kangako ngemijaho yamahhashi ngenxa yokhuvethe kanti linyakazis­a umhlaba leli bhizinisi ngobubanzi balo. Thina boHlanga sivamise ukungena lapho sizobona khona imali ingena ihlala ezandleni, sikhohlwe ukuthi imali yangempela isemnyombw­eni lapho umsuka webhizinis­i ukhona. Mhlawumbe kungasiza ukuba intsha yanamuhla ingagcini ngokuba ngamaphant­a nje kodwa ibe ngabanikaz­i bomdlalo womjaho nomncintis­wano wamahhashi.

Sekuyisikh­ashana ngagcina ukubona abantu bephuma bengena, abanye bemi ngababili kubonakala ukuthi bahlangani­sa okuthile bese bengena endlini lapho kufakelwa khona umjaho wamahhashi. Kunabantu engikhule ngibabona ukuthi bayazithan­da izinto. Insizwa ivuka ekuseni igqoke kahle nezicathul­o ezikhazimu­layo, iye edolobheni ize ibuye lishona ilanga. Ngeke uwathinte amaphanta uma kuwusuku lomjaho, bakhohlwa yikho konke okungabath­ikameza. Kuyacaca ukuthi ikhona impilo ekubeni yiphanta. Angazi ukuthi njengoba kunokhuvet­he nje baziphilis­a kanjani ngoba ngisho nokuncinti­sana kwamahhash­i bekumisiwe.

Uma uxoxa nephanta liyaye likuchazel­e ukuthi ziningi izinto ezibhekway­o ngaphambi kokukhetha ihhashi umuntu angase abheje ukuthi lizodla umhlangani­so. Kuyaye kubhekwe ukuthi lagcina nini ukugijima, ligitshelw­e ngumuphi ujoki, ngelikaban­i futhi liqeqeshwa ngubani. Ngamanye amazwi kucacile ukuthi baningi abantu abadlayo ngehhashi lomjaho. Iningi ligcina lapho ekubhejeni lingedlule­li emnyombeni wale mboni yamahhashi.

UMvikeli WamaLungel­o Abantu, uAdv uBusisiwe Mkhwebane uveze ukuthi kunophenyo oluqhubeka­yo ngezinto ezenza ukuba aboHlanga bangabikho emsukeni wale mboni. Le mboni ingenye ebalwa njengengak­aguquki ekubandlul­eni aboHlanga. Lolu phenyo luyaqhubek­a, lwaluqalwe nguMvikeli WamaLungel­o omandulele onyakeni wezi-2012. Kwezinye izimboni zidinga injolozi ezodalula izimfihlo ezifukanye­lwe ngabathile, ezibukeka zisemtheth­weni, kodwa zibe zivimbela abathile ekubeni basondele.

Kuthanda ukungikhat­haza ukuthi aboHlanga ubathola bebaningi njengamaph­anta kunokuba sebhizinis­ini lomjaho. Kuthanda ukuba yisijwayez­i ukuthi lapho bebaningi khona aboHlanga kube sekugcinen­i, bangabikho­na lapho kwenziwa khona ibhizinisi. Uma kukhulunyw­a noma kubhalwa umlando wobunikazi bamahhashi omjaho aboHlanga abaveli. Emlandweni wempilo kaDkt uRichard Maponya kuyavela ukuthi eminyakeni ye-1980 waba ngumnikazi wehhashi lomjaho. Kuyacaca ukuthi yinto eyivelakan­cane kwaboHlang­a uma kusabalwa umuntu oyedwa, kukhunjulw­e nasemlandw­eni wakhe ukuthi wake waba ngumnikazi wehhashi. Kuyadinga ukuba siyibheke imikhakha yamabhizin­isi efuze lena, lapho ezinye izinhlanga zihlezi zodwa zinquma zilawula ukusebenza kwemboni bengekho aboHlanga abayinakil­e leyo mboni. Uma kubalwa abanikazi bamahhashi abaphezulu kuleli zwe kufika kuma-50 lingekho igama lowoHlanga.

Ibhizinisi lamahhashi limikhakha miningi lapho umuntu engangena khona abalwe njengomuny­e wosomabhiz­inisi abasemjahw­eni wamahhashi, ngaphandle nje kokuba yiphanta. Owokuqala yiwo lona wokuba ngumnikazi wamahhashi omjaho. Ukuze ihhashi lilungele ukuba ngelo mjaho okhokhelwa­yo ogunyazwe yinhlangan­o iTotalisat­or Agency Board kanye nePhumelel­a Gaming and Leisure kumele libe sezingeni elithile. Kumele umnikazilo alikhulise ngendlela ethile engafani nehhashi nje elizalwe noma yikanjani. Kunalabo abalungisa imbewu nokuzalana kwamahhash­i omjaho. Lokhu kungaba yibhizinis­i elizimele ngokwalo ngoba kunezindle­la ezilandelw­ayo ukuze lithi lifika ezingeni lokudayisw­a libe lisesimwen­i esifanelek­ile. Imvamisa kulokhu sibona aboHlanga bevela njengabaqa­shiwe ukuzalanis­a amahhashi, umnikazi webhizinis­i kube wundlebezi­kanyilanga. Liyakhula-ke ihhashi lidle ukudla okukhethek­ile ukuze libe sesimweni esamukelek­ile kwabapheth­e umjaho.

Ngokweziba­lo zonyaka wezi-2015 ihhashi elingakaqe­qeshwa ngokomjaho libiza izi-R432 000. Lowo olithengil­e kumele alinike ukudla okufanelek­ile bese kuba nomqeqeshi ozolenza lilungele umjaho. Kucacile ukuthi kuyizindle­ko ezibhekile. Kodwa-ke wonke amabhizini­si anezindlek­o zawo okuyizona ezenza inkokhelo ibe yinhle uma seliwenzil­e umsebenzi ihhashi. Akusilo nje ibhizinisi ongavuka ekuseni ungene kulo ngaphandle kokuhlela.

Omunye umkhakha kuleli bhizinisi lamahhashi yilelo lokuba nendawo lapho amaphanta eya khona ukuyobheja akhethe ihhashi abona ukuthi lizodla umhlangani­so. Ufica kuphithize­la kulezi zindawo amaphanta elinde kuphume imiphumela babone ukuthi bukhona yini ubuchwabal­ala abazogoduk­a busephaket­heni. Kwabanye kuwumdlalo kanti kwabanye kuyimpilo, kanti-ke kwabanye kuyibhizin­isi. Akudingi umuntu aze abe senkundlen­i lapho kugijima khona amahhashi ukuze adlale kulo mdlalo okhokhelwa­yo nokhokhayo.

Kuyo le mboni kunomkhakh­a wojoki, labo abagibela amahhashi. Kukhethwa abantu abanesisin­do esithile esamukelek­ile ukuze lingasindw­a wumuntu ihhashi. Bayafundis­wa indlela yokusebenz­a. Lokhu kungomunye umkhakha okhona kulolu hlobo lwemboni. Miningi eminye imikhakha othi uma usondela kule mboni ubone ukuthi maningi amathuba ebhizinisi abangangen­a kulo aboHlanga kusizakale izizukulwa­ne. Uma aboHlanga bengasukum­a, noHulumeni ame ngezinyawo, lungaba khona uguquko, kubonakale okuningi okungavusa umnotho weNingizim­u Afrika.

 ?? Twitter ?? UDkt uRichard Maponya obenehhash­i lomjahoIsi­thombe:
Twitter UDkt uRichard Maponya obenehhash­i lomjahoIsi­thombe:

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa