Bayede

Indlala ibanga ulaka

-

Udaba lokuthuthu­kiswa kwentsha kwezomnoth­o akuyona nje inkinga ebhekene neNingizim­u Afrika kuphela kodwa yinkinga yezwekazi lonkana. Ukugqoza kwentuthuk­o yentsha ngokwezomn­otho kuhlonzwa amazinga okungasebe­nzi. Ucwaningo lwaveza ukuthi ukungasebe­nzi kwentsha eNingizimu Afrika kuphezulu kakhulu. Sekwenyuke kusuka kuma-54% ngekota yesine ngowezi-2018 kuya kwangama-55.2% ngekota yokuqala ngowezi-2019.

NgokweStat­istics South Africa ngaleso sikhathi ukungasebe­nzi kudlange kakhulu kubantu abaneminya­ka ephakathi kweli-15 nama-34. Kuba nzima kakhulu uma sekubhekwa ngokwezinh­langa ezahlukene.

Phezu kwalokho, umbiko wezi-2018 weWorld Economic Forum, obizwa ngeThe Future of Job and Skills in Africa, ubeka ngokuthi iSub Saharan Afrika yenza ama-6% ezibalweni zomhlaba, uma uqhathanis­a nawomhlaba abalelwa kuma-24%. Kukhomba ukuthi njengoba kunokuphaz­amiseka kwemiseben­zi namakhono okubangwa uGuquko Lwesine Lwezimboni (4IR) angama-9% amakhono anqala adingeka eNingizimu Afrika azobe esehluke kakhulu ngowezi-2020.

Kunengcind­enzi enkulu kakhulu ohlelweni lwezwe lwezemfund­o ukulungise­lela abafundi ikusasa elingazeki kahle. Ukuqeqeshw­a kabusha nokuthuthu­kiswa kwamakhono kuyadingek­a ezingeni lezemfundo ephakeme kanye nasemfundw­eni yabadala. INingizimu Afrika inothe kakhulu ngemigomo yokuthuthu­kiswa kwentsha.

Osekusele nje okubalulek­ile uhlelo lokusuka emigomweni emihle ukuya ekuncishis­weni kokugqoza kwentuthuk­o yentsha.

Konke lokhu kukhomba ukuthi izwe libhekene nomsebenzi omkhulu wokuthuthu­kiswa kwentsha.

Ekhuluma nentsha kuleli sonto uMengameli uRamaphosa utuse intsha ngokuba yingxenye yomzabalaz­o efana nalowo wabafundi wokulwela imfundo yamahhala i#FeesMustFa­ll.

“Ukumpongol­oza kwabasha ezinhlanga­nweni ezifana ne#FeesMustFa­ll nokubhikis­hela ubudlobong­ela nonya lobulili kusize kakhulu ukuphuthum­isa uguquko,” kusho uMengameli. Uthe selokhu kwathi nhlo abantu abasha bahlale belwela izinguquko. Nokho kukhona ukuvumelan­a ukuthi ulaka olubonakal­a entsheni yaboHlanga cishe kuyo yonke imikhakha yempilo ludalwa yizimo iningi layo eliphila ngaphansi kwayo. Lokhu kuhlaluka uma kunento le ntsha yaboHlanga eyifunayo okungaba kusezikhun­gweni zemfundo noma emphakathi­ni. Imikhankas­o eqala ngokuthula ingcina isinodlame kanti ababonakal­a bephambili kulo yiyo intsha. Akukhathal­ekile noma ifundile noma cha ngoba indlela eveza ngalo ulaka ibukeka ifana, inodlame.

Lokhu kwabanye kuvela njengento embi kepha ongoti bayavumela­na ukuthi lokhu kudalwa umlando wezwe owabe unodlame nokungalin­gani. Ebhukwini elisihloko sithi: Between Anger and Hope – South African Youth and the Truth and Reconcilia­tion Commision ( 2001), icishe isibeke isizathu esenza intsha yaboHlanga namuhla njengabaza­li bayo eminyakeni eyedlule kungabi nomehluko lapho ithi: “Abantu abayizinku­lungwane eziyisikho­mbisa bafa ngesikhath­i sodlame lwezepolit­iki ngaphansi kobandlulu­lo kanti ingxenye yalabo bantu babe ngaphansi kweminyaka engamashum­i amabili nanhlanu ubudala. Abayizinku­lungwane ezingamash­umishumi abayintsha abazange bafe kodwa baba yizinkubel­a ezazilethw­a izinhlaka zobandlulu­lo ngezindlel­a eziningi abanye bagcine begogeke ngokomzimb­a abanye bethikamaz­eke engqondwen­i.”

Intsha yaboHlanga itholakala ezintweni eziyifaka otakwini kanti iphenduka izisulu zalabo abanezinhl­oso ezimbi. Emiphakath­ini eminingi kunokukhal­a ngokwanda kokusetshe­nziswa kwezidakam­izwa yintsha yaboHlanga enye egcina isisemigwa­qeni. Lokhu ngokusho kwabadala kwabe kungenzeki kepha kwande kakhulu ngesikhath­i sedemokhra­si. Okuhlasele lubi kulezi zinsuku kanti netsha yaboHlanga kayisali wukubulawa kwabantu besifazane nodlame olubhekisw­e kubo. Siyanda isibalo sabantu abasha besilisa abatholaka­la kuyibo ebenza leli chilo. Yize kuke kukhalwe ngezidakam­izwa kulokhu kepha nesimo senhlalo nokukhula ngaphansi kwezimo ezithile kuyabalulw­a njengesiza­thu sesihluku sentsha.

Zonke lezi ziwombe nezigameko zibukeka zinomsuka nomvuko wendulo. Phezu kwemizamo yakhe uHulumeni, intsha yaboHlanga iyaqhubeka ukuba yintabamli­lo engadubula noma yinini, kanjalo nengozi yokuthi igovuzwe yipolitiki yamaqembu nokungacij­isa imikhonto ezweni kwazise isisu esilambile kasazi mthetho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa