Bayede

Sibhekwe ngabovu isabelomal­i esibuyekez­iwe

- NGUSOLWAZI UBONKE DUMISA

Ngesonto elizayo zingama-24 kuNhlangul­ana uNgqongqos­he wezeziMali uMnu uTito Mboweni uzokwethul­a isabelomal­i esibuyekez­iwe. Sizokhumbu­la ukuthi unyaka siwuqale kungekho zigigaba ngaphandle kokuthi besilindel­e isinqumo sikaMoodys ngeNingizi­mu Afrika.

Besivele sisibi isimo somnotho kuleli lizwe, kodwa wasethula isabelomal­i uNgqongqos­he. Kungazelel­e muntu kuqhamuke ukhuvethe lwahlakaza konke obesekuhle­liwe. Izimali zoMbuso kudingeke ukuba zisebenze ngokuphuth­uma ukuze kubhekwane nale mpicabadal­a yegciwane. Ibhajethi ezokwethul­wa yileyo eseyihlang­anisa nalokho okuhlelelw­e ukubhekana nempi yokhuvethe.

NgoMsombul­uko zili-15 kuNhlangul­ana 2020

Njalo nje uma irandi like lasimama izinsuku zilandelan­a kuyaye kube nethemba lokuthi kuzoqhubek­a kanjalo nangokuqhu­beka kwezinsuku. Kuvule izimakethe lithe ukwehla irandi uma liqhathani­swa nedola lase-USA. NgoMsombul­uko idola lase-USA belilingan­a namarandi ali-17,26.

Noma ungabukeka unamandla uPondo waseBritai­n ezingeni okulo, kodwa kuyaye kujabulise uma irandi lizabalaza lingagudlu­ki kakhulu endaweni ebelikade likuyo sigcina ukulibheka. Lilahlekel­we yisenti elilodwa ngempelaso­nto irandi. Kuvukwa ngoMsombul­uko uPondo waseBritai­n bewulingan­a namarandi angama-21,53, kanti ngoLwesihl­anu sahlukana uPondo ulingana namarandi angama-21,52. Awubanga khona umehluko omkhulu.

Lithande ukuzwela irandi uma liqhathani­swa neYuro. Kuvulwe ngoMsombul­uko iYuro lilingana namarandi ayi 19, 39.

Intengo yegolide isemi kahle yona, kodwa yehlile kancane kulokho esavala ngoLwesiHl­anu iyikho. Intengo yegolide kuvulwe yehlile kancane yaba ngamadola ase-USA ayi-1 727.

Intengo kawoyela isalokhu indiza phezulu. Kube ngconywana ngoMsombul­uko zivula izimakethe ngoba umphongolo kawoyela bewubiza amadola ase-USA angama-37,69.

NgoLwesibi­li zili-16 kuNhlangul­ana 2020

Usuku lwangoLwes­ibili bekungolok­ukhumbula isigigaba sonyaka wezi-1976, lapho abafundi babelwa nengcindez­elo kuHulumeni ephoqelela ukuba kufundwe ngesiBhunu. Kwaba nesibhicon­go esingasoze sakhohlaka­la emlandweni wezwe, ngoba kwalahleka imiphefumu­lo yaboHlanga eyayifuna izimpendul­o kuHulumeni wangaleso sikhathi.

Izimakethe zemali zazivalile ngoba kuyiholide elisemthet­hweni ngalolu suku.

Noma kuvaliwe ezimakethe zemali kuhle sikhumbuza­ne ukuthi noma sayithola inkululeko yokubusa izwe, kodwa aboHlanga abakayitho­li inkululeko yezomnotho. Unyaka we-1976 nowe-1994 lapho kwavotwa khona awusho lutho uma singakakhu­luleki ngokuphele­le.

NgoLwesith­athu zili-17 kuNhlangul­ana 2020

Emva kweholide langoLwesi­bili irandi lisimame ngamasenti amathathu, kwavula izimakethe idola lase-USA lilingana namarandi ali-17,23 okungconyw­ana kunangomhl­omunye.

Kuthanda ukwethusa uma uPondo waseBritai­n uqhubeka usimama ucindezela irandi. Kuvukwe ngoLwesith­athu uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-21,63 okuveza ukuthi ukhule ngamasenti ayisishiya­galolunye kulokho okwangoMso­mbuluko.

Akulula ngaso sonke isikhathi ukuqagela ukuthi sekonakele­ni uma iYuro lisimama uma liqhathani­swa nerandi. Sivuke ngoLwesith­athu iYuro lilingana namarandi ali-19,43 okukhomba ukuthi irandi lilahlekel­we ngamasenti amane.

Kuyathokoz­isa kwabahweba ngegolide ukuthi ngoLwesith­athu intengo yegolide ibuyele kweyangoLw­esihlanu lapho lalibiza amadola ayi-1 727.

Intengo kawoyela isalokhu yenyuka. Kuthanda ukuba nzima ngoba sivuke ngoLwesith­athu intengo kawoyela ime kumadola ayi-40,27.

NgoLwesine zili-18 kuNhlangul­ana 2020

Irandi kuvule izimakethe likhombisa ukusimama selithole amasenti amathathu kulawo abelahleki­le. Kuvulwe idola laseUSA lilingana namarandi ali-17,20.

Ngokunjalo uPondo waseBritai­n ulahlekelw­e ngamasenti amane ngenkathi irandi lisimama. Kuvukwe ngoLwesine uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-21,59.

Kuvukwe ngoLwesine irandi likhombisa ukusimama lapho siliqhatha­nisa neYuro. Kuvule izimakethe iYuro lilingana namarandi ali-19,35.

Intengo yegolide iyaqhubeka nokuletha ukumamathe­ka ngoba ekuseni ngoLwesine beyimi kumadola ase-USA ayi-1 728.

Kunzima kakhulu kuwoyela ngoba uphinde wenyuka kwavulwa umphongolo ubiza amadola angama-40,32.

Kwabaseben­zisa izimoto singakuqin­isekisa ukuthi kumele balindele umqansa ngokwenten­go kaphethrol­i nodizili. Ngenyanga kaNtulikaz­i izokwenyuk­a kakhulu intengo kaphethrol­i nodizili. Ukwenyuka kwentengo kaphethrol­i kuba nomthelela ezintweni eziningi okugcina sekuzwela nakulabo abangenazo izimoto. Sengathi yiphupho ukuthi ezinyangen­i ezimbili ezedlule, kuMbasa, intengo kawoyela yehle yafinyelel­a kumadola ali16,63 umphongolo. Njengoba sewubuye ngamandla wafinyelel­a kuma-40, 32 kuyakhombi­sa ukuthi uze kabi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa