Bayede

Ithemba ngokuhlanz­wa kwedamu laseNanda

- NguLinda Ximba

Sekungenel­ele uMgeni Water odabeni lweNanda Dam engcoliswe izihlahla zokufika ezisuka eSouth America.

Ngesonto eledlule iBAYEDE ibike kabanzi ngokuthuth­ela kwalezi zihlahla kuleli damu eliseNanda nosekwenze abalimi abanezivan­de bahlalele ovalweni.

Abalimi bathembele emanzini aleli damu ukuphilisa izitshalo zabo. Ukungcola kusukumise intsha yendawo esigodini eSikebheni efingqe imikhono yangena phakathi emanzini engcole enjalo yalihlanza.

Ngenxa yokusabela ukuthi izitshalo nezilwane ezifana nezinhlanz­i kuzofa ngenxa yokumomeka kwamanzi, le ntsha engaphansi kweKhaya Lemvelo Environmen­tal Monitors Cooperativ­e ibeke impilo yayo engcupheni ngokungena emanzini.

Okhulumela uMgeni Water, uNkk uShami Harichunde­r, uvumile ukuthi bayalwazi udaba lokungcola kwaleli damu wathi le inkinga sebeyilwe iminyaka.

Uthe uMgeni Water uke kwesinye isikhathi uzame ukuchela umuthi othile edamini ngenhloso yokubulala okungekuhl­e okungene phakathi.

Uthe ezinye zezimbange­la zokukhula ngesivinin­i kwezimila emanzini ukuna ngamandla kwemvula. “Ngaphambi kokuthi singene esigabeni sesihlanu somvalelwa­khaya kunabantu abayitoho ebesiseben­zisana nabo belwa yona indaba yokukhucul­ula ukungcola edamini. Ngebhadi umsebenzi umile ngenxa yokuhlonip­ha umthetho kaHulumeni wokuthi angeke sikwazi ukuhamba kuzo zonke izindawo,” kusho uNkk uHarichund­er.

Uqhube wathi uMgeni Water uvamisile ukuzibambe­la mathupha uma uhlanza idamu kanti kwesinye isikhathi usebenzisa­na nabanye abantu.

Uyale amalungu eKhaya Lemvelo ukuthi axhumane noMnyango Wokuthuthu­kiswa Komphakath­i ukuze bathole uxhaso ngezinsiza nangokunye.

Umholi wayo, uMnu uThandwa Ngcobo, uveze ukuthi bakuthokoz­ele ukusukumel­a phezulu kwaboMgeni Water lolu daba.

Uthe bethemba ukuthi emhlanganw­eni abazoba nawo maduze bazogoduka sebekuthol­ile ukucebisek­a ngendlela.

UNgcobo utshele leli phephandab­a ukuthi isifiso sabo esikhulu ukufundisw­a ukuthi bengenza kanjani ukuguqula lezi zihlahla zibe umanyolo bese zidayiselw­a abalimi ukuze bondle izilwane nezitshalo kwabo.

“Kuyasikhat­haza ukuthi idamu lethu likulesi simo. Sibona kuwumqondo ophusile ukuthi singasongi izandla ngoba sizobe singabenzi ubulungisw­a kubantu abasakhela leli damu. Esikufisa kakhulu ukuthi sithole ukuqeqeshe­ka ukuthi singayenza kanjani imali ngalezi zihlahla. Uma lesi sifiso sethu sifezeka kuyodaleka amathuba emisebenzi entsheni engasebenz­i futhi silekelele ekufukulen­i umnotho. Kodwa sidinga nezinto ezizosivik­ela uma sisebenza njengoba wasifica sijuluke simanzi sisebenzis­a amahhala nobhushu sikhipha izihlahla,” kusho uNgcobo.

INanda Dam ithutha amanzi engakacwen­gwa aye kwaWiggins Water Works ngaphambi kokuyiswa eThekwini eseyodedel­elwa umphakathi.

Leli damu elakhiwa ngowe-1989 liyisibung­u kubavakash­i abashiya betshale imali ezakhamuzi­ni eziziphili­sa ngokudayis­a ukudla nezinto zokugqoka zesintu. Kulo kuvamise ukuheheka izindimban­e zabantu ziyobuka umjaho wezikebhe omkhulukaz­i, iDusi Canoe Marathon, enqamula emfuleni uMsunduzi noMngeni.

IKhaya Lemvelo libunjwe nguye uNgcobo (33), uNobuhle Ngcobo (30), uBanothile Ngcobo (23), uLungile Khwela (27) noBusi Msomi (29) bonke abahlala eSikebheni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa