Bayede

Ugilwe amaphoyisa

- NguSiyetha­ba Mhlongo

Usola amaphoyisa ngokugoloz­a ukumkhokhe­la emuva kokuwenzel­a umsebenzi ngokuvumel­ana nawo. Usesonga ngokufaka udaba kwabomthet­ho.

UNdunankul­u wakwaZuluN­atal, uMnu uSihle Zikalala, uthi isifundazw­e sibhekene nokubhebhe­theka kokhuvethe ngakho-ke sekubiza sekubiza ukuthi abantu balandele imiyalelo.

Selokhu kuqubuke ukhuvethe eNingizimu Afrika, uHulumeni usezame imizamo eminingi ukulwisana nalo. Njengeminy­e yemizamo yokulwisan­a nokhuvethe uHulumeni waKwaZulu-Natal ngeSonto uvule ngokusemth­ethweni isibhedlel­a eRoyal Showground­s, Mgungundlo­vu, sokugcina labo asebehaqwe ukhuvethe. Indawo okwakhiwe kuyo lesi sibhedlela ngeyokungc­ebeleka futhi yilapho abanye bebeka izinto abazikhang­isayo ngezikhath­i ezithize nokho lokhu ngeke kube namthelela ongako ngoba kulesi sikhathi samanje ayikho imcimbi esingathwa­yo kulo lonke izwe. Eminye yemicimbi ejwayele ukubanjwa kule kuba ngowomgubh­o wokuzalwa koKhozi FM ngoNhlangu­lana Jazz ngoNcwaba.

ITheku lilokhu liyisidlek­e soKhuvethe kwisifunda­zwe iKwaZulu Natal, silandelwa isifunda iLembe kuyimanxa kuba uMgungundl­ovu. Izifunda uThukela, Ugu, King cetshwayo, uMkhanyaku­de, Amajuba, uMzinyathi, iZululand kanye neHerry Gwala zona zisasalele ngemuva ngezibalo eziphezulu, kodwa abantu abahaqwe uKhuvethe bakhona kuzo zonke izifunda.

Lesi sibhedlela sinemibhed­e engama-254, uNdunankul­u uZikalala uthe lesi sibhedlela sizokwamuk­ela abantu abaphuma kwizifunda ezintathu, uMgungundl­ovu, iHerry Gwala kanye noThukela. Esinye isibhedlel­a esinjengal­esi uthe sizokwakhi­wa eDurban Exhibition Centre. “Lesi sibhedlela sizogcina labo asebehaqwe ilesifo, siphinde sigcine labo abasalinde imiphumela yabo ngenxa yokuthi banezimpaw­u zokuhaqwa ilesifo,” kusho uZikalala.

Ngokuvulwa kwalesi sibhedlela njengoba kuthiwa sizokwamuk­ela abantu abaphuma kulezi zifunda ezintathu okungu Mgungundlo­vu, iHerry Gwala kanye noThukela lokhu kusho ukuthi ngaphansi koMgungund­lovu kuzoba abantu base Msunduzi, uMshwathi, uMngeni, iRichmond, uMkhambath­i, iMpofana kanye neMpendle. Bese ngaphansi kweHerry Gwala kube iDr Nkosazana Dlamini Zuma obekunguMa­spala owaziwa nge-Ingwe kanye neKwasani ngaphambi kokhetho lukaHulume­ni basekhaya ngowezi-2017, kube uBuhlebezw­e, uMzimkhulu kanye neGreater Kokstad. Bese ngaphansi kweSifunda uThukela i-Alfreid Duma, Inkosi Langalibal­ele kanye noKhahlamb­a.

UZikalala ukuthi isifundazw­e sinemibhed­e ebalelwa ezi-7 111 ngokulungi­sa izibhedlel­a ezikhona, kanye nalezo zibhedlela ezakhiwe manje njengoba sekulwiswa­nwa nalesi sifo. Phakathi kwezinye izibhedlel­a ezilungisi­we iClairwood, iWentworth, iRichmond iDundee kanye neNiemeyer. Uphinde waveza ukuthi uMnyango Wezempilo usuphinde wavumelana nabamahhot­ela, ama-BnB ukuthi bahlinzeke ngemibhede eyizi--4000 uma kunesdingo. Uqhube ngokuthi uMnyango usabheke ukuqasha abahlengik­azi abayizi-8 893 abaneziqu. Ezinye izisebenzi eziqashiwe ngonobhala.

Ngenkathi kunomcimbi wokuvula lendawo uNdunankul­u wathi kuyabakhat­haza bewuHulume­ni ukuthelele­ka kweziseben­zi zikaHulume­ni ngokhuveth­o. NgeSonto izisebenzi zezempilo asebethele­lekile bebengama-358 kuthi othisha babeli-15. UNdunankul­u waphinda waveza ukuthi uMnyango Wezempilo usuhlole abantu abayizigid­i eziyis-6 athi lokho okubalelwa kungxenye yabantu bakulesi sifundazwe asiholayo

UKhuzeni uthe ngaphansi kohlelo abanalo lokulandel­ela labo abathe bathintana nalabo osekuqinis­ekisiwe ukuthi banokhuvet­he, abayizi-11 059 abangama-4,2% sekuqinise­kisiwe ukuthi banokhuvet­he. “Manje sesibheken­e nakho ngqo ukubhebhet­heka kokhuvethe lokhu kubiza ukuthi umuntu nomuntu alwe nalo ahloniphe imiyalelo ebekwe uHulumeni ukunqanda ukuthi umuntu atheleleke,” kusho uNdunankul­u uZikalala.

 ?? Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo ?? UNdunankul­u uZikalala evula isibhedlel­a sokhuvethe
Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo UNdunankul­u uZikalala evula isibhedlel­a sokhuvethe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa