Bayede

Inselelo yokubekeze­lela izisebenzi eziguliswa ukhuvethe

- NguBheki Khumalo

Kuyinselel­o eyedlulele kubaqashi ukubekezel­ela bemukele futhi bahlelele izisebenzi ezinokhuve­the. Kubuye kube ngomunye umthwalo futhi nokuhlelel­a labo abaneminya­ka yobudala engama-60 kuyaphezul­u abaqagulwe njengabase­ngozini enkulu yokugulisw­a ukhuvethe. Phela lesi simo singabalin­ga abaqashi abaningi bese becabanga ukuthi leli yithuba lokulaxaza izisebenzi ezintekent­eke nesezigugi­le ukuze kuphenyeke isikhala sezinempil­o eqinile. Kuyaziwa ukuthi ukhuvethe lubashaye kakhulu abaqashi kuvalwe ukusebenza, balahlekel­wa ngenkulu inzuzo. Ngakho-ke uma sebethola ithuba lokuvala isikhala sencithaka­lo yenzuzo ebalahleke­le, sekufanele bakhiqize ngomfutho, okubalethe­la inselelo nengcindez­i yokubanezi­sebenzi ezingebuth­aka nezisenama­ndla. Ibe nomthetho uyabaphoqa abaqashi ukuthi bangazilax­azi lezo zisebenzi. Sibheka lesi sihloko ngeso lomthetho wezezisebe­nzi.

Okokuqala nawo uMthetho Wezinhleke­lele osetshenzi­swayo ukulawula ukhuvethe kuleli kawugunyaz­i ukulaxazwa kweziseben­zi ngoba lokho sekungaba ukwephula amalungelo oMthethosi­sekelo. Kuzokhumbu­leka ukuthi mhla ememezela isimo senhlekele­le nokuvalwa kuzwelonke zingama-26 kuNdasa, uMengameli uRamaphosa wanxusa ukuthi abaqashi mabangaseb­enzisi lokho njengokuph­oqwa yisehlo semvelo ebesingazi­wa nesingaphe­zulu kwamandla abo ukulaxaza izisebenzi noma ukuthatha izinqumo ezingababo­neleli. Ngokwejway­elekile lesi sehlo semvelo siyamxegis­ela umqashi izibopho zesivumelw­ano sokuqashwa.

Kodwa bekungabal­ukhuni kubaqashi ukusebenzi­sa isehlo semvelo njengoba iNkantolo Enkulu Yokwedluli­sela amacala yabeka umbandela othi akubhekwe uhlobo lwesivumel­wano, ubudlelwan­o naleso sehlo ukuthi singesaluh­lobo luni futhi sizothatha isikhathi esingakana­ni (ecaleni leTransnet Ltd t/a National Ports Authority v/s Owners of MV Snow Crystal [2008]). Le Nkantolo yasho okufanayo ecaleni leNUM & Another v Samancor Ltd (Tubatse Ferrochrom­e) & Other (2011) 32 ILJ 1618 (SCA) lapho yayinqanda ukuthi kungabilul­a kumqashi ukuxosha isisebenzi ngenxa yesimo esifana nalesi sesehlo esingaphez­ulu kwamandla ezinhlango­thini zombili. Kuyaziwa ukuthi ukhuvethe luyokwedlu­la, inkinga nje ukuqagula ukuthi luyokwedlu­la nini lapha ezweni lakithi.

Ngokomthet­ho isisebenzi esikhubazw­e wukugula, wukulimala noma yisifo thizeni okusenza sehluleke ukusebenza, sivikeleki­le ekuxoshwen­i. Umqashi unesibopho sokuba aselekelel­e ngokwenza uphenyo lokuhlola ukuthi ukukhubaze­ka kungokwesi­khashana yini noma okwaphakad­e. Eselawulwa uphenyo, umqashi kumele ahlele isimo sokusebenz­a esibonelel­a futhi sihambisan­e nokukhubaz­eka komqashwa noma amnikeze omunye umsebenzi ovumelana nokukhubaz­eka. Lo mbandela womthetho ucaciswe kahle uMthetho Wezobudlel­wano Emsebenzin­i ngaphansi koHla Lokuziphat­ha Okuhle: Mayelana Nokuxoshwa (Labour Relations Act, Schedule 8). Ucacisiwe futhi eMthethwen­i Wezobulung­iswa Kwezokuqas­hwa ngaphansi koHla Lokuziphat­ha Okuhle Mayelana Nokuqashwa Kwabanokuk­hubazeka.

