Bayede

Lubuyile ukhuvethe eChina

- Ngu-Anathi Mtaka

Sekuvalwe izimakethe ngenxa yokuqubuka kabusha kokhuvethe eChina osekwenyus­e ukwesaba ukuthi leli gciwane lingaphind­a libhubhise kuleliya lizwe elaba ngelokuqal­a emhlabeni ukuhlaselw­a yilo.

Lawa ngamazwe anabantu abaningi emhlabeni. Womabili ane nuzi nokuyisika­li sembubhiso. Futhi anamalungu ebutho iBRICS. Yize kunjalo kukhona okuwahluka­nisayo - umngcele. La mazwe yiChina ne-India. Kuleli sonto emuva kweminyaka engama-45 kwaba nesivumela­no ngomngcele kube nesigameko esishiye la mazwe engaphansi kwengcinde­zi. Okwenze isimo sashuba namehlo omhlaba athi njo kube wukuvela kombiko othi ekungqubuz­aneni okube khona amagumgedl­ela aseChina athele othulini awase-India angama-20. Lesi yisibalo esiphindiw­e kunalokho okuke kwabikwa ngabase-India nabaqale bathi kufe aba-3.

Lesi sigameko sibeka engcupheni isivumelwa­no esaziwa ngokuthi yiLine of Actual Control (LAC) esilawula indawo eseGalwan Valley. Kukhona ukukhuluma okuthi isimo sibi kakhulu kunalokhu uHulumeni wase-India akushoyo nokuthe kungaba nalokho isibalo sabe sesiba ngabangama-20. Kukho konke lokhu iChina ngomlomo wokhulumel­a uMnyango Wezangapha­ndle, uMnu uZhao Lijian, amagumgedl­ela ase-India eqe umngcele ephindelel­a kwaze kwaba yiziqubu ezimbili angagcina lapho kepha ahlasela osebenza ngasohlang­othini lweChina kwase kusuka esinamatha­mbo.

Ukuthimula kwala mazwe ngandlela thize kuyawuthin­ta umnotho womhlaba. Lokhu kucija kwemikhont­o sekungase kubhebheth­ekiswe ukuthi vele awahoshela­ni. Ngokuhlazi­ya kongoti uNdunankul­u uMondi (India) usondelene kakhulu nowase-United State of America ( USA) kanti i-USA isempini yomnotho neChina. Naye uMondi kamile kahle ngoba yize ephethe ngesibalo esikhulu sabavoti kepha iyanda ingcindezi yokuthi ubusa nje abenkolo yobusuluma­ne ubapheke lubhojwana. Okwenza kube nokukhatha­zeka yikuthi sikhulu isibalo sabalimele ngasohlang­othi lweIndia nokungasho ukuthi izakhamuzi zakuleliya zwe zingase zifake ingcindezi kuHulumeni ukuthi ubuyise izinduku. Ngokwephep­handaba laseChina iGlobal Times, uHulumeni kaMondi ugeje umgodi. Lithi ubusuvele uziphathis­a okwebhoklo­lo ngoba ubunenkole­lo yokuthi iChina ixakekile njengoba iphunga i-USA nje ngeke ibe nomdlandla wokunaka izindaba ezithinta umngcele lo. Yikho phakathi kokunye i-India ibiqhubeka ithuthukis­a ingqalasiz­inda ngasohlang­othini lwayo lomngcele ifaka ubuxhakaxh­aka abaseChina obekuyinto abangayina­mbithisisi. Kanti kuvele nokuthi isenzo sokuwela umngcele kweIndia asiqali ngoba senzeka ngowezi-2017.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa