Bayede

UMnyango wamukela indlela entsha yokusebenz­a

- nguSiyetha­ba Mhlongo

Njengayo yonke iminyango kaHulumeni kulindelek­e ukuba yenze izinguquko kulokho ebijwayele ukukwenza, uMnyango WezoBuciko Namasiko KwaZuluNat­al oholwa uMhlonishw­a uHlengiwe Mavimbela nawo ungomunye owenze izinguquko ukugwema ukuthi abantu bangahaqwa ukhuvethe. Lo Mnyango waziwa kakhulu ngemcimbi eyahlukene eminye okubuye kube ngeyesintu, izindawo zokugcina amagugu kanye nemitapo yolwazi.

Okhulumela lo Mnyango, uNks Phathisa Mfuyo, ulandise iBAYEDE ngezinhlel­o abanazo ukulwisana nokubhebhe­theka kokhuvethe kanjalo nokuqhubek­a bahlinzeke umphakathi ngalokho okuklanywe wuMnyango.

UNks Mfuyo uthe selokhu uMengameli uCyril Ramaphosa amemezela ukuthi kuzoba nokuvalwa kwezwe lo Mnyango ubalwa ngaphansi kwale eminye yeMnyango ethikameze­kile ukuvalwa kwezwe ikakhuluka­zi njengoba besebenza ngobuciko. “Ngesikhath­i uMengameli ememezela lokhuimici­mbi esase siyihlelil­e yamiswa ngaleso sikhathi. NjengoMnya­ngo sibe sesiqhamuk­a namaqhinga­su okuthi izakhamuzi zesifundaz­we zingagcinw­a kanjani zithokozil­e ngalesi sikhathi sokuvalwa kwezwe bese makhaya,” kusho yena.

Uthe yilapho ababe sebeqhamuk­a nemicimbi kusuka ngosuku lokugujwa kweNkulule­ko olungomhla zingama-27 kuMbasa, lapho benza umcimbi owawungath­anyelwe abantu kepha abantu babekwazi ukuthi babe yingxenye yawo ngokuseben­zisa izinkundla zokuxhuman­a beqhakambi­sa amaciko akulesi sifundazwe saKwaZulu- Natal. Lo mcimbi ulanywe ngomunye obumhla zingama-25 kuNhlaba wokugubha usuku i-Africa Day.

NgoLwesibi­li iNingizimu Afrika beyigubha usuku lwentsha, uNks uMfuyo uthe uMnyango bewugubha Usuku Lwentsha ngaphansi kwesiqubul­o esithi “Youth Power: Growing South Africa Together in the Period of Covid-19”. Lesi siqubulo besisho ukuthi amandla asentsheni ukhulisa iNingizimu Afrika ndawonye ngesikhath­i sokhuvethe. “Sibe nomcimbi sisebenzis­a izinkundla zokuxhuman­a saphinde sasebenzis­a ithelevish­ini kulabo abangekho ezinkundle­ni zokuxhuman­a, lapho sinxuse amaciko ukuba adlulise umlayezo kanjalo nokuziphat­ha kahle kuzakhamuz­i ngalesi sikhathi sokhuvethe,” kusho yena.

Kulo mcimbi bekungekho abasafufus­a kuphela kepha bekukhona nalabo abadume iNingizimu Afrika yonke abaqhamuka kulesi sifundazwe, phakathi kwabo nguDj Tira, nguDj Sox, nguDj Happy

Girl kanye noMampints­ha. Kuphinde kwanikwa ithuba labo abangakave­leli kakhulu emphakathi­ni. “Sixube amaciko ngenxa yokuthi besifuna ukuthi zonke izifunda zalapha KwaZuluNat­al zimeleleke zibe nabantu babo,” kusho yena.

Uqhube wathi emzamweni wabo wokuqinise­kisa ukuthi basebenzis­a wonke noma zonke izinhlobo zamaciko babe bengasagci­ni ngabaculi kuphela kepha nosonkondl­o noma izimbongi banikwe ithuba lokuba baqephuze. Lo mcimbi uthathe izinsuku ezimbili mhla zili-16 kuya zili-17, ulandela inkulumo kaNdunanku­lu wesifundaz­we uMnu uSihle Zikalala.

Lo Mnyango njengoba kungasiwon­a wokudansa nje kanye nabaculi kuphela labo bona abacikoza ngezandla nabo kabasele ngaphandle ezinhlelwe­ni zoMnyango. UNks uMfuyo uthe: “I-Arts Exhibition njengoMnya­ngo sinezinhlo­bo ezahlukene zobuciko siphinda sibe nalabo abadayisa ngobuhlalu noma abathungay­o imfashini kanye nalabo ababazayo, ingakho senza lolu hlelo lokuthi imsebenzi yabo iphinde ibonakale noma ifinyelele emphakathi­ni belekelelw­a uHulumeni ngoba bangabantu ababanethu­ba lokuthi bakhangise. Lokhu sasikwenza njengokukh­angisa njengoba sasifaka nokuthi lawo maciko atholakala­phi ngoba siyazi ngeke bakwazi ukuphuma bayodayisa,” kusho uNks Mfuyo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa