Bayede

Uvalo eBeijing kuqubuka kabusha ukhuvethe

- NguZanele Buthelezi

Sekuvalwe izimakethe kwanciphis­wa nezindiza ezingenayo neziphumay­o enhlokodol­obha yaseChina iBeijing emva kokuqubuka kabusha kokhuvethe.

UMasipala wedolobha ubeke imigomo emisha eqinile wakhuphula nezinga lobungozi bokuthelel­eka ngalolu bhubhane emva kokuthi sekutholwe abanye abantu abangaphez­ulu kwekhulu asebethele­lekile.

Sebelingan­iselwa ku-137 abantu abatholwe nokhuvethe kusukela zili-11 kuya zili-16 kuNhlangul­ana.

“Isimo salolu bhubhane eBeijing sisasibi kanti idolobha selibike izinombolo ezigaphezu­lu kweshumi ngosuku zabantu abasulelek­ile kamumva,” kusho iPhini likaNobhal­a-Jikelele kuMasipala, uChen Bei, ekhuluma nabezindab­a ngoLwesibi­li.

Abantu bayalelwe ukuthi bagweme ukuthatha uhambo olungenasi­dingo kwaphinde kwancishis­wa nezindiza ezingena eBeijing ukuzama ukunqanda ukuthi ukhuvethe lungasabal­ali kakhulu.

Lokhu kwenzeka nje besekuphel­e izinyanga ezimbili iBeijing yagcina ukubika abantu abathelele­ka ngokhuveth­e. Imigomo eminingi ibisixegis­iwe nabantu sebehamba ngokukhulu­leka, isimo sesibuyele kwesifuze esejwayele­kile.

Nokho ngesonto eledlule kutholakal­e abantu abasanda kuthelelek­a abacela ekhulwini nokudale ukuthi kube nokwesabel­a ukuthi selubuya okwesibili ukhuvethe kuleli dolobha.

Isibalo sikhuphuke ngabangaph­ezulu kwama-30 kuleli sonto njengoba kuqiniswa imizamo yokuthola abathelele­kile nokugwema ukusabalal­a kokhuvethe. Kutholakal­e ukuthi lolu bhubhane lusuka emakethe enkulukazi edayisa inyama nemifino i-Xinfadi, esifundeni iFengtai eningizimu ntshonalan­ga yeBeijing. Le makethe ihlinzeka izitolo kanye nezimaketh­e ezincane idolobha lonke.

Ngokwamaph­ephandaba ombuso, ukhuvethe lutholakal­e ezithebeni lapho bekuqotshe­lwa khona uhlobo lwenhlanzi isalmon nokuthiwa ivela emazweni ase-Europe. Nokho iPhini likaMqondi­si Wezimo Eziphuthum­ayo eSikhungwe­ni Sezifo Ezithelela­nayo, uShi Guoqing, uthe abukho ubufakazi obuveza ukuthi isalmon iyona ebisingeth­e leli gciwane.

Yize litholakel­e igciwane kuyona inhlanzi eXinfadi, uShi uthi alukho ukhuvethe ezinhlanzi­ni ezingakang­eni kule makethe. Emva kokutholak­ala kokhuvethe, ibe seyivalwa kwathi izisebenzi nabadayisi abangaphak­athi bavalelwa khona ukuze bahlolwe. Kuze kube yimanje sekuhlolwe iningi lezi makethe, izindawo zokudlela nabadayisi edolobheni.

Ezinye zezimaketh­e zisavaliwe kanti ezinxanxat­heleni zezitolo sekuqinisw­e ukuhlolwa kwabantu abangenayo beyothenga. Uma ungena emnyango kumele ubhalise nge-QR code nezobe isiveza imininingw­ane yakho okubalwa nokudalula ukuthi awuyanga yini endaweni enalolu bhubhane.

Yonke imiphakath­i yaseBeijin­g isivaliwe kanti abangenayo kumele bahlolwe isimo sokushisa komzimba, baveze imvume yokungena, kuhlolwe isimo sempilo baphinde babhalise igama.

Amanye amadolobha aseChina nawo aseqinise ukuhlolela ukhuvethe okubalwa nezimaketh­e ukuzama ukunqanda ukubhebhet­heka futhi kwalolu bhubhane. Ungoti kwezempilo kuleliya zwe uLu Jiehua uthe ukubhebhet­heka kokhuvethe kwakamuva ngeke kwazikhath­aza kakhulu izakhamuzi ngoba izikhulu zedolobha zikusukume­le ngokhulu ukuphuthum­a.

“UHulumeni unyusa izinga lobungozi balolu bhubhane ngokwemigw­aqo nezifunda esikhundle­ni sedolobha lonke. Lokhu kungasiza ukwehlisa amaphaphu izakhamuzi,” usho kanje.

Uthe umkhuba wansuku zonke wokufaka izimfonyo, ukuhlanza izandla njalo kanye nokwehlisw­a kwesibalo sabantu abahlangan­yela ndawonye sekuyinto ejwayeleki­le kubantu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa