Sibhekwe ngabovu isabelomali esibuyekeziwe
Ngesonto elizayo zingama-24 kuNhlangulana uNgqongqoshe wezeziMali uMnu uTito Mboweni uzokwethula isabelomali esibuyekeziwe. Sizokhumbula ukuthi unyaka siwuqale kungekho zigigaba ngaphandle kokuthi besilindele isinqumo sikaMoodys ngeNingizimu Afrika.
Besivele sisibi isimo somnotho kuleli lizwe, kodwa wasethula isabelomali uNgqongqoshe. Kungazelele muntu kuqhamuke ukhuvethe lwahlakaza konke obesekuhleliwe. Izimali zoMbuso kudingeke ukuba zisebenze ngokuphuthuma ukuze kubhekwane nale mpicabadala yegciwane. Ibhajethi ezokwethulwa yileyo eseyihlanganisa nalokho okuhlelelwe ukubhekana nempi yokhuvethe.
NgoMsombuluko zili-15 kuNhlangulana 2020
Njalo nje uma irandi like lasimama izinsuku zilandelana kuyaye kube nethemba lokuthi kuzoqhubeka kanjalo nangokuqhubeka kwezinsuku. Kuvule izimakethe lithe ukwehla irandi uma liqhathaniswa nedola lase-USA. NgoMsombuluko idola lase-USA belilingana namarandi ali-17,26.
Noma ungabukeka unamandla uPondo waseBritain ezingeni okulo, kodwa kuyaye kujabulise uma irandi lizabalaza lingagudluki kakhulu endaweni ebelikade likuyo sigcina ukulibheka. Lilahlekelwe yisenti elilodwa ngempelasonto irandi. Kuvukwa ngoMsombuluko uPondo waseBritain bewulingana namarandi angama-21,53, kanti ngoLwesihlanu sahlukana uPondo ulingana namarandi angama-21,52. Awubanga khona umehluko omkhulu.
Lithande ukuzwela irandi uma liqhathaniswa neYuro. Kuvulwe ngoMsombuluko iYuro lilingana namarandi ayi 19, 39.
Intengo yegolide isemi kahle yona, kodwa yehlile kancane kulokho esavala ngoLwesiHlanu iyikho. Intengo yegolide kuvulwe yehlile kancane yaba ngamadola ase-USA ayi-1 727.
Intengo kawoyela isalokhu indiza phezulu. Kube ngconywana ngoMsombuluko zivula izimakethe ngoba umphongolo kawoyela bewubiza amadola ase-USA angama-37,69.
NgoLwesibili zili-16 kuNhlangulana 2020
Usuku lwangoLwesibili bekungolokukhumbula isigigaba sonyaka wezi-1976, lapho abafundi babelwa nengcindezelo kuHulumeni ephoqelela ukuba kufundwe ngesiBhunu. Kwaba nesibhicongo esingasoze sakhohlakala emlandweni wezwe, ngoba kwalahleka imiphefumulo yaboHlanga eyayifuna izimpendulo kuHulumeni wangaleso sikhathi.
Izimakethe zemali zazivalile ngoba kuyiholide elisemthethweni ngalolu suku.
Noma kuvaliwe ezimakethe zemali kuhle sikhumbuzane ukuthi noma sayithola inkululeko yokubusa izwe, kodwa aboHlanga abakayitholi inkululeko yezomnotho. Unyaka we-1976 nowe-1994 lapho kwavotwa khona awusho lutho uma singakakhululeki ngokuphelele.
NgoLwesithathu zili-17 kuNhlangulana 2020
Emva kweholide langoLwesibili irandi lisimame ngamasenti amathathu, kwavula izimakethe idola lase-USA lilingana namarandi ali-17,23 okungconywana kunangomhlomunye.
Kuthanda ukwethusa uma uPondo waseBritain uqhubeka usimama ucindezela irandi. Kuvukwe ngoLwesithathu uPondo waseBritain ulingana namarandi angama-21,63 okuveza ukuthi ukhule ngamasenti ayisishiyagalolunye kulokho okwangoMsombuluko.
Akulula ngaso sonke isikhathi ukuqagela ukuthi sekonakeleni uma iYuro lisimama uma liqhathaniswa nerandi. Sivuke ngoLwesithathu iYuro lilingana namarandi ali-19,43 okukhomba ukuthi irandi lilahlekelwe ngamasenti amane.
Kuyathokozisa kwabahweba ngegolide ukuthi ngoLwesithathu intengo yegolide ibuyele kweyangoLwesihlanu lapho lalibiza amadola ayi-1 727.
Intengo kawoyela isalokhu yenyuka. Kuthanda ukuba nzima ngoba sivuke ngoLwesithathu intengo kawoyela ime kumadola ayi-40,27.
NgoLwesine zili-18 kuNhlangulana 2020
Irandi kuvule izimakethe likhombisa ukusimama selithole amasenti amathathu kulawo abelahlekile. Kuvulwe idola laseUSA lilingana namarandi ali-17,20.
Ngokunjalo uPondo waseBritain ulahlekelwe ngamasenti amane ngenkathi irandi lisimama. Kuvukwe ngoLwesine uPondo waseBritain ulingana namarandi angama-21,59.
Kuvukwe ngoLwesine irandi likhombisa ukusimama lapho siliqhathanisa neYuro. Kuvule izimakethe iYuro lilingana namarandi ali-19,35.
Intengo yegolide iyaqhubeka nokuletha ukumamatheka ngoba ekuseni ngoLwesine beyimi kumadola ase-USA ayi-1 728.
Kunzima kakhulu kuwoyela ngoba uphinde wenyuka kwavulwa umphongolo ubiza amadola angama-40,32.
Kwabasebenzisa izimoto singakuqinisekisa ukuthi kumele balindele umqansa ngokwentengo kaphethroli nodizili. Ngenyanga kaNtulikazi izokwenyuka kakhulu intengo kaphethroli nodizili. Ukwenyuka kwentengo kaphethroli kuba nomthelela ezintweni eziningi okugcina sekuzwela nakulabo abangenazo izimoto. Sengathi yiphupho ukuthi ezinyangeni ezimbili ezedlule, kuMbasa, intengo kawoyela yehle yafinyelela kumadola ali16,63 umphongolo. Njengoba sewubuye ngamandla wafinyelela kuma-40, 32 kuyakhombisa ukuthi uze kabi.