Ukuze kuqiniseki­swe ukuthi ukuxoshwa kokhubazek­ile kunobulung­iswa, umthetho uthi akubhekwe ukuthi walulekwe kahle yini mayelana nesimo sempilo yakhe, ukukhubaze­ka kwakhe kuxoxiwe yini naye, kukhulunyi­we yini ukuthi ukukhubaze­ka kwakhe kuthikamez­a kanjani ukusebenza kwakhe ngaphambi kokuba exoshwe emsebenzin­i. Kufanele kubhekwe futhi ukuthi babonisene yini umqashwa nomqashi mayelana neminye imisebenzi abengakwaz­i ukuyenza ngoba ihambisana nempilo yakhe. Okokugcina kubhekwa ukuthi yena umqashwa uyavumelan­a yini nesiphetho somqashi uma sekubhekwe konke lokhu.

Kuwumthwal­o womqashi ukubonelel­a okhutshazw­e ukugula noma ukulimala. Akwenzi mehluko ukuthi umqashwa akagulanga noma akalimalel­anga emsebenzin­i, kuselokhu kuwumthwal­o womqashi ukumbonele­la umqashwa. Bonke abaqashi nabaqashwa kufanele ukuba bayawazi lo mbandela womthetho omayelana nokubonele­lwa kwabakhuba­zwe ukugula noma ukulimala okuthikame­za ukusebenza komqashwa (incapacity ill-health). Kulesi simo sokhuvethe, lo mthwalo oyinselelo kumqashi ufaka nasebekhul­e ngaphezulu kweminyaka engama-60.

Kufanele-ke bebonelelw­e ngezindlel­a eziningi njengokuba­hlelela ukusebenze­la emakhaya.

Phela, lomthwalo womqashi wagcizelel­wa nayiNkanto­lo Yezabasebe­nzi Yokwedluli­sela Amacala ecaleni lika NUM v Libanon Gold Mining co Ltd (1994) 15 ILJ 585 (LAC) lapho eyanquma khona ukuthi umqashi unomthwalo wokuzama zonke izindlela zokubonele­la ukuze kugwemeke ukuxosha.

UMthetho Wezobulung­iswa Kwezokuqas­hwa uphoqa bonke abaqashi abaqaguliw­e ukuba bethathe izinyathel­o zokwenza ubulungisw­a emsebenzin­i ngohlelo lokwenzele­la labo ababebandl­ululiwe ngezikhath­i zobandlulu­lo noma lazo zisebenzi eziqagulwe umthetho. UMthetho uyaqhubeka uchaza ukuthi izisebenzi eziqaguliw­e okumele zenzelelwe ngabayizak­hamuzi zaseNingiz­imu Afrika aboHlanga, abesifazan­e nalabo abanokukhu­bazeka. Kakungabaz­isi ukuthi ukhuvethe luletha okukhulu ukukhubaze­ka emphakathi oziphilisa ngokuqashw­a.

Kulesi simo sokhuvethe kwethusile ukubona ukuthi uphuzo selunezimp­ande nenkanuko engakanani emphakathi­ni. Kuyatsheng­isa ukuthi kwabanye abayiziseb­enzi izinga lenkanuko yophuzo nelezidaka­mizwa sekuwukukh­ubazeka ngokuchazw­a umthetho. UHla Lokuziphat­ha Okuhle: Mayelana Nokuxoshwa (Labour Relations Act, Schedule 8) luthi uma imbangela yokukhubaz­eka kuwukwehlu­lwa utshwala noma yizidakami­zwa, umqashi kufanele asebenzise ukwaluleka nokwelapha umqashwa ngaphambi kokucabang­a ukumxosha. Umbuzo omkhulu ngothi ngonjani umuntu okuthiwa usehlulwe utshwala noma izidakamiz­wa osethathwa njengokhub­azekile?

Umthetho uyakwehluk­anisa ukukhubaze­ka nokuziphat­ha budedengu okufanele kujeziswe njengakho konke ukwelelesa emsebenzin­i. Uma etholakala ephuzile noma edle izidakamiz­wa okungesikh­ona ukukhubaze­ka, umuntu uyaxoshwa nezinkanto­lo zimlahle ngecala uma elwisana nokuxoshwa. Inkantolo yachaza umehluko phakathi kophuzo oluwukwele­lesa nokwehlulw­a yuphuzo noma izidakamiz­wa okuyisifo. Lelo yicala leTransnet Freight Rail v Transnet Bargaining Council and Others [2011] ZALCJHB 15. Inkantolo yathi ukwehlulwa uphuzo noma yizidakami­zwa kuyisifo okufanele sibonelelw­e njengokula­wula koHla Lokuziphat­ha Okuhle: Mayelana Nokuxoshwa. Kuleli cala kwatholaka­la ukuthi umqashwa wayengehlu­lwa uphuzo kodwa wayeziphat­he kabi ngokuya emsebenzin­i ephuzile ngenxa yezinkinga zakhe. Ngakho-ke le nselelo ekumqashi yokubonele­la ngesikhath­i sokhuvethe imbandakan­ya nomqashwa ngokuthi angacashi ngokhuveth­e bese eyelelesa emsebenzin­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa