KWEZINYE IZINGXENYE
Ezase-Afrika: Kubalelwa kubantu abangama-81 abashonile ngesikhathi kuhlaselwa isigodi esiseNyakatho nezwe iNigeria. Abasolwa kusolakala ukuthi bangase babe ngamasosha eBoko Haram esineminyaka ihlasela amadolobha aleli lizwe. Izakhamuzi zithe kuqhamuke amadoda abehlome ngezikhali ezethusayo ehamba ngombayimbayi.
EzaseChina: Kubalelwa ebantwini abali-19 abashonile kuthi abali-172 balimala ngesikhathi iloli ebithwele ithangi legesi (Gas) emgwaqeni omkhulu waseChina liqhhuma. Ngokusho kwephephendaba laseChina iXinhua leli loli belihambisa leli thangi liqhume emgwaqeni omkhulu ophuma eWenling okuyidolobha elusogwini esifundazweni iZhejiang.
Ezase-Australia: UNdunankulu uScott Morrison usecele uxolo emuva kokuthi enkulumweni yakhe yangesonto eledlule ethe. “Abukho ubugqila kuleli lizwe”. Ukuxolisa kwakhe kuqhamuke emuva kokuba inkulumo yakhe ivuse ulaka nezinsolo zokuthi akawunaki umlando waleli lizwe lokuphoqwa kwabantu ukuba basebenze. Ekhuluma engqungqutheleni yezindaba uthe inkulumo yakhe ekutheni ikoloni lokuqala laseNew South Wales lasungulwa ngaphandle kokusetshenziswa kwabasebenzi kwezigqila.
EzasePoland: Ezombutho wasePoland zikuvumile ukuthi zangena ngephutha ezweni iCzech Republic ngenyanga eyedlule kodwa-ke zithi lokhu kuthatha kwayo ingxenye yaleli lizwe isikhashana kwadalwa ukungaqondisisi kahle kwezinto. “Amasosha asePoland eqe ngephutha umgcele waleli lizwe neCzech Republic ngaphambi kokuba ahlale lapho,” kusho uMnyango Wezangaphandle waseCzech Republic. La masosha abegade umgcele ohlukanisa la mazwe njengoba umhlaba uhlaselwe ubhubhane iCorona, kodwa okuvelile ngukuthi lamasosha abe esejikisa izakhamuzi zaseCzech ezaziye emasontweni asezweni lazo.
EzaseChina: Ongowase-Australia ugwetshwe isigwebo sentambo ngemuva kokuthi inkantolo yaseChina imlahle ngecala lokushushumbisa izidakamizwa. Lo owesilisa ongadalulwanga ugwetshwe ngoLwesithathu ngesonto eledlule kodwa izindaba zecala nokugwetshwa kwakhe kuvele ngempelasonto yalelo sonto. Oshicilelweni iGuangzhou Intermediate People’s Court’s . UMnyango Wezangaphandle wase-Australia uthe “udabuke” kakhulu ngalesi sijezo futhi uvezile ukuthi uyazama ukuyisiza le ndoda.
EzaseZimbabwe: Lowo owayenguNgqongqoshe Wohulumeni Basekhaya eZimbabwe osesekudingisweni, uMnu uSaviour Kasukuwere, useziqhelelanisile nezinsolo esezisabalele zetulo lokuqunjwa phansi ngamasotsha kukaHulumeni wakuleliya zwe. Esitatimendeni asikhiphile uthe uphendula ezinsolweni ezikhishwe ngesitatimende sabezindaba esifundwe uNgqongqoshe Wezasekhaya eZimbabwe, uMnu Kazembe Kazembe, ngoLwesithathu olwedlule. “Izinsolo zithi mina nabanye sisabalalisa amanga etulo lokuqunjwa phansi kombuso,” kusho uKasukuwere oke waphatha izikhundla zongqongqoshe eziningi ngaphansi kukaMnu uRobert Mugabe ongasekho owake waba nguMengameli waseZimbabwe. “Lokhu kuyihlaya futhi ngiyaziphika lezi zinsolo ezingenasisekelo engibekwa zona futhi ngizichitha ngayoyonke indlela,” usho kanje esitatimendeni kuTwitter wakhe egcizelela ukuthi uyakholelwa enqubeni yoMthethosisekelo futhi akanazinhlelo zokuthatha amandla kuHulumeni waseHarare.