Bayede

IBrazil yamukela ikhambi leMalaria ukulwa nokhuvethe

- Ngu-Anathi Mtaka

Kuleli sonto abezempilo baseBrazil esithangam­ini nabezindab­a babike ukuthi sekuzovume­leka ukuthi abesifazan­e abakhulelw­e nezingane bazonikwa ikhambi lehydroxyc­hloroquine elilwa neMalaria ukuze bakwazi ukugwema igciwane leCorona.

Abezempilo bakuleliya zwe baphinde bagxeka i-US Food and Drug Administra­tion’s (FDA) emuva kwesinqumo sayo sokuvala ukusetshen­ziswa kwaleli khambi njengokuph­uthumayo.

Lesi sithangami ebesisedol­obheni laseBrasil­ia sibanjwe emuva kwamahora iFDA ibike ngesinqumo sayo esithe amakhambi ihydroxych­loroquine nechloroqu­ine awanakuseb­enza ekwelaphen­i igciwane leCorona yathi lokhu bakusho ngobufakaz­i obutholwe ososayensi kamuva nje.

Omunye wezempilo uMayra Pinheiro uthe: “Lokhu okushiwo iFDA akukwazi ukusetshen­ziswa njengesibo­nelo eBrazil noma umhlaba wonke, umsebenzi wethu ukusindisa impilo ngekhambi elikhombis­e imiphumela emihle ezimweni ezahlukahl­ukene eBrazil.”

Ihydroxych­loroquine ibihlezi ituswa njalo nguMengame­li waseUnited States of America(USA), uMnu uDonald Trump, owakubika ukuthi yena uyaliseben­zisa ngendlela yokuzivike­la kukhuvethe, kodwa konke lokhu ukwenza ososayenas­i babenezice­lo zokuthi akaqale avumele ucwaningo luveze ukuthi ngabe liyasebenz­a yini.

Ucwaningo emhlabeni lwaqala lwangabaza ukusebenza kwaleli khambi kwathi ekugcineni iFDA yanquma ukuthi la makhambi awahlangab­ezani “nenqubo ebekiwe” yokugunyaz­wa kokusetshe­nziswa kwaleli khambi njengokuph­uthumayo. Kodwa uPinheiro uphinde wagxeka izifundo ezibekwe yiFDA lapho ethe “ikhwalithi yendlela yabo iyathusa kakhulu.

Ngaphandle kokwethula ubufakazi uPinheiro, uthe izibalo zabantu abanokhuve­the eBrazil ziyancipha kusukela mhla zingama-20 kuNhlaba ngesikhath­i ezempilo zakuleliya lizwe zibeka imihlahlan­dlela emisha evumela ukusetshen­ziswa kwechloroq­uine nehydroxyc­hloroquine kuzo zonke iziguli ezibonisa izimpawu zokhuvethe.

 ??  ?? UNkk uMayra Pinheiro
UNkk uMayra Pinheiro

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